Umlando ngenkosi uSenzangakhona ka Jama

 

Nina abaQangabhodiya wawoMkabayi uQabi kwezameva eNtendemuzi! UMenzi kabongwa ngabalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini! USingqila nganhloko zond’intamo! INakazi emnyama yakithi kwaNobamba , uSisanhloko kanti abanye bas’izinyawo! Enhla nasenzi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Nina beSilo ake sibheke umlando wenkosi uSenzangakhona ka Jama , uyise weLembe , iSilo uShaka.

Inkosi uSenzangakhona :

Nina beSilo njengeboba besengishilo ngenkathi ngichaza umlando weNkosazana uMkabayi , inkosi uSenzangakhona yayizalwa inkosi uJama ka Ndaba . Inkosi uJama yayibuye ibe nguYise waBantwana oMkabayi , uMmama kanye noSojiyisa. Njengoba besengisho futhi ngenkathi ngixoxa ngomlando woMntwana uMkabayi, unina wenkosi uSenzangakhona kwanguMthaniya wakwaSibiya, yena kanye lona okubizwa ngaye izwe lakwaZulu uma kuthiwa “kukwelikaMthaniya” . UMthaniya unguGogo weLembe , iSilo uShaka. Inkosi uSenzangakhona yayibuye yaziwe ngelika Menziwezizwe, yabuye yaziwe futhi ngelikaMjokwana okuyigama layo lobunsizwa. Kuthiwa inkosi uJama yakhothama yashiya uMntwana uSenzangakhona engakakhuli ngokwanele ukuba wayengaphatha isizwe, ngakho-ke iSihlalo soBukhosi bakwaZulu ukuthiwa sabanjwa nguMntwana uMkabayi, esizana noMntwana uMudli ka Nkwelo,ebambele uMnawakhe uSenzangakhona owayesakhula. Esekhule ngokwanele uMntwana uSenzangakhona , uMntwana uMkabayi washenxa esihlalweni soBukhosi , eshenxela uMjokwana ka Ndaba. Ekubuseni kwayo inkosi uSenzangakhona kuthiwa yaba yinkosi ethanda ukuthula , kuthiwa yayingakukhonzile ukuphaka izimpi njengoyise inkosi uJama. Kuthiwa uMjokwana wayeyinsizwa ebukekayo, enguMdondoshiya elishiyile igade. EyiHwanqa , njengoba namanje sibona iningi laBantwana besende lakhe bengamaHwanqa futhi bacijile. Ukubukeka kwakhe kahle kwamenza waganwa ngamakhosikazi amaningi , wazala naBantwana abaningi.

Ake sibheke amakhosikazi enkosi uSenzangakhona .

Njengoba besengishilo nina beSilo, kuthiwa inkosi uSenzangakhona yaganwa ngamakhosikazi amaningi . Kuthiwa inkosi uSenzangakhona yaba futhi nemizi eminingi. Umuzi ka yise lapho uMjokwana akhulela khona kwakukwaNobamba. Yena wakha umuzi waseSiklebheni, owakwaZondela kanye neminye. Wabutha futhi namabutho amaningi esingabala kuwona noMbelebele wodumo, owawubuye waziwe ngaMawombe. Lelo butho labuthwa ngowe 1816 , okungunyaka okuthiwa yiwona futhi uMjokwana akhothama ngawo. Ake sibheke -ke amanye amakhosikazi akhe uMjokwana ka Ndaba.

Inkosikazi uMkabi wakwaNzuza.

INdlovukazi yakhe enkulu okuthiwa yiyona okwakulindeleke ukuba izale inkosana kwakunguMkabi igama layo, wayeyindodakazi ka Sodubo Nzuza. UNdlunkulu uMkabi kuthiwa wayenomuzi owawaziwa ngokuthi kukwaNohini. Lo Ndlunkulu kuthiwa wathola ingane yokuqala yomfana yashona, wase elandelisa ngentombazane uNozinnhlanga kulandelwa umfudlana wakuleyo ndawo uMzinhlanga ongenela eMpembeni.

Inkosikazi yesibili uFudukazi Cele.

Nina beSilo uNdlunkulu ka Mjokwana wesibili kuthiwa kwaba yintombi  yakwaCele , uFudukazi . Kuthiwa ngeshwa yena akazange ayithole inzalo.

INdlovukazi uNandi Mhlongo.

Nina beSilo iNdlovukazi uNandi Mhlongo   yaseLangeni uNandi yiyona eyazala iSilo uShaka , uMbumbi wesizwe samaZulu. INdlovukazi uNandi  izalwa inkosi uBhebhe yakwaMhlongo  emuzini waseBozeni, kunina uMfunda wakwaQwabe .  Yazala iSilo uShaka kanye nadadewaso uNomcoba. Kuthiwa uMjokwana wahlangana nale ntombi yaseLangeni ngenkathi yena nozakwabo beluse izinkomo, sengathi kwabe kuyisikhathi esabanjelwe uBukhosi nguDadewabo uMkabayi. Sisazoke sixoxe ngayo le ntokazi yaseLangeni, kuthiwa ayizange igcagce noMjokwane . Kuthiwa iLembe lalimazisa kakhulu uNina  kwazise  wahlupheka kakhulu ewa evuka noMntwana uShaka waze wazithola esekwaMthethwa. Kanti uhlupheka nomuntu oyokwakha isizwe esiyiSikhondlakhondla , esinguZulu.

UNdlunkulu wesine uLangazana wakwaGazu .

UNdlunkulu uLangazana kuthiwa wayesaphila ngesikhathi sokubusa kweSilo sasoNdini , iSilo uCetshwayo ka Mpande. Uyavela nasezihashweni zeSilo uCetshwayo uma kuthiwa “Wazihlaba kanye namathole azo! Kwathiwa ziyeke lezo Mntaka Ndaba! NgezikaNyokokhulu, ngezikaLangazana! “. UNdlunkulu uLangazana kuthiwa wazala indodana eyodwa ogama layo linguMagwaza . UMagwaza  wasala empini yaseNcome mhla zingama 16 kuZibandlela 1838  lapho uZulu wayebhekene khona namaBhunu ka Pretorious . Ngaleso sikhathi kwasekubusa iSilo uDingane.

UNkosikazi wesihlanu uMzondwase Zungu.

UNdlunkulu uMzondwase wakwaZungu waba nguNdlunkulu wesihlanu ka Mjokwana. Yena wazala uMhlangana owabandakanyeka ozungwini lokusoconga iLembe, ekanye nabafowabo oDingana kanye noMpopha ka Sithayi. UMntwana uMhlangana wagcina ebulawe ngumfowabo uMntwana uDingane ngokumcwilisa esizibeni. Kusuke kushiwo yena ezibongweni zeSilo uDingane uma kuthiwa”USiziba sizonzo sinzonzobele siminzise umuntu esathi uyageza , washona waze washona nangesicoco sakhe”

UNkosikazi wesithupha:

UNdlunkulu wesithupha wazala iSilo saseMgungundlovu , iSilo uDingane . Lona nguNdlunkulu uMpikase indodakazi ka Mlilela waseMaqungebeni , kwaNgobese. Liyavela igama lalo Ndlunkulu ezibongweni zeSilo uDingane uma kuthiwa “ UVezi (iSilo uDingane) yisizwa kubi! Angahlal’athath’iSihlangu asihlom’uMgobo! Ame ngaso emnyango kwaMpikase ! NakwaBhibhi! Kuze kus’evevezela ! Engasalalanga nabuthongo! ‘” . UBhibhi lona okukhulunywa ngaye naye wabe eyiNkosikazi ka Mjokwana . WayengokwaNtuli isibongo, engudadewabo ka Ndlela ka Sompisi iQhawe likaZulu.

Ake sibheke uNdlunkulu wesikhombisa:

UNdlunkulu wesikhombisa nguMagulana ka Ntshongolo wakwaNene eMangadini. UNdlunkulu uMagulana wazala uMntwana uSikhakha owendela kuDikane ka Hlakanyane waseMambatheni. Akukho okunye esikuzayo ngaphandle kwalolu lwazi oliungenhla.

UNdlunkulu wesishiyagalombili(8)

INkosikazi yesishiyagalombili nguBhibhi indodakazi ka Sompisi wakwaNtuli. USompisi wayebuye aziwe ngelikaNkobe ngenxa yekhono lakhe lokuganzinga iziNkobe.  UNdlunkulu uBhibhi kuthiwa wayeyiNtandokazi ka Mjokwana. Wazala uMntwana uSigujana okuthiwa wagcotshwa impela egcotshelwa iSihlalo soBukhosi bakwaZulu, kodwa wabulawa nguMntwana uShaka ngesandla sikaNgwadi .Bakhona nokho oSomlando abathi wakhothama engakagcotshwa . UNdlunkulu uBhibhi wabuye wazala intombazane uMntwana uNomqotho owendela kuMyandeya wakwaMthethwa, wazala uSokwetshatha , uNdlebezomlilo, kanye noSomcuba . Lezi kwabe kuyizinsizwa zodwa.

