Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Umlando ngomlungu u-John Dunn(uJantoni)

UMngisi uJohn Dunn wayenguMngisi owayedume ngobuqili nangokungethembeki .  Wayedume kakhulu ngelikaJantoni. Abazali bakhe kwakungoRobert Newton Dunn kanye no Ane Harod Dunn  . Wayezalelwe endaweni yasePort Alfred buqamama nedolobha laseBhayi eEastern Cape . Lo mfo woMngisi washonelwa ngabazali bakhe oRobert noAne esemncane eneminyaka elinganiselwa kwelishumi-nane(14) kwaphoqeka ukuba ayokhuliswa yizihlobo zakhe. Wagcina esezithola esezweni lakwaZulu (Natal) nokuyilapho ashonela khona . Cishe impilo yakhe yonke wayiphilela kwaZulu . Wazalwa ngonyaka we 1835 , wedlula emhlabeni ngowe 1895 . Si... qhubeka ufunde »

Msane

Abantu bakwaMsane abande kakhulu eHluhluwe nakoMtubatuba bakhumbuleka kakhulu ngamaqhawe abo amabili oNxaba kaMbekane noMgobhozi kaNongqwewu Msane . UNxaba Msane wayebusa isizwe sakwaMsane ngesikhathi iLembe lihlanganisa izizwe ngeminyaka yama 1800 . Umuzi weNkosi uNxaba kwakusoGobeni , lowo muzi wa... qhubeka ufunde »

Hlophe

Abantu bakwaHlophe imvelaphi yabo iseSwazini. Isibongo sakwaHlophe singesinye sezibongo ezehluke ngezithakazelo noma ngithi ngezithopho . Isibonelo nje bakhona oHlophe abangamfaki uThumbeza ezithakazelweni zabo . UThumbeza yisona sithakazelo abantu bakwaHloph abaziwa ngaso . Kodwa bakhona abanye oHl... qhubeka ufunde »

Mothiba

Re Bakone ba Ntšhi Dikgolo, Bakone baila tlhantlhagane, Bana ba thaba ya magoši, Bakone baila nonyane e podudu, Matlala sekgoba dinaga tšabo makgolo’ a’ gwe Mokone. Ke leditše molodi setumong ke kwele ke mmalebogo borwerwe, ‘Mapela a Ntheeletša aba a nkwa, Ke ngwana wa mma re agisane e bi... qhubeka ufunde »

Umlando ngeSilo uCetshwayo 

Umlando ngeSilo uCetshwayo kaMpande: ISilo uCetshwayo sabusa ngesikhathi esinzima kwaZulu ngoba sabusa ngesikhathi abeLungu sebefike baze banethezeka , sebeqala nokushaya imithetho ezweni likaMthaniya ngoba eqinisweni ngaleso sikhathi basebeqalile vele ukulidla elakwaZulu . Empeleni abeLungu bafika kudala ngesikhathi iLembe lihlanganiswa izizwe ukuba zibe yisizwe esisodwa esinguZulu.  Kuzokhumbuleka ukuthi uHenry Fynn nebandlana lakhe bafika kwaZulu kusabusa lona iLembe , yilona elabasikela indawo yokwakha lapho sekuseThekwini khona namuhla.  Labo beLungu babengamaNgisi .Kwahamba kwahamba lelo dlanzana lamaNgisi lajikeka uZulu ,laba isitha esikhulu. Kuyakhumbuleka ukuthi uHenry Fynn wesibili nguyena owayexhasa uMntwana uZibhebhu ezinduku zamagwala ukuba ahlasela uMbuso kaZulu ngaphansi kweSilo uCetshwayo nangesikhathi seSilo uDinuzulu.  UFynn wesibili wayezalwa nguFynn okuqala yena kanye owayekhonze ngaphansi kweLembe , owasikelwa indawo lapho sekuseThekwini khona. Sesibuyela eNgonyameni uCetshwayo kaMpande: INgonyama uCetshwayo yayizalwa yiNgonyama uMpande kuNdlunkulu uNgqumbazi Zungu(okaMondi) .UMntwana uCetshwayo nguyena owayemdala kuBantwana beSilo uMpande . Esiswini sikaNina uNgqumbazi wayezalwa noMntwana uMbixambixa noMntwana uNdabuko. UMntwana uNdabuko wahlupheka kakhulu neNgonyama uDinuzulu ewa

