Incazelo ngoNozitholana(uNdlelazimhlophe, Silene capensi)

Nina beNkwazi ka Ndaba emaphiko amhlophe , uVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo. Cha, thina sasaphila eMantungweni kungumhla weshumi nesishiyagalolunye (19Juni) onyakeni ka 2023. Nina beSILO lo muthi engiwubona esithombeni kuthiwa uNozitholana igama lawo, waziwa kakhulu ngelikaNdlelazimhlophe. NgesiBhunu ubizwa ngeKleinwildetabak. NgesiNgisi udume ngele Gun Powder , noma African Dream Root Plant. Ka seSotho bare ke Lithoana , kapa Molokoloko.

Wenzani uNozitholana?

Nina beSILO le Nduku iwuBulawo noma iSilawu seDlozi . Ingena eGobongweni elimhlophe , ithandwa kakhulu abaNgoma , kusebenza impande ekhipha igwebu eliningi elimhlophe qwa uma uyiphehla oThi lwePhahla. Le Nduku icacisa amaphupho, kuyileso sizathu ibizwa ngeAfrican Dream Root . Ivula izindlela kucace phambili , kuyileso sizathu ibuye ibizwe ngoNdlelazimhlophe. Ayivamisile ukusala kwezokuvula izindlela le Nduku. Ayivamisile ukusala kwezamaBhizinisi kanye nakwezokuFesa umsebenzi . Iyangena futhi nakwezokukhushulelwa isikhundla. Iyaphalaza le Nduku , iqhathwa neziNduku ezimhlophe  zenhlanhla oMtholo, uNhlanhlemhlophe , uMadlozana kanye nezinye. Kanti iyangena nakwezokugeza nokugquma. Kwi Interview awubuyi ulambatha ngaleNduku. Le Nduku yinhle uma usaThwasa , iyakwethwala ikukhombise izindlela ngamaphupho uze uphothule ePhehlweni. IDlozi liyakhuluma kule Nduku , alikushayi indiva. INhle nasekukhipheni amaBhadi uma uyiqhathe noMhlambamanzi kanye nezinye, wageza Emfuleni waphinde waphalaza.

Niphile nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi”Kholo Khumalo TV”


Khumu!!

UNozitholana

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo