Umlando ngoMntwana uMkabayi ka Jama

 

UMntwana uMkabayi wayezalwa yinkosi uJama ka Ndaba , inkosi uJama yiyona ezala inkosi uSenzangakhona uyise weLembe , iSilo uShaka. Lokho kusho ukuthi uMntwana uMkabayi wabe enguDadewabo wenkosi uSenzangakhona , kanti kuphinde kusho ukuthi wabe enguBabekazi weLembe. UMntwana uMkabayi wabe eyiwele noMntwana uMama . Kuningi okuxoxwayo ngomlando weMntwana uMkabayi , okuhle kanye nokubi . Okunye kwalokho wukuthi uMntwana uMkabayi wabandakanya noma ngithi waba nesandla ekusocongweni kweSilo sakwaDukuza , iSilo uShaka.

Ukuzalwa kwaBantwana oMkabayi noMama.

Ngokomlando olotshwe phansi kuthiwa inkosi uJama yabe iganwe uNdlunkulu oyedwa, kuthiwa lowo Ndlunkulu watholela inkosi uJama ingane yomfana eyayibizwa ngokuthi uPhalo.  Kodwa akahlalanga isikhathi eside , washeshe wedlula emhlabeni. Okwalandela kwaba ngamantombazane angamawele. Ngokwesiko lesiZulu ukutholakala kwamawele kwakusho omkhulu  umkhokha ngakho kwakufanele elinye lamawele lendiswe. Manje umuntu okwakufanele akhiphe izwi kwakuyinkosi uJama okuthiwa yagcina yale yaphetha ukuba kube khona iwele eliyokwendiswa phakathi kwamawele ayo .  Yakhipha isinqumo sokuthi amawele ayo ayezophila womabili. Yawaqamba amagama , wathi elinye nguMkabayi , elinye nguMmama. Kuthiwa igama likaMntwana uMmama laqambeka ngoba ngenkathi bezelwe, kuthiwa  wayezothile , kanti uDadewabo yena wayenamehlo aphapheme abuka yonke indawo, yena-ke kwathiwa nguMkabayi. Kuthiwa uNdlunkulu wenkosi uJama wakhothama ngemuva kokuzalwa kwamawele.


Inkosi uJama ka Ndaba .

Njengoba besengishilo nina beSilo , kuthiwa inkosi uJama yabe inoNdlunkulu oyedwa , naye owashesha wakhothama ngemuva kokuzalwa kwamawele oMkabayi kanye noMmama . Ukukhothama kukaNdlunkulu wenkosi uJama kwaba udume olukhulu ekhanda lenkosi uJama ngoba phela wakhothama engakayizali inkosana eyayizolandela inkosi uJama esihlalweni sobukhosi bakwaZulu . Kuthiwa kwenzeke-ke ngonyaka thizeni inkosi uJama yaphaka impi yaphikelela eButhonga yayohlasela. Kuthiwa impi yenkosi uJama yawudla umhlanganiso , yathumba izinkomo , yathumba nezintombi zesigodlo saleyo nkosi thizeni yaseButhonga . Kuthiwa enye yalezo zintombi yagcina igane inkosi uJama , yazala uMntwana uSojiya owazala uMntwana uMaphitha owazala uMntwana uZibhebhu. Ngesikhathi kuzalwa uMntwana uSojiyisa kuthiwa  aBantwana oMkabayi kanye noMmama basebekhulile impela sebeyizintombi. Kuthiwa ngezizathu ezithize aBantwana oMkabayi noMmama yayingabaphethe kahle neze indaba yokuzalwa kukaMntwana uSoyisa nanokuthi isimo sasiyophoqa ukuba kube nguyena oyolandela inkosi uJama esihlalweni sobukhosi bakwaZulu. Kuthiwa bakubona kukuhle ukuba ukuba kutholakale uNdlunkulu, oyozala iNdlalifa yenkosi uJama.  Kuthiwa umuntu owayephatheke kabi kakhulu ngendaba ka Mntwana uSoyisa nguyena impela uMntwana uMkabayi kwazise kuthiwa nguye okwakufanele endiswe mayela nodaba lwamawele enkosi uJama , kodwa uyise wala waphetha wathi akukho ngane yakhe eyokugoduswa. Kuthiwa wasuka uMntwana uMkabayi waqonda endodakazini kaManyelela wakwaSibiya , wayoyeshela eyeshelela ukuba izogana uYise . Kuthiwa ize lo Dade  wayemdala kubaNtwana oMkabayi kodwa babengabangane abakhulu. Igama lalo Dade kwakunguMthaniya , indodakazi yenkosi uManyelela yakwaSibiya. Kuthiwa uMthaniya wayengomunye wezintombi ezabe ziziphethe kahle, zingakaqomi. Kuthiwa yagcina ivumile impela le ntokazi yakwaSibiya , yagcina iyiganile inkosi uJama. Kuthiwa inkosi uJama yawuthokozela kakhulu umsebenzi waBantwana oMkabayi wokuyeshelela  uMthaniya intokazi yakwaSibiya, yabonga yanconcoza. Kwahamba isikhashana uMthaniya wamumatha, wazala uMntwana uSenzangakhona. Kuthiwa inkosi uJama yathi lapho izwa ukuthi uMthaniya ubelethe ingane yomfana yabonga yanconcoza kuBantabayo yathi ‘Nenze kahle Bantabami ngokungilandela umntaka Zingelwayo (uYisemkhulu ka Mthaniya) ukuba azongizalela umuntu engiyothi sengiphumule asale engibhekele isizwe sikaBaba, nenze ngakhona Bantabami. “ Wayiqamba indodana yakhe ngokuthi nguSenzangakhona. UMthaniya lona nguyena okubizwa ngaye izwe lakwaZulu uma kuthiwa “kukwelikaMthaniya” . WayengowakwaSibiya isibongo sakhe, unguGogo weLembe. Kuthiwa inkosi uJama yagcina ikhotheme ngowe 1781, yashiya uMntwana uSenzangakhona esemncane kakhulu.