Dikgale

Ke Dikgale tshošaikobong, Mapogola a Itebetse, Mokone wa Mmina Phiri Mothalakga Ya re ngou e jele batho, Mothalakga. Ke batho ba Madidimetša Bodiba, Ba moya noka a sena pego a itshepa go didimetša bodiba. Ke Mapitša mpe a ga-Dikgale, Se apea matlabetlabe makura a tšwa ka dikgetlo. Ke batho ba K... qhubeka ufunde »

Bahlaloga

Agee Bahlaloga! O hlagogile mohlaloga morwa’ sebodu sa Matome Morwa’ tshilo e sila botle, e sila ka Mokgadi a bo lehaiwa mmele, ga sile e a haila. Ke kwele ba re Manamela Ka hloma a namela thaba Anthe ke morwa’ sebodu sa matome Morwa wa bo mokgoba a kgoboketsa bahlaloga Ba boye ka ... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNkosi uHlubi Molefe 

Inkosi uHlubi Molefe yayibusa abaTlokwa bakwaMolefe ababezinze endaweni yaseNtabazwe(Harrismith) ngesikhathi saminyaka yama 1800. Yayikade iqale ukubusa ngemuva kokwehlulwa kweNkosi uSekonyela kaMokotjo ihlulwa yiNkosi uMushweshwe . Kwathi lapho isihluliwe iNkosi uSekonyela yabaleka yaphikelela eKoloni nokuyilapho yagcina ikhothamele khona.  Ngemuva kokwehlulwa kweNkosi uSekonyela abaTlokwa bazithola sebeyisizwe esingenayo iNkosi . Ngakho-ke izikhulu zakwaMolefe zagcina ziqoke uHlubi kaMotha owayezalwa eKhohlo lakwaMolefe. Uyise weNkosi uHlubi wayezalwa eKhohlo , engumfowabo weNkosi uSekunyela . Igama likhe kwakunguMotha ka Mokotjo . Wabusa-ke uHlubi ebusela endaweni yaseSefate khona eNtabazwe nokuyilapho kwakwakhe khona umuzi weNkosi uSekonyela waseJwalabhoholo .  Kwakuyiminyaka yama 1870s ngaleso sikhathi nokuyisikhathi lapho amaNgisi ayemise kabi iSilo uCetshwayo . AmaNgisi agcina agcina esesikele iNkosi uHlubi indawo eSinquthu ngenhloso nje yokudala izinxushunxushu , kuphazamiseke uMbuso weSilo uCetshwayo . Ngakho-ke iNkosi uHlubi yagcina engenye yamakhosi ahlonyiswa ngezibhamu ahlasela uZulu. Ngamanye amazwi lawo makhosi ayeyizimaku zamaNgisi . Kulawo makhosi singabala inkosi uYamela kaPhangandawo Shange,uMntwana uHhamu kaMpande(kaNzibe) , uMntwana uZibhebhu namanye .

Thekiso

Mokwena Moila letlhaka, Moraka metsi a pula. Nkwe se kgata ka boya. Mokwena wa Ntshi Dikgolo, Kwena sekopantsha dichaba, Seboptjwa ka letsopa. Seabula letsopeng, Seabodi sa di noka. 

Lekhatlanya

Molefe Motlokoa Qalana la ra mpai lerota ntshwe. Motho wa Seyala se kgaohile motonosi, Ha se a kgaoha se entse lehohoba. Mankga lefotha le mohla ho sa hlajwang.  

error: Akuvumelekile lokho !!