UNdlunkulu wesishiyagalolunye(9)

UNdlunkulu wesishiyagalolunye kwaba nguSongiya indodakazi ka Ngotsha wakwaHlabisa. Nguyena owazala iSilo uMpande iSilo esalandela iSilo uDingane esihlalweni soBukhosi bakwaZulu. Kuyileso sizathu iningi leziNduna zeSilo sakwaNodwengu kwakungezakhona kwaHlabisa . Kulezo ziNduna singabala uMpopha ka Holizibi owabe engomunye wabeluleki abakhulu beSilo uMpande . Sibale futhi neziNduna zasoNdini oLumbo ka Mbopha , uMahlukwana ka Mbopha , uSonile ka Mbopha , uNkabanina ka Mbopha kanye nabanye . Zonke lezi ziNduna zasala oNdini mhla uMntwana uZibhebhu eshobocisa iSigodlo seSilo uCetshwayo ka Mpande mhla zingama 21 Ntulikazi 1883.KuNdlunkulu uSongiya  iSilo uMpande salanywa ngaBantwana oNozicubu kanye noNzibe owasala kwaSoshangane ngo1828 empini ayayiphakwe yiLembe ukuyohlaselwa uSoshangane Nxumalo. UMntwana uNzibe welanywa nguMntwana uNtikili owendela enkosini uMayanda ka Veyana Mkhwanazi , wazala inkosi uSomkhele eyazala inkosi uMtubatuba .

UNdlunkulu weshumi:

INkosikazi yeshumi kwaba yintombi yakwaButhelezi okuthiwa yayizalwa nguSozindaba wakhona eMashengeni. Kaliveli igama layo kodwa kuthiwa yazala uMntwana uBhakuza owabulawa nguMntwana uShaka ngempi yakwaMthethwa nabakwaButhelezi. Ngaleso sikhathi iLembe lasigqishe khona kwaMthethwa. UMntwana uBhakuza kuthiwa wayethandwa kakhulu yinkosi uPhungashe , futhi yayifuna kube nguyena olandela uyise eSihlalweni soBukhosi. Kuthiwa wayebuye aziwe ngelika Mahebana.

UNdlunkulu weshumi nanye(11)

UNdlunkulu weshumi nanye kwaba nguNcaka indodakazi ka Mncinci wakwaQwabe . Yena wazala uMntwana uKholekile  naye owasala empini  yaMabhunu noZulu ngowe 1838 .

UNdlunkulu weshumi nambili(12)

UNdlunkulu weshumi nambili kwaba nguMehlana indodakazi ka Ntopho wakwaNtshangase . Akuveli kahle-hle ukuthi yena wazala muphi uMntwana noma aBantwana . Ayemaningi impela amakhosikazi kaMjokwana kodwa ngizoma lapha okwanamhla. Ezinye izinsizwa  zenkosi uSenzangakhona kwakungoGqugqu, uGujwana , uSigwebana, uMfihlo, uNxoshana kanye nabanye. Kanti izintombi kwakungoNomaklwa, uBaleka , uNomande kanye namanye . Liyavela igama likaMntwana uBaleka ezibongweni zeSilo uDingane uma kuthiwa “uSela lintongande lakoBaleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyakugalela ngawo eMankenganeni”(eMabhunwini ka Andiries Pretorioius ) .

Izibongo zenkosi uSenzangakhona ka Jama

INyosi uTholidaba Ndlovu

UMjokwana kaNdaba

USalakutshelwa uSalakunyenyezelwa

Ubhid’elimathetha ngezinyembezi

LinjengelikaPhiko waseBulawini

Inyath’ehamba

Isengama amazibuko

InjengoMzingeli kumaMfekwane

Ozithebe zinhle uMjokwane

Ezidliwa ngaMancasakazi

Udle umfazi umkaSukuzwayo

Wadla naye uSukuzwayo nendodana

Wamudla uMahamule kaMlomo

Wadla uNonhlambase ingqongqokazi

Esaththeth’izindaba zasesiNyameni

Wamudla uMabebetha kwaNonkokhela

Wadla uMsikazi noNdomoshe

Ingabe ubeyokwenzani kwaMabasamlilo

Lapho imihlambi yabantu iselayo

UMashwabadela kaMaqanda noNsele

Owashwabadela izindlubu

ZakwaMudli namakhasi

Udle izimfe zambili kwaSondombana

Ikhambi kodwa laphuma lilinye

Awuyi ebandla, awuyi emaDuneni

UnjengoVimba wakwaMangwekazi

Igawu bazakuliluma, bazakuliphimisa

Bakhumbule amagawu abebesi

Umlunguzi wezingoje

Izingoje zilunguzelane

Ngoba walunguza ingoje

Yomnewabo uZivalele.