UMntwana uMkabayi ka Jama.

Kuningi okuxoxwayo mayelana noMntwana uMkabayi ka Jama. Okunye kwalokho wukuthi wayebuthanda uBukhosi bakwaZulu kangangokuthi waze wancamela ukuhlala engaganile ngenxa yokufuna ukuba nezwi kanye nomthelela eBukhosini bakwaZulu. Kuyavela ukuthi uMntwana uMkabayi nguyena owabambela uMntwana uSenzangakhona ngemuva kokukhothama kukaYise uJama owakhothama washiya uMntwana uSenzangakhona engakakhuli ngokwanele ukuba wayengahlala esihlalweni soBukhosi bakwaZulu. Kuthiwa uMntwana uMkabayi welekelelana kakhulu noMntwana uMudli ka Nkwelo ngenkathi eyiBamba eBukhosini bakwaZulu. Kuningi okutusekayo okuwenziwa nguMntwana uMkabayi.  Kukhona nokho nokungekuhle. Kuyavela ukuthi uMntwana uMkabayi  nguyena owahamba phambili ekwakheni itulo lokusoconga uMshana wakhe, iSilo uShaka , esasocongwa ngabafowabo aBantwana oDingane ka Senzangakhona, uMhlangana ka Senzangakhona kanye noMntwana oMbopha ka Sithayi. Kwathi ngemuva kokukhothama kweLembe , iSilo uShaka , uBukhosi bathathwa uMntwana uDingane owathatha uBukhosi ngemuva kokubulala uMntwana uMhlangana owabe ebandakanyeka ozungwini lokubulala iLembe. Kuthiwa wambulela esizibeni esathi uyageza . Siyavela leso sehlakalo ezibongweni zeSilo uDingane uma kuthiwa “ USiziba sinzonzo sinzonzobele siminzise umuntu esathi uyageza , washona waze washona nasecoco sakhe” .  Kwathi ngesikhathi kuxabene uMntwana uMpande neSilo uMpande nge1840 , uMntwana uMkabayi kuthiwa wagqisha neSilo uDingane kanti sizokwehlulwa eMpini yaseMaqonqo okuyiMpi eyabe iphakathi kukaMntwana uMpande kanye neSilo uDingane. Kuleyo mpi uMntwana uMpande wawudla umhlanganiso kwaba wukuhlala kwakhe esihlalweni soBukhosi bakwaZulu. UMntwana uMkabayi kuthiwa wakhothama ngowe 1843 eBaqulusini , ngaleso sikhathi kwasekubusa sona iSilo uMpande . Kuyavela ukuthi igama le ndawo yaseBaqulusini laqanjwa nguyena uMntwana uMkabayi , kuthiwa kwabe kuyigama lo muzi afike awakha ngenkathi esuka KwaZulu ngemiyalelo yeSilo uMpande . Kuthiwa wathi “akahleli kepha uqulusile”. Kuyavela futhi nokuthi ubudlelwane bukaMntwana uMkabayi kanye neSilo uMpande abuzange bube buhle kwazise wayegqishe neSilo uDingane eMaqonqo mhla ziyi 29 kuMasingana 1940. Kuthiwa uMntwana uMmama yena wagcina egane uMandlovu ka Shandu waseMambatheni.

Izibongo zikaMntwana uMkabayi ka Jama:

USoqili!

Iqili lakwaHoshoza

Elidl’umuntu limyenga ngendaba;

Lidl’uBhedu ngasezinyangeni,

Ladl’uMkhongoyiyana ngasemaNgadini,

Ladl’ uBheje ngasezanuseni.

UBhuku lukaMenzi,

Olubamb’abantu lwabenela;

Ngibone ngoNohela kaMlilo,

Umlil’ ovuth’intaba zonke,

Ngoba lumbambe izilwanelala.

Inkom’ekhal’ eSangoyana,

Yakhal’ umlomo wayo wokubhoboz’izulu,

Iye yezwa nguGwabalanda

Ezalwa nguNdaba wakwaKhumalo.

Intomb’ ethombe yom’umlomo.

Zaze zayihlab’imithanti zawonina.

UMthobela-bantu izinyoni,

Bayazibamba usezibuka amagama.

Uvula bangene ngawo onk’amasango,

Abanikazimuzi bangene ngezintuba.

UMcindela kaNobiya,

UMhlathuz’ uzawugcwal’ emini.

Imbibakazan’ eyaqamb’ igama likaMalandela,

Yathi ngabakwaMalandela,

Ithi ikhona ebezoqananza ngazo zonk’izindlela

Baba wenkohliso!

Unobuqili omunye wabantu bakwaHoshoza,

Oshwabadela umuntu emyenga ngendaba;

Wabulala uBhedu phakathi kwemithi,

Wabhubhisa uMkhongoyiyana phakathi kwamaNgadini,

Wabulala uBheje phakathi kwababhuli.

UMenzi kaMenzi,

Lokho kwabamba abantu kwabaqeda;

Ngabona uNohela indodana kaMlilo.

Ushisa-oshisayo kuwo wonke amagquma,

Ngoba yambamba yanyamalala.

Uyibinda wena Malandela !

 

UMdwebo ka Mntwana uMkabayi

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo