Mpala

Umlando ngesibongo sakwaMpala.

Ezweni laseZimbabwe ngasengxenyeni eyaziwa ngokuthi kukwaMzilikazi noma kwaMthwakazi kukhona abantu besibongo sakwaMpala. Labo bantu sibathola endaweni yaseMos o ya tunya, nokuyindawo edume kakhulu ngokuthi kuse Victoria Falls . Lendawo ineZimpophoma eziheha abavakashi abasuka umhlaba wonke jikelele. Abantu bakwaMpala bangabaTonga ngokwendabuko . Ngaphambi kokuba kufike iNkosi u-Mzilikazi kuleya ndawo abantu babekade baziwa ngokuthi bangabakwaDombe, kuhambe kwahamba bagcina besebenzisa uMpala njengesibongo ngoba impala kuyisona silwane abasihloniphayo emndenini. Abantu bakwaMpala kuthiwa bayiphatha kahle kakhulu iNkosi u-Mzilikazi ngenkathi yedukelene nengxenye yesizwe sayo eyayiholwa ngu-Ndunankulu u-Gundanekumitha Ndiweni ngenkathi kusukwe eMosega eNorth West . Kuthiwa yahlatshiswa kwadliwa impela kwafinywa ngendololwane, yaze yaqamba indawo yabo ngokuthi kukwaMbizakazibulawa, ngoba yayiphatheke kahle kakhulu. Kuyo leya ndawo yase Victoria Falls iNkosi u-Mzilikazi yabeka enye yezinsizwa zakwaMpala ukuba ibe iDuna layo, namanje leso sihlalo sisekhona, kuhlezi iNduna u-Dingane ebuye yaziwe ngelika Nelekoba

#Khumu!

Izithakazelo zakwaMpala

-Mzimkhulu

-Mabonyane

-Ngalonde

-Khali

-Gudu

-Chachamesela

#Khumu!

 

Mpala people are found in Zimbabwe , most of them are found it place called Mos o ya tunya just near Victoria Falles. These people are originally Tonga speaking people , but most of them can now speak isiNdebele fluently. IsiNdebele language is a langauge that is spoken in KwaMthwakazi which is the part that belonged to King Mzilikazi .. Before King Mzilikazi came to Lozwiland which is now known as kwaMthwakazi, Mpala people were known as the Dombe people, but after sometime they eventually changed to Mpala because regard an Impala as an family animal, some of Mpala people don’t even eat the animal. It said that the Mpala people gave King Mzilikazi friendly hosipitality when he lost track of the other section of his people which was led by Prime Minister Gundanekumitha ka Ndlovu Ndiweni.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo