Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! UKlebe engimbone ukwehla kweziMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla wamashumi amabili nambili kuNhlangulana (22 Juni) onyakeni ka 2023 . Ngethemba basaphila abeZULU eliphezulu , cha , thina sisaphila koLobhengula waMawaba. Nina beSilo le Nduku eniyibona esithombeni kuthiwa iNsulansula igama layo lesiZulu, ibuye yaziwe ngoMadwaleni. NgokuLimi lo Sosayensi le Nduku ibizwa ngeEriospermum mackenii. Kanti ngesiNgisi ibizwa ngeYellow Fluffy. NgesiBhunu kuthiwa yi Geel Kapokblommetjie.
Yenzani iNsulansula?
Uma wake welusa izinkomo noma izimbuzi nginisiqiniseko sokuthi uyayazi le Nduku ngoba singabeLusi beMfuyo sakhula siyiququda uma kwenzekile siphunyukwe yizinkomo noma izimbuzi zangena emasimini abantu. Sasenzela ukuba singajeziswa emakhaya. Intelezi enkulu lena nina beSilo umuntu angayithanda kancane. Le ntelezi iyangena entelezini yokuchela ekhaya, inyathela abathakathi, iyangena nakwezokuchupha ikhaya. Le Nduku iyangena nakwezokuvula izinhlanhla. Kwezokuvula iye iqhathwe noMavulakuvaliwe , aBangqongqozi kanye nezinye. Ake niyeke ukuntshontsha umsebenzi ziKhohlakali Ndini ikakhulukazi wena Sikhohlakali seSinyemfu soMfazi sikaTikTok!!!! Le Nduku iyageza , iyakhafula , iyagquma iyaphalaza ,iyakhothwa ikwenza konke. Iyangena nakwezokukhipha isichitho . Iyangena nakwezamacala, iyageza iphinde igqume umuntu ozoyobonana neMantshi, noma umuntu oya ecaleni eliphathelene noMsebenzi phecelezi iHearing. Kanti iyangena nasesiswini ngoba iyangena kwezokubolisa amaDliso . Iyangena ezinsini zamabekelo, nezamalumbo. Abantu abashayela izimoto bengenazo izincwadi bayisebenzisa kakhulu , bayibeka emotweni njengeNtuma uma bezohamba ibanga elide. Kanti nezinsizwa ezingoPhunyuka nazo ziyayisebenzisa kakhulu le Nduku, izinsizwa ezihlezi zivika ezikaDalawana. Iyangena kwezezitha. Iyangena eziKhafulweni zokubuyisa isithandwa , iye iqhathwe kakhulu noMwelela. Iyageza iphinde igqume umuntu onenkinga yokuhlezi ebanjwa inkunzi . Ayisali kwezeNhlanhla,ayisali futhi kwezoBulomo. AmaSoka ayikhonzile.
Khumu!!
Niphile nina bakaMashikizela ashiye impi yakhe uMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela iNkundla yakwaBulawayo ! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi pluthe thuthu.

Hhayi Mashobane uyingqwele
Ngiyakubonga ngokusikhulisa ngolwazi lwezihlahla ezisizungezile.
Khula Mashobane!!!!
Ncanana
Mntungwa Mashobane khula mfwethu ulokho Umi njalo nje
Mntwana