Nina beNkwazi ka Ndaba emaphiko amhlophe ,uQwasa lukaWasa inkomo yiViyo , uSihlangu simagqabha sinamanxeba , uFulathela uBombo lwabhidlika! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , ngethemba basaphila bonke abeZulu eliphezulu. Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uSakhayedwa igama lawo. Lo muthi udume ngenkani yokumila endaweni eyomile uvele ume wodwa qekele, zishe zonke ezinye izihlahla kepha wona usale umile, umuthi onenkani lona ongawadingi kangako amanzi. Kuthiwa uSakhayedwa ngoba usala wodwa umile , sezishe zonke ezinye izihlahla. Lo muthi ubuye waziwe kakhulu ngoMkhamba ngesiZulu, leli elikaSakhayedwa lisetshenziswa kakhulu lena kwaXhosa. Ka sePedi bare ke Mphoka. Ka se Tswana ke Mokha, kana Morumosetlha. NgesiTsonga ubizwa ngeNkowankowa. Lena kwelabaVenda bawubiza ngeMusaunga. NgoLimi loSosayensi le Nduku ibizwa ngeValachellia sieberiana. Zimbili izinhlobo zale Nduku , kukhona uSakhayedwa omnyama kanye noMhlophe. Lona oMnyama yiwona obizwa ngeValachellia sieberiana . OMhlophe wona ubizwa ngeAcacia sieberiana. Zombili izinhlobo zenza umsebenzi ofanayo. Le nhlobo emhlo[he yona iyathandwa naseMadolobheni, bayayitshala abaMhlophe.
Wenzani uSakhayedwa?
Nina beSILO le Nduku iseMndenini wezihlahla zeNhanhla lezi ezinameva esingabala kuzo uMkhanyakude, uMtholo , uMunga, uMkhaya, kanye nezinye .Lezo izihlahla ezithandwa kakhulu uMphezulu. Lo muthi nina beQhawe usebenza ezindaweni eziningi. Uthandwa kakhulu ngoMame ikakhulukazi laba abaseSithenjini. Bakha ngawo iNtando noma iSibambelo, basuke befuna ukwakha bodwa bashaye isicathulo kulawule bona,hhayi aBabakwabo. Bawuthaka neminye imthi nokho. Ixolo lale Nduku liye libiswe libe yiMbiza ebulala izikelemu. Lihle kakhulu nasekuchatheleni iqolo elibuhlungu, Ixolo kanye nempande kungena naseMithini yenhlanhla. Kuyangena futhi nakwezamaSoka. Kuyaphalaza ,kuyagquma kuyageza. Kuye kuthakwe neminye imithi eMhlophe yamaSoka. Le Nduku iyangena nakwezokwakha iSithunzi , kuye kuthakwe noMathunzentaba kanye nezinye iziNduku. Ixolo ne mpande kungena kakhulu nakwezokuthandeka , kwezoBulomo. Le Nduku ithanda ukwakhela iziNyoni kwazise imise okweSambuleni. Lezo zidleke abantu bakha ngazo aBalozi bokuzakhela.zinhle kakhulu uma uzithole zinamaPhuphu ngaphakathi. Inkunzi lena nina beSilo ngoba uyakwazi ukuya kuso uyoPhahla ufike usho konke okufunayo, zivuleke ngempela izindlela. Izidleke zeziNyoni ezitholakala kulo muthi zibuye zibe iZibunge zeBhizinisi.
Niphile nina abakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu. Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”
KHUMU!!