Ukuphupha udoba izinhlanzi.

Ukuphupha udoba izinhlanzi.

Nina abeSela lintongande lawo Baleka lithabathe uMshiza lawetshatha laiyakugalela ngawo eMankenganeni ! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Ngethemba isaphila iNgabade enhla nasezansi. INhlanzi ingesinye sezilwane okungekho lula neze kuba umuntu asiphuphe. Ikakhulukazi yona le Nhlanzi eniyibona esithombeni ebjzwa ngeTrout ngesiLungu. Akukho lula ukuba umuntu aluphuphe lolu hlobo lweNhlanzi noma aphuphe iNhlanzi ewusayizi olingana nalolu olusesithombeni. Kahle -hle akukho lula ukuziphupha udoba oFishi futhi ubabamba. Uma umuntu eziphupha edoba oFishi futhi ebabamba ,lokho kusuke kubika enkulu inhlanhla ezovela , noma kusuke kubika umnyango omkhulu ozovuleka . Uma kuwuthi kukhona iThenda oyigaqele , leyo Thenda isuke isizoAprovwa noma ngithi kusuke sekuseduze ukuba uwudle umhlanganiso. Uma kuwuthi kukhona isicelo somsebenzi owasifaka eNkampanini ethize, usuke usuzofonelwa. INhlanzi , yiMvu emhlophe kanye neHhashi , lezo izilwane ezibika ukuvuleka kwezinto uma zike zaphushwa wumuntu . Uma kwenzekile waziphupha lezi zilwane. Kufuneka uqinise kakhulu ezihlanzini ezimhlophe, oBhubhubhu, oMadllozana , oVumakubangoma omkhlophe , oNhlanhlemhlophe kanye nezinye. Phalaza , ugqume uphinde ugeze ngazo kuze kufike usuku lwenhlanhla noma olukuvuleka kwezindlela.

Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi

Trout

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo