Nina abaka Menzi akabongwa ngaBalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini , iNtethe egolwe nganti zamkhonto kithi kwaMalandela! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabande, ngethemba basaphila abeSilo kungumhla wamashumi amathathu kuNhlangulana onyakeni ka 2023, siyigoqa inyanga ka Juni. Cha, thina sisaphila kwaSokhumalo. Nina beSilo le Nduku esesithombeni kuthiwa uLozilina igama layo , ngesiSayensi ibizwa ngeCinnamomum camphora . Nina beSilo le Nduku inamakha anuka kamnandi , kwenziwa ngayo iSigcobo iKhemfa . NgesiNgisi ibizwa ngeCamphor tree. AmaBhunu ayibiza nge Kanferboom.
Yenzani le Nduku?
Nina beSilo le Nduku ingenye yeziNduku ezihamba phambili kwezoBulomo kanye nezeNhlanhla. Kusetshenziswa kakhulu ixolo, liyaphalaza , liyageza , liyakhafula , liyagquma. AmaSoka ayithanda kakhulu le Nduku , awayishiyi eNdukwini yawo yokuphalazela ugazi , iNduku ebandakanya iNhlanhlemhlophe, uBhubhubhu, uMusa , uFoshela , uMtholo, uBuvimbo kanye nezinye iziNduku. Nina beSilo ayithakwa kakhulu , ifana noMkhanyakude , kuthiwa chatha nje intwana encane . AmaSoka abuye agqume, aphinde ageze futhi ngayo , ayithaka nawo uBhubhubhu , iShaladilezinyoka kanye neminye imithi . Le Nduku nina beSilo iyangena naseZikhafulweni , iyangena futhi nakwezobuyisa isithandwa . Le Nduku nina beSilo iyangena nakwezokufesa umsebenzi , iyageza , iyagquma , iyaphalaza iyakhafula futhi. Ezikhafulweni igiya kakhulu noMlomomnandi. Le Nduku nina beSilo iyangena naseZibungeni zokudonsa uMnotho .Iyangena kwezamaBhizinisi. Nabantu besifazane bayayisebenzisa le Nduku, ngenhloso yokuthandeka kuBayeni babo , noma kumaSoka abo. Nabo bayithaka neziNduku ezifanayo , iziNduku ezimhlophe zeNhlanhla.
Khumu!
Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” . Niphile nina abakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyanguiwa kithi KwaZulu! UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi eMaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi ngeyawo Dambuza ka Ntombela!