Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngoMabululwana (IMpundu, Gasteria croucheri)

  Nina bakaThambekeka wena owaliwayo Thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi! UGuqabadele iNhlambasoka! USinakanaka sezincwadi ebezibhalwa nguMalimade kwabamhlophe abeLungu! Nina beSilo ngethemba kusaphileka kuzo zonke izindawo lapho ninkanise khona. Cha , thina sisaphila kwaSokhumalo . Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa uMabululwana igama lawo , ubuye waziwe kakhulu ngeleMpundu. Le Nduku iseMndenini owodwa namaCena(Aloe), iziNhlaba , oMathithibala njalo njalo . Le Nduku isondelene kakhulu noMathithibala , zicishe zifane. Sizokhumbula futhi ukuthi  uMathithibala ubuye waziwe... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoManxiweni (Senna elata)

  Nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliZulu eliphezulu kuzo zonke izindawo la... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNhliziyonkulu(iLukuluku, Dombeya rotundifolia)

  Nina abakaNkomo zabantu zineNkelenkele zikhungela iziNgobe eMashobeni! USongobese wamakhanda inkomo yanganene izothengana nayiphi na eNenekazi izothengana noMbangambi woVuma eMashobeni! UNdlukula zamaNtungwa zimukile! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMdoni(Syzyqium cordatum)

  Nina abakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu, uFulathela uBombo lwabhidlika, uNtaba zimbili zakhalene zentula ngisho ukuxhawulana, iNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kungu mhla wesine kuNhlangulana (Juni) onyakeni ka 2023 . Ngethemba nisaphila... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMsilinga(Isihlahla samaPutshutshu, Melia azedarach , Syringa Tree) 

  Nina abakaGawu bazakuliluma bazakuliphimisa bakhumbul’amaGawu abebesi! UNomakhwelo iNgonyama uHlanya olusemehlweni amadoda!  IGwija likaMdlaka ligwegwe lijeyeze abasini bengoma! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla weshumi nanye kuNhlangulana (Juni) onyakeni ka 2023 . ... qhubeka ufunde »

UMkhokha (Abrus precatorious)

  Nina abakaGawu bazakuliluma bazakuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! INkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! IGwija likaMdlaka ligwegwe  lijiyeze abasini bengoma!  Ngiyababingelela abeSilo kungumhla weshu... qhubeka ufunde »

Incazelo ngesilwane uMpheme.

UMpheme.. Nina abakaNgalo zimqingo ziyakwazi ukuphatha iSibhamu zinjengezabeSuthu bakoFebane! UMudli weNgunyazana eyedwa kwaNolele ! INgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi! Nina beSilo nawo-ke uMpheme . NgesiLungu uMpheme ubizwa ngokuthi iCape Fox, noma iBat Eared Fox. UMphem... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoSelepe obomvu

  USelepe obomvu. Nina abeNgodlamkhonto yakithi oPhindweni , ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba , yiwona oyongilamulela! UKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi emaPhethelweni! Nina beSilo nawo-ke uSelepe obomvu inkunzimakanga yeNtelezi engena ezintelezi zokuchupha ikhaya. Lapho kukhona uSelep... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMkhanyakude (Vachellia xanthophloea)

UMkhanyakude \UMhlosinga\Vachellia xanthophloea\ Koorsboom\Mooka -kwena\Nkelenga\Munzhelenga. Nina abakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya . Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade . Nawo-ke uMkhanyakude nina beSilo . Lona wumuthi othandwa kakhulu uMphezulu nina beMbube , ng... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uSenzangakhona ka Jama

  Nina abaQangabhodiya wawoMkabayi uQabi kwezameva eNtendemuzi! UMenzi kabongwa ngabalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini! USingqila nganhloko zond’intamo! INakazi emnyama yakithi kwaNobamba , uSisanhloko kanti abanye bas’izinyawo! Enhla nasenzi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethe... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!