Incazelo ngeNhlