Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Mngwengwe

Umlando Nezithakazelo ZakwaMngwengwe #Ucashunwe ku-Lwazi Programme. *Izithakazelo zabo* Mngwengwe kaZitha kaNyamande Nyama kayishi, isha ngomphephezelo. Abehla ngomzungulu wasala wabola *Umlando wabo:* Abantu bakwaNgwengwe bavela enkabazwe lapho bephuma khona.Behla njalo ngasogini oluseMpumalanga baze bafika lapho kuseMozambique base besabalala abanye badlulela eSwazini baqhubeka abanye laba esesibathola kwaZulu. Inkosi yaso lesi sizwe yayikade inamadodana amabili angamawele. Kwenzekile ke elidala laqonywa yintombi. Lamawele abefana ngalendlela yokuthi bekunzima ukuwahlukanisa. Nentombi ibihluleka nawukuwahlukanisa indlela abefana ngayo. Kuthi lapho inkosi isiguga yathi eweleni elidala alikhombe intombi ukuze liganwe bese elibeka esikhundleni sobukhosi. Kanti elincane liyakuzwa lokho okushiwo inkosi kumfowabo omdala. Labe seliya entombini lathi uyise ufuna ukulibeka esihlalweni sobukhosi nokuthi laqhubeka lathi selizondwa nayileli elinye iwele, lifuna ukulibulala, ngakho abeqe. Nebala beqa nebutho labalandeli baze bafika lapho kuyiKwaZul khona namuhla, njengoba sekushiwo. AbakwaZondi bafika kamuva ababebaleke kubo kwaDlamini eSwazini. Kamuva nje sekubusa iLembe KwaZulu, ngelinye ilanga kwakucitshwa inseam. Kwakuneqhawe lakwaNgwengwe elalinemba kangangoba laze laciba ibhece lisekhanda lentombi

read more

Machi

  Umlando ngesibongo sakwaMachi *Kuloba uMthokozisi Fabase Dlomo* AbakwaMachi kusengabantu bakwaXolo njengoba bezalwa umuntu munye uMsuthu kaNtamonde kaSabela kaHenge. Lezizwe sizithola sezisendaweni yaseMatatiela esiDumbini zibuswa inkosi Sabelo zidabuka eLusotho. Sekubusa inkosi Ntamonde kwab... qhubeka ufunde »

Mathonsi

Umlando ngesibongo sakwaMathonsi Abantu bakwaMathonsi kuthiwa baphuma eBathenjini , kuthiwa bahlobene futhi nabantu bakwaMadondo. Endulo sibathola bakhe ngaphansi kwentaba iQhudeni ngaseNkandla. Kuthiwa abantu bakwaMathonsi baphuma kuBathembu abangoMvelase, namuhla esibathola bethe chithi saka eMsin... qhubeka ufunde »

Mncwabe

Umlando ngesibongo sakwaMncwabe Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo *Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Maswidi Mbatha esihloko sithi’Ziphuma eguleni’* Abantu bakwaMncwabe sibathola endulo bezinze ngasoThukela endaweni eyaziwa ngokuthi kuseMpofana. BangaBambo Nguni ngokwezigaba zab... qhubeka ufunde »

Mpontshane

Umlando ngesibongo sakwaMpontshane Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Maswidi Mbatha ethi ‘Ziphuma eguleni’ Abantu bakwaMpontshane kusengabantu bakwaButhelezi, baphuma kuJeqe Buthelezi owabe eyiNsila yeSilo uShaka . Ngenkathi uJeqe eyiNsila lapha... qhubeka ufunde »

Mkhulise

Umlando ngesibongo sakwaMkhulise Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo(Bongani Kholo Khumalo) Abantu bakwaMkhulise baphuma kuBaThembu bakwaMvelase , ababeholwa yinkosi uNgoza ka Mkhubukeli ngesikhathi seSilo uShaka. AbakwaMvelase bayindlu encane yaBaThembu, indlu enkulu yilena ezibiza ngokuthi ingey... qhubeka ufunde »

Mdunge

*Umlando ngesibongo sakwaMdunge* -Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo(Bongani Kholo Khumalo) Abantu bakwaMdunge baphuma kuMdunge owabe engenye yamadodana enkosi uMnguni ka Ntu. UMnguni ka Ntu nguyena odabula wonke amaNguni.Naso isizwe samaDunge sehla ngesilulu sisuka lena enhla nezwekazi lase-Afri... qhubeka ufunde »

Mpala

Umlando ngesibongo sakwaMpala. Ezweni laseZimbabwe ngasengxenyeni eyaziwa ngokuthi kukwaMzilikazi noma kwaMthwakazi kukhona abantu besibongo sakwaMpala. Labo bantu sibathola endaweni yaseMos o ya tunya, nokuyindawo edume kakhulu ngokuthi kuse Victoria Falls . Lendawo ineZimpophoma eziheha abavakashi... qhubeka ufunde »

Mehlape

Sereto sa Mehlape ****Mehlape a mmoyaphokeng swana ya boditsibogolo sebokela dingwe diboba. Bja go kgahla o tumule ore go tumula o tame o ba bokela pele o yago, o se ele sa ruri sa motho ke gore go ya a boya a re fa tša mosepelo.Bja nkgahla ke a tumula bja gara pholo e e ya pele,morago ke pholo ya ... qhubeka ufunde »

Mguni

Umlando ngesibongo sakwaMguni.   Abantu bakwaMguni ngesibongo sakwaMguni abatholakala eNingizimu yezwe laseZimbabwe engxenyeni ebizwa ngokuthi kukwaMzilikazi noma kwaMthwakazi nokwabe kuyizwe leNkosi u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo ngaphambi kokuba lidliwe ngamaNgisi ngowe 1893. Laba bantu bak... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!