Mngwengwe

Umlando Nezithakazelo ZakwaMngwengwe

#Ucashunwe ku-Lwazi Programme.
*Izithakazelo zabo*

Mngwengwe kaZitha kaNyamande
Nyama kayishi, isha ngomphephezelo.
Abehla ngomzungulu wasala wabola

*Umlando wabo:*

Abantu bakwaNgwengwe bavela enkabazwe lapho bephuma khona.Behla njalo ngasogini oluseMpumalanga baze bafika lapho kuseMozambique base besabalala abanye badlulela eSwazini baqhubeka abanye laba esesibathola kwaZulu. Inkosi yaso lesi sizwe yayikade inamadodana amabili angamawele. Kwenzekile ke elidala laqonywa yintombi. Lamawele abefana ngalendlela yokuthi bekunzima ukuwahlukanisa. Nentombi ibihluleka nawukuwahlukanisa indlela abefana ngayo. Kuthi lapho inkosi isiguga yathi eweleni elidala alikhombe intombi ukuze liganwe bese elibeka esikhundleni sobukhosi. Kanti elincane liyakuzwa lokho okushiwo inkosi kumfowabo omdala. Labe seliya entombini lathi uyise ufuna ukulibeka esihlalweni sobukhosi nokuthi laqhubeka lathi selizondwa nayileli elinye iwele, lifuna ukulibulala, ngakho abeqe.


Nebala beqa nebutho labalandeli baze bafika lapho kuyiKwaZul khona namuhla, njengoba sekushiwo. AbakwaZondi bafika kamuva ababebaleke kubo kwaDlamini eSwazini.

Kamuva nje sekubusa iLembe KwaZulu, ngelinye ilanga kwakucitshwa inseam. Kwakuneqhawe lakwaNgwengwe elalinemba kangangoba laze laciba ibhece lisekhanda lentombi okwakungeyakwaZondi.

ILembe lancoma isibindi nokunemba kwalelo qhawe lakwaNgwengwe. UZondi waba nomona futhi kwamthukuthelisa lokho, enengwa ukuthi kwakungase kuvele ingozi. Kwaze kwaba nempi phakathi kwalezi zizwe. Ngenxa yokuthi kwakusebusika, kuyisikhathi sokuzingela, abanye bakwaNgwengwe babengekho beyozingela.

Behlulwa ke abakwaNgwengwe ngakho ngoba babengaphelele. Lokhu kwaholela ekutheni babaleke abakwaNgwengwe behla balibhekisa eNingizimu. Bazithela emfuleni iMfolozi emnyama igcwele. Bazama ukufuna indawo yokuwela bona nemfuyo yabo, kwasho ukuthi ukuthi idla izindwani imfolozi. Bathola isihlahla somzungulu esasimile ngaphesheya senabela nganeno lapho umfula uyinsonge khona.

Bawela ke ngawo kwasala insizwa ababehamba nayo, eyabe ingumdondoshiya, inkulu ngesiqu. Yathi yona ngeke ikwazi ukuwela ngomzungulu. Yasala lapho ke nabafazi nezingane zayo yaficwa abakwaZondi bayibulalela lapho. Labo bakwaNgwengwe ababekade beyozingela bafika isihambile enye ingxenye yabantu babo, Baphoqwa ukuba babe yingxenye yakwaZondi, benziswa namasiko nemikhuba yakhona, njengokugcaba ebusweni. Baqhubeka ke laba ababebaleka, bawela imifula eminingi baze bafika emfuleni umngeni lapho bafike bazinza njengoba belapho kuze kube manje. Bakhonza enkosini uMsemekwana wakwaMdluli. Ngokomthetho, abakwaMdluli base benqume ukuzinza eMpolweni ngenxa yokuthi indawo abafikela kuyona abakwaMngwengwe yabe inezilwane eziyingozi ezazibulala abantu. AbakwaNgwengwe bona bathi kulungile bazokwakha lapho ngoba befuna ukuba nelabo igceke, bakwazi ukwenza amasiko abo ngokukhululeka sebenendawo yabo.

Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wami osihloko sithi Kholo Khumalo TV 📺

UNkanyiso Mngwengwe, umdlali webhola ongasekho.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo