Umlando ngabantu bakwaMadlala UNjenje wazala,uSomagodla ozihasho zithi ‘Somagodla owagodla ingwe nengonyama’.Yena wazala,uSozabe owazala,uNengu noMajola.UNengu wazala uQoma owazala uZamisa,uZamisa wazala uGodongwana,uGodongwana wazala uMashaba.UMajola wazala uGaju owazala uNdlovu noMatom... qhubeka ufunde »
Izithakazelo nomlando wakwaMathamba(AbaseMacambini) Abantu bakwaMathaba ababuye baziwe ngokuthi bangabantu baseMacambini bangaMalala Nguni ngokwezigaba zabeNguni.Sibathola bakhe ngasemfudlaneni iNyalazi beholwa nguMathaba uqobo.Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi uMathaba ubukhosi bawela kwindla... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaMolefe Abantu bakwaMolefe bangabeSuthu abangabaTlokwa.AbeSuthu bahlukaniswe izigatshana,kukhona abaKgatla,abaHurutsi,abaKwena,abaFokeng nabanye abaningi .Bonke abeSuthu baphuma kuBafokeng.AbaTlokwa baphuma kubaKgatla nabo abaKgatla bephuma kubaHurutsi,abaHurutsi bephuma kubaF... qhubeka ufunde »
Izithakazelo nomlando wakwaMncwabe Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Maswidi Mbatha esihloko sithi’Ziphuma eguleni.Abantu bakwaMncwabe sibathola endulo bezinze ngasoThukela endaweni eyaziwa ngokuthi kuseMpofana.BangaBambo Nguni ngokwezigaba zabaNguni, imvelaphi yabo ikubantu bakwaDlamini ... qhubeka ufunde »
Izithakazelo nomlando wakwaMkhwanazi Abantu bakwaMkhwanazi imvelaphi yabo isenhla nezwe njengabo bonke abaNguni.Ngokwezigaba zabaNguni bona bangaMalala Nguni.Ngenkathi befika kwelakwaZulu babekade beqhamuke eSwazini.Ngaleso sikhathi elakwaZulu kwakusengelalwaMthethwa. Kwakubusa inkosi uKhayi nokuyiy... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaMeyiwa Abantu bakwaMeyiwa kusengabantu baseMasomini.UMeyiwa okwaqanjwa ngaye isibongo wayengenye yamadodana enkosi uMoyeni ka Nomndayi.Wayengumnewabo ka Singila nokunguyena owalandela iNkosi uMoyeni esihlalweni sobukhosi ngemuva kokukhothama kwayo.Ngokwezigaba zabaNguni abant... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaMasinga Abantu bakwaMasinga baphuma kubantu baseLangeni,abantu bakwaMhlongo.Abantu bakwaMhlongo bona baphuma kundlunkulu yaseSwazini ebizwa ngokuthi ngaMalangeni(Dlamini Mlangeni),ingakho bebizwa ngokuthi ‘abaseLangeni’,lokho kuchaza ukuthi bangabaMbo Nguni ngokwe... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaMathenjwa Abantu bakwaMathenjwa njengamanje batholakala laphaya ezintabeni zaseNgwavuma,indawo yabo yaziwa ngokuthi kuseManyiseni. Empeleni abantu bakwaMathenjwa basemngceleni waseSwazini neMozampiki kanye nelakwaZulu. Uma ufika endaweni ebizwa ngeminye imizi yakwaMathenjwa o... qhubeka ufunde »
Imvelaphi yabantu bakwaNzimande iseSwazini .Laba bantu bakwaNzimande bangaBambo Nguni ngokwezigaba zabaNguni. AbakwaNzimande baphuma ebukhosini baseSwazini, baphuma kuNdzimandze owabe engenye yamadodana enkosi uDlamini, elamana noNkosi owabe eyinkosana futhi okunguyena owalandela inkosi uDlamini esi... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaMbeje Abantu bakwaMbeje ,abakwaMbatha ,abakwaShandu, abakwaKweyama nabakwaDladla bangabantu baseMambatheni .Ize sekukhona ukuganiselana kulezi zibongo ngesizathu sokwentula ulwazi kodwa empeleni laba bantu bawumndeni owodwa nokuwumndeni waseMaMbatheni. Abantu baseMaMbatheni... qhubeka ufunde »