Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngoMyezane womfula (uNongameliziziba\Willow tree)

Incazelo ngoMyezane womfula (uNongameliziziba,Willow tree) Nina bakaSigquma khuluma bakuzw’umoya abasezitheni nabasemakhaya.INdudumo yakithi eMgungundlovu uMashikizela ashiye impi yakhe.UVezi kofa abantu kuyosala izibongo yizona eziyosala zibadabula,yizona eziyosala zibalilela emanxiweni.Enhla nasezansi ngiyazibingelela zonke iziNgabade,ngethemba isaphila.Thina eMantungweni sisaphila.Lo muthi eniwubona uMyezane ngesiZulu. Umsebenzi woMyezane Endulo izinswazi zalo muthi zazigaxwa entanyeni yalabo ababesuke behlabane kakhulu empini,zibe wuphawu olutshengisayo ukuba yibona abavelele.Babezigaxwa... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uZwide ka Langa , yabakwaNdwandwe

Umlando ngenkosi uZwide ka Langa , yabakwaNdwandwe Inkosi uZwide ka Langa yamaNdwandwe yaba ngenye yamakhosi eyabe imandla kakhulu endulo, ngezikhathi zezimpi ezaziqhubeka kweleNgabade, ezibizwa ngokuthi uMfecane.Lezo izimpi ezaziqhubeka ngeminyaka yama-1800. UMfecane izimpi lapho amakhosi ayehlasel... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMwelela kweliphesheya (Tulbaghia ludwigiana)

  Incazelo ngoMwelela kweliphesheya  (Tulbaghia ludwigiana) Nina bakaSingquma kakhulumi kanamlomo ,akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo ,lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza!UVezi kofa abantu kosala izibongo izona ezosala zibadabula izona ezosala zibalilela emanxiweni.Ngethemba basaphila abe... qhubeka ufunde »

Incazelo ngaMasimba eNhlwathi

Incazelo ngaMasimba eNhlwathi Nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu, uTshwala buka Gologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! Enhla nasezansi ngiyabingelela yonke iNgabade , ngethemba isaphila. Yini iNhlwathi ? INhlwathi n... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoVimbukhalo \Ipomoea crassipe Hook\Wildpatata\Seletjane -se-setona

Incazelo ngoVimbukhalo \Ipomoea crassipe Hook\Wildpatata\Seletjane -se-setona Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! UNomakhwelo iNgonyama uHlanya olusemehlweni amadoda! Ngiyayibingelela iNgabade enhla n... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMntwana uShingana ka Mpande ka Senzangakhona:

Umlando ngoMntwana uShinganaka Mpande ka Senzangakhona: UMntwana uShingana wayezalwa yiSilo sakwaNodwengu , iSilo uMpande ka Senzangakhona . Kuthiwa wazalwa ngenkathi uYise uMntwana uMpande ewela uThukela ngo 1839,ephikela emaBhunwini ka Andries Pretorious , uNgalankulu.  Kwakungenkathi uMntwana uM... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoGagane\ Sekelbos\ Sickle Bush\Keye:

Incazelo ngoGagane\ Sekelbos\ Sickle Bush\Keye:   Nina bakaKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni , ngeyawo Ndlela ka Sompisi , ngeyawo Dambuza ka Ntombela !UMakhalimakhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , kuwo wonke amag... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMgxamu (iHluzeWeeping boer bean\Schotia brachypetala \Molope)

Incazelo ngoMgxamu\Weeping boer bean\Schotia brachypetala \Molope Nina bakaSimayedwa njengelanga lon alimi lodwa eZulwini, uKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni , ngeyawoNdlela ka Sompisi, ngeyawo Dambuza ka Ntombela ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , kuzo zonke izindaw... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMnungumabele (Zanthoxylum capense)

Nina abakaMudli wenguyazana eyedwa kwaNolele! INgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi! UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose ! Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi , ngethemba ukuthi basaphila abeSilo. Lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa wuMnungumabele ngesi... qhubeka ufunde »

Isende lenja \Cucumis africanus\uMathangazana\Monyaka\African Cucumis\African cucumber

Isende lenja \Cucumis africanus\uMathangazana\Monyaka\African Cucumis\African cucumber Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade. Ngethemba isaphila. Cha , thina sisaphila kwaKhumalo .Isende le... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!