Incazelo ngoMfusamvu(uMkhwenkwe,Pittosporum viriflorum< Cheesewood)

UMfusamvu\uMkhwenkwe

Nina abakaMkhwamude owangisika isilevu uSungulo olude lwangithunga impumulo! UNdiha le babayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo . Cha sisaphila thina eMantungweni , ngisaxakwe yilesi Sinyemfu somfazi esintshontsha umsebenzi wami siyowufaka kuTiktok. Niphile nina abakaMdlokombane. Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uMfusamvu ngesiZulu. NgesiXhosa kuthiwa uMkhwenkwe. Ngolimi loSosayensi ubizwa ngePittosporum viriflorum. Lo muthi uyakhula impela ufinyelele eMamitheni ayiShumi , uphinde wedlule . Lo muthi uma uwubukisisa ucishe ufane noMhlambamanzi . NgesiBhunu kuthiwa yi Kasuur, noma Witboekenhout. Ka sePedi bare ke Kgalagangwe. Ka se Tswana ke Mpustinya-poqo.  Ka se Sotho ke Mosetlela. NgesiVenda ubizwa ngoMulondwane, noma Mutanzwakhamelo.

Wenzani uMkhwenkwe\uMfusamvu ?

Nina beNdlovu enamandla kule Nduku kuye kusebenze amaxolo . Amaxolo ale Nduku aye abiliswe abeyiSiphungo esehlisa umfutho wegazi phelezi Blood Pressure , okuyinkinga eyaziwa kakhulu ngokuthi yiBP, noma yiHhayihhayi. Ixolo layo le Nduku  lihle kakhulu nasekwehliseni inyongo , liyangena kwezokuphalazela ukukhipha inyongo. Imbiza yaleli xolo yinhle kakhulu nasekuhleleni isisu esibuthaka esihlezi sigula ,le mbiza ibuye ihlele kahle nesifuba esixakwe yizindeda, kanye nesixakwe yiMfiva. Ixolo lale Nduku liyangena nakwezoMvusankuzi. Ixolo lale Nduku liyangena nakwezokuphalazela ukuvala amaphupho amabi kanye nemimoya emibi. Ixolo lale Nduku  liyangena kwezokuvula izindlela . Nina beSilo le Nduku iyaphalaza , iyageza iyagquma futhi.

Khumu!!


Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande .

 

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo