Incazelo ngoNdabingehlele (Basella paniculata)

UNdabingehle.

Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala , iGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! UGawu bazakuliluma bazakuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi! INkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! #iSilo uShaka leso!  Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila bonke abeZulu eliphezulu kuzo zonke izindawo lapho benkanise khona. Cha , thina sisaphila eNdinaneni.  Nina beMbube le Nduku eniyibona esithombeni kuthiwa uNdabingehlele igama layo, ngokoLimi loSosayensi ibizwa ngeBasella paniculata . YiNduku yezinsizwa lena .

Yenzani le Nduku?

 

Nina beSilo ,njengoba le Nduku ibizwa  ngoNdabingehlele nje, leyo ndaba eshiwoyo yindaba yaseKamelweni , indaba yokungaqini koBhoko lweSisu . Le Nduku nina beSilo ingenye yeziNduku ezihamba phambili kwezokulola iMbazo yoMnumzana . Imbiza yensizwa isuke ingaphelele uma ingekho le Nduku . Le Nduku nina beSilo isebenza njengoQonsi , uDlutshana kanye noMdubu. Lezi ziNduku engizibalile nina beSilo ziyakwazi ukugiya zizodwa vo, zingalekelwa Nduku. Kanti futhi zonke lezi Nduku engizibalile ziba mandla kakhulu uma uzidle ngoBisi , noma ngoMhluzi weNyama enganonile,(kodwa luhle kakhulu uBisi). Nayo le Nduku uNdabingehlele, isebenza kahle kakhulu uma uyidle ngoBisi njengamaKhomflesi ekuseni , noma ngoMhluzi weNyama enganonile khona ekuseni . Ebese ulinda uMama ka Enzo ukuba abuye eMakhishini , ngiyakutshela ngalolo suku uyoyidela inkani uMama ka Enzo . Uyoze akhale akumise  athi khawula Baba sekwanele  manje ,aze  akubuze futhi athi  “kanti yini lena oyidlile Baba?”. Lena akuyona iNduku yokudlala . NjengoQonsi , nayo yandisa iSidoda ensizweni,iqinise noBhoko lweSisu luqinise okokhuni. Le Nduku nina beSilo ayisali eMbizeni yenzalo yoBaba. nakwezoMvusankunzi , igiya kakhulu nalo uQonsi , uShisizwe ,aMasethole, uMdubu, uMthunduluka kanye nezinye . Iyangena futhi nakwezokuchathela ukucija uBhoko lweSisu. Nina beSilo kusebenza kakhulu izinduku  kule Nduku ,zona lezi enizibona esithombeni. Zisebenza kahle uma uzigaye noma uzigqule zaba yiMpuphu oyoyidla ngoBisi, noma ngoMhluzi. UNdabingehlele awugcini ezimbizeni kuphela , muhle kakhulu nasekuphakamiseni iSithunywa, ungena eziNkambeni ezimhlophe zoThwasa . Nakhona kuleyo  ndawo kusasebenza zona izinduku. IziNduku zikaNdabingehlele ziyathakwa eGobongweni elidliwa uma kukhushulwa iSithunywa, zigiya kakhulu noVumakubangoma omhlophe, uHlunguhlungu, uMoyawezwe , uVelangemoyeni ,iPhakama lesihlahla esimile eduze nomfula kanye nezinye . AmaPhakama yilezi zihlahlana ezincane ezimila ezihlahleni ezinkulu.

Khumu!!

Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngeziNduku.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo