Abantu bakwaMyeni bangaMaNtungwa Nguni . Isizinda sabo silaphaya eBabanango eduze nomfula uMhlathuze. Lapho okwakuxhumeke khona uMabaso noMchunu. Ngesikhathi belaphaya eBabanango kwakungashiwo ukuthi ngabakwaMyeni, kodwa kwakuthiwa ngabakwaMyeki. Umuntu owayeyikhanda lalaba bantu kwakunguMlambo noma... qhubeka ufunde »
Abantu bakwaMashabane bangabantu baseBuThonga .Bakanye nabantu bakwaGumede kaManukuza [hhayi owakwaQwabe]kanye nabakwaTembe . Kuthiwa ngabantu baseBuThonga nje ngoba bezalwa yindoda eyayiziwa ngokuthi nguMthonga kaNkalane kaSidlondlo . UMthonga lona ubuye abe ngukhokho wabantu bakwaTembe .Igama lika... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaMthembu Abantu baseBathenjini badatshulwa nguMthembu indodana ka Ntongakazi ,bangabaNguni bohlobo lwaNtungwa Nguni. Zimbili izindlu zaBathembu kleli laseNingizimu Afrika ,kukhona indlu enkulu yaBathembu nokuyindlu esebenzisa kakhulu uMthembu njengesibongo ,bese kuba khona ind... qhubeka ufunde »
Abantu bakwaMpanza baphuma kwaMthethwa, bangamaLala Nguni njengoba sazi ukuthi abantu bakwaMthethwa bayiwona. Sithola ukuthi enye yamadodana kaKhayi yanquma ukushiya yalandela abanye abakubo okunga bakwaMasondo, abaya kwelaseBaqulusini eVryheid. Leyo ndodana yahamba nabanye ngoba kwabe sekudlala ind... qhubeka ufunde »
Umlando Nezithakazelo ZakwaMngwengwe #Ucashunwe ku-Lwazi Programme. *Izithakazelo zabo* Mngwengwe kaZitha kaNyamande Nyama kayishi, isha ngomphephezelo. Abehla ngomzungulu wasala wabola *Umlando wabo:* Abantu bakwaNgwengwe bavela enkabazwe lapho bephuma khona.Behla njalo ngasogini oluseMpumalanga baze bafika lapho kuseMozambique base besabalala abanye badlulela eSwazini baqhubeka abanye laba esesibathola kwaZulu. Inkosi yaso lesi sizwe yayikade inamadodana amabili angamawele. Kwenzekile ke elidala laqonywa yintombi. Lamawele abefana ngalendlela yokuthi bekunzima ukuwahlukanisa. Nentombi ibihluleka nawukuwahlukanisa indlela abefana ngayo. Kuthi lapho inkosi isiguga yathi eweleni elidala alikhombe intombi ukuze liganwe bese elibeka esikhundleni sobukhosi. Kanti elincane liyakuzwa lokho okushiwo inkosi kumfowabo omdala. Labe seliya entombini lathi uyise ufuna ukulibeka esihlalweni sobukhosi nokuthi laqhubeka lathi selizondwa nayileli elinye iwele, lifuna ukulibulala, ngakho abeqe. Nebala beqa nebutho labalandeli baze bafika lapho kuyiKwaZul khona namuhla, njengoba sekushiwo. AbakwaZondi bafika kamuva ababebaleke kubo kwaDlamini eSwazini. Kamuva nje sekubusa iLembe KwaZulu, ngelinye ilanga kwakucitshwa inseam. Kwakuneqhawe lakwaNgwengwe elalinemba kangangoba laze laciba ibhece lisekhanda lentombi
read moreUmlando ngesibongo sakwaMachi Kuloba uMthokozisi Fabase Dlomo AbakwaMachi kusengabantu bakwaXolo njengoba bezalwa umuntu munye uMsuthu kaNtamonde kaSabela kaHenge.Lezizwe sizithola sezisendaweni yaseMatatiela esiDumbini zibuswa inkosi Sabelo zidabuka eLisotho.Sekubusa inkosi Ntamonde kwaba nempi yob... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaMathonsi Abantu bakwaMathonsi kuthiwa baphuma eBathenjini , kuthiwa bahlobene futhi nabantu bakwaMadondo. Endulo sibathola bakhe ngaphansi kwentaba iQhudeni ngaseNkandla. Kuthiwa abantu bakwaMathonsi baphuma kuBathembu abangoMvelase, namuhla esibathola bethe chithi saka eMsin... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaMpontshane Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Maswidi Mbatha ethi ‘Ziphuma eguleni’ Abantu bakwaMpontshane kusengabantu bakwaButhelezi, baphuma kuJeqe Buthelezi owabe eyiNsila yeSilo uShaka . Ngenkathi uJeqe eyiNsila lapha... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaMkhulise Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo(Bongani Kholo Khumalo) Abantu bakwaMkhulise baphuma kuBaThembu bakwaMvelase , ababeholwa yinkosi uNgoza ka Mkhubukeli ngesikhathi seSilo uShaka. AbakwaMvelase bayindlu encane yaBaThembu, indlu enkulu yilena ezibiza ngokuthi ingey... qhubeka ufunde »
*Umlando ngesibongo sakwaMdunge* -Kuloba INtungwa lasenhla kwaSokhumalo(Bongani Kholo Khumalo) Abantu bakwaMdunge baphuma kuMdunge owabe engenye yamadodana enkosi uMnguni ka Ntu. UMnguni ka Ntu nguyena odabula wonke amaNguni.Naso isizwe samaDunge sehla ngesilulu sisuka lena enhla nezwekazi lase-Afri... qhubeka ufunde »