Unyaluthi omnyama kaHlayukana

Bamothe bengakayi enyangeni abakwaZulu

UMbebe kaMame, beba simuke

Abanye basemhlane konina babelethwe

Ababelethwe ngabawoMbuso ngabawoNsele

NgabawoSicusa kaDungankomo

Intethe egolwe ngazinti zomkhonto

kwaMalandela

Yathi ukusuka yajubalala

Ungezwa bethi valela njlo Solunjalose

Kanti kabasho kuwe

Babhula unyoko uMbulazi

Yena ovalele iNgonyama endlini

Umqingo wangalitshe laseZihlalo

Umqingo wangalitshe obeyalezwa

Ngabalola izinhlendla

Thina bamaKlwa singekhethe litshe

Ngiba sithi singafumana ichoba silole

UMenzi kaNdaba !

UMenzi kabongwa ngabalandakazi

Ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini

Abanye bahlezi Menzi kaNdaba

Abahleziyo ngabathetha amacala

Uthi lwempundu oluhlala izikhova

Oluhlale uPhungashe wakwaButhelezi

Lwahlala uDladlama wakwaMajola

Othe ewisa waze walililela

Ayabuya usewazeka izibongo

UNgelenge kalingani nantaba

Ubelingana nentaba yaseSikhume

Uthe ukulala wangangemifula

Uthe ukuvuka wangangezintaba

Uthe usubuya amaxhegu enyanya

UQangabhodiya wawoMkabayi

Uqabi kwezameva eNtendemuzi

Obesiyaka singamanzi endlela

UNombanga kubuya wawoPhalo

Usisa nhloko nxa abanye

Besisa izinyawo

ILanga eliphume linsizwa

Lithe liphezulu lansansa

Lifuna ukuthiwa yimizimbazimba

Ukhulume kwakuhle kwaze kwathi lwanye

Waba ngumnyama usiza nemvula

Sigqila nganhloko kuzonde intamo

Nyakamumbe kuyozonda isibili

Ongithume ngiphansi ngaya phezulu

Ngabuya nencobho ngebula ngapheka

Ndaba bayosala beshumayezana

Nabasezitheni nabasemakhaya

Godi elimnyama lakwaNobamba

Lohamba liwahila amaqakalana

Ogqamise idukumbana elikuNgcingci

Obemnyama izimpunga zombili

Unjengehlaba elikuSidubela

Waphotha intambo ende

MtakaNdaba

Wayihotha yaze yafika ezulwini

Wathi yikhona izithutha zakoMageba

Zingayikufinyelela khona

Zobathe ziyakhwela

Zaphuke amazwanyana

Amanzi aseMpembeni Ndwandwe kaNdaba

Amanzi aseMpembeni yinguqunguqu

Angiqedi nalapho ayayo

Amanye ayewuka

Amanye ayaqonsa

AnjengoQonsa wasesiGezeni

Mthombo wamanzi wakwaNobamba

Engiphuze kuwo ngaqangatheka

Ngaze ngaph’ukudliwa nazimamba

Ebezilala ehlozini nasephungweni

Imamba edle umuntu bathi iloyelwe

Kanti bazi ngeyakubo eloyelwayo

INakazi emnyama yakithi kwaNobamba

Ehamba ibanga amacala

UMunxephepha !

Nant’itshe lokukhunjulwa

Lingawa engubeni

Lizowa ehlombe

Lizophamba liwe emhlubulweni

Oye ngomnyama kwaMazolo

Wabuya ngonyezi

Amadoda aphenduka umbhejazane

Umphiwa nganxanye

Kanti kakuphiwana kuyabuyiselwana

UMkhombe ongononde wawoNonkombo

Othe ukukha wagogoda

Weza nenqumbu

Weza nenqumbulo

IBhicongo elimzimba ubuthaka

Obemzimba muhle nangendlala enkulu

Obebuso bungenandawo yokusolwa

Obemehlo angenandawo yokusolwa

Obezandla zingendawo yokusolwa

Obenyawo zingendawo yokusolwa

Obezitho zingenandawo yokusolwa

Obesiphundu simbhukwane ngezinqa

Kazi bazobukani ngamajadu

Khona beza beyinkungu

Menzi kaNdaba

Ngisho abakwaButhelezi

Siyakubadabula

NguNgoboza yedwa,

Oshe onyaweni…

IBinda Nkosi !

IDlinza likaMjokwana

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo