USehlulamanye (Pterocelastrus echinatus, White Candlewood

Nina abeNdlovu yakoDelwase abayihlabe ngeNjongolo bayibangela amanxeba okuluphala! USongobese wamakhanda inkomo yanganene , izothengana nayiphi na eNenekazi? Izothengana noMbangambi woVuma eMashobeni! #ISilo saBathethwa leso iSilo uDingiswayo ka Jobe iMpunzi evuke nimkhonto. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo kungumhla wesine kuNtulikazi onyakeni ka 2023(Julayi). Nina beSilo le Nduku eniyibonayo ibizwa ngoSehlulamanye ngesiZulu, uSehlulamanye amakhubalo . Umuthi wokulwa lona , uyintelezi kanti ubuye welaphe futhi. OSosayensi bawubiza nge Prerocelastrus echinatus. NgesiNgisi ubizwa ngeWhite Candlewood. Lo muthi usemndenini owodwa neGobandlovu , nawo endulo kwakukhanyiswa ngawo njengalo iGobandlovu. Uma uvutha ukhipha ilangabi elikhulu elephuzayo futhi ukucisha. Ngaso futhi isiNgisi le Nduku ibuye ibizwe nge White Cherrywood ngenxa yezithelo ezithelayo. Iyakhula le Nduku nina beSilo yedlula emamitheni ayiShumi nanhlanu kuya kwangamaShumi amabili. NgesiVenda ibizwa ngoMutongola. NgesiBhunu kuthiwa u  Witkershout.

Wenzani uSehlumanye ?

Nina beSilo le Nduku iyintelezi yokulwa futhi eqinisa ezinye ziNduku entelezini,ifana neSibhaha.  Ingena kakhulu kwezokukhipha isichitho , ingena njengomuthi uzokulwa. KwiziNtelezi kusebenza ixolo layo le Nduku. Liyageza , liyagquma liyaphalaza futhi. Liyathakwa emithini yamacala, kwezabantu abahamba izinkantolo ngenxa yecala eliqhubekayo. Liyangena futhi kwezamacala asemsebenzini oHearing. Lisebenza ezindaweni eziningi ixolo likaSehlulamanye. Liyangena futhi nakwezokuphalazela iDliso. Lihle kakhulu nakwezeZizwe phecelezi aMafufunyana. Liyangena nakwezogeza amabhadi , liyagquma, liyageza liyaphalaza. Liyangena nakwezezitha. Lingena kakhulu nakwezokwakha isithunzi, liye liqhathwe nabo uMathunzentaba kanye neminye imithi. Lihle kahulu nakwezokucupha ikhaya, liyangena nakwezokukhipha isilwane. Kahle-hle umuthi wokulwa lona. Uma uxakwe yidliso thatha ixolo likaSehlulamanye uligxobe bese uyalibilisa wenze eSiphungo oyosiphuzela isifuba sedliso. Izimpande zikaSehlulamane zona zingena ezimbizeni ezihambisayo, zinhle kakhulu ekwelapheni iBuba. Ziyaphuzwa , ziphinde zichathe futhi.


Khumu!

Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngeKhubalo>

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo