Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngoLozilina umuthi woGazi(Cinnamomum camphora)

Nina abaka Menzi akabongwa ngaBalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini , iNtethe egolwe nganti zamkhonto kithi kwaMalandela! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabande, ngethemba basaphila abeSilo kungumhla wamashumi amathathu kuNhlangulana onyakeni ka 2023, siyigoqa inyanga ka Juni. Cha, thina sisaphila kwaSokhumalo. Nina beSilo le Nduku esesithombeni kuthiwa uLozilina igama layo , ngesiSayensi ibizwa ngeCinnamomum camphora . Nina beSilo le Nduku inamakha anuka kamnandi , kwenziwa ngayo iSigcobo iKhemfa . NgesiNgisi ibizwa ngeCamphor tree. AmaBhunu ayibiza nge Kanferboom. Yenzani le ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeDangabane (Commelina africana)

Nina abakaMaf’avuke njengeDangabane iMpunzi evuke noMkhonto! INdlovu yakoDelwase abayihlabe ngeNjongolo bayibangela amanxeba okuluphala! USongobese wamakhanda inkomo yanganene iyothengena nayiphi na eNenekazi? Iyothengana noMbangambi woVuma eMashobeni! #iSilo sabaThethwa leso iSilo uDingiswayo ka ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNdabingehlele (Basella paniculata)

Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala , iGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! UGawu bazakuliluma bazakuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi! INkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! #iSilo uShaka leso!  Enhla naseza... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMfusamvu(uMkhwenkwe,Pittosporum viriflorum< Cheesewood)

Nina abakaMkhwamude owangisika isilevu uSungulo olude lwangithunga impumulo! UNdiha le babayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo . Cha sisaphila thina eMantungweni , ngisaxakwe yilesi Sinyemfu somfazi esintshontsha... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeWozawoza (Cymbopogon citratus)

Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobizeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! INdudumo yakithi eMgungundlovu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo kuzo zonke izindawo lapho benkanise khona . Cha ,... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNsulansula(uMadwaleni, Eriospermum mackenii)

  Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! UKlebe engimbone ukwehla kweziMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla wamashumi amabili nambili kuN... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoSakhayedwa (Valachellia sieberiana, uMkhamba)

  Nina beNkwazi ka Ndaba emaphiko amhlophe ,uQwasa lukaWasa inkomo yiViyo , uSihlangu simagqabha sinamanxeba , uFulathela uBombo lwabhidlika! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , ngethemba basaphila bonke abeZulu eliphezulu. Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uSakhayedwa ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNozitholana(uNdlelazimhlophe, Silene capensi)

Nina beNkwazi ka Ndaba emaphiko amhlophe , uVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo. Cha, thina sasaphila eMantungweni kungumhla weshumi nesi... qhubeka ufunde »

Ukuphupha udoba izinhlanzi.

Ukuphupha udoba izinhlanzi. Nina abeSela lintongande lawo Baleka lithabathe uMshiza lawetshatha laiyakugalela ngawo eMankenganeni ! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Ngethemba isaphila iNgabade enhla nasezansi. INhlanzi ingesinye sezilwane okungekho lula neze kuba umuntu as... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMaluleka (Gerrardina foliosa, uMuthi okuzila, uMlulama omncane)

  Nina abakaVezi uNonyanda uMgabadeli owagabadela iNkundla yakwaBulawayo , iHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu ! UVezi kofa abantu kosala izibongo , yizona ezosala zibadabula, yizona ezosala zibalilela emanxiweni! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kungu... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!