Incazelo ngoMaluleka (Gerrardina foliosa, uMuthi okuzila, uMlulama omncane)

 

Nina abakaVezi uNonyanda uMgabadeli owagabadela iNkundla yakwaBulawayo , iHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu ! UVezi kofa abantu kosala izibongo , yizona ezosala zibadabula, yizona ezosala zibalilela emanxiweni! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kungu mhla weshumi nesishiyagalombuili (18 Juni) onyakeni ka 2023 , ngethemba basaphila abenkosi , cha , thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibona esithombeni ibizwa ngoMaluleka ngesiZulu, ibuye ibizwe ngoMuthi wokuzila, noma ngoMlulula omncane , sizokhumbula ukuthi noMadlozana nawo waziwa ngoMlulama omhlophe . Ngolimi lo Sosayensi lo muthi ubizwa ngoGerrardina foliosa. Lo muthi ubuye waziwe ngokuthi yiLethi kwezinye izindawo. Noma yiSidlulamanye amakhubalo.

Wenzani uMaluleka?

Nina beSilo le Nduku lena kuye kugezwe ngayo ikhaya uma kuhambe uSokhaya, noma iNhloko yomuzi. Kukancane kakhulu ukuba kusetshenziswe enye iNduku. Kuyileso sizathu le Nduku ibuye ibizwe ngoMuthi wokuzila. Le Nduku nina beSilo iyangena emaGobongweni . Le Nduku injengeNgwavuma , ingenye yeziNduku ezingena nxazombili, kwezimhlophe nakwezibomvu. Iyangena kwezeNhlanhla , iye iqhatwe kakhulu neNtolwane , uMaphipha , iNgwavuma kanye nezinye uma kuphalazelwa ukudonsa inhlanhla. Le Nduku nina beSilo ibuye ibe yinhle naseMfuyweni, kushunqiselwa ngayo iMfuyo ukuba ingahlaselwa yimimoya , iqine , ingadubi ikhaya futhi ingehlukani . Kuye kushiswe amacembe ayo le Nduku, kanye nawe Ntolwane kushunqiselwe izinkomo noma izimbuzi . Le Nduku yinhle kakhulu kwiZihlambezelo . Iyangena emithini okushunqiswa ngayo umuntu uma ethunyelwe ngemikhovu , noma uma ebone utikoloshe. Le Nduku nina beSilo iyangena nakwiZibambelelo. Kuningi okwenziwa yile Nduku . Iyangena futhi nakwiMibhemiso yekhanda elinkenkethayo ikakhulukazi elabathakathi. Yinhle kakhulu eMibhemisweni yengane esheshe ilibale izinto ezifunda esikolweni ngenxa yobukhunkuli, ithakwa kakhulu noSingalwesalukazi . Yinhle kakhulu kakhulu nasekugezeni umuntu obangwa ngamaDlozi.


Khumu!

Niphile nina bakaDlothovu kabhekeki ufana nemisebe yelanga! Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi”Kholo Khumalo TV” .

UMaluleka

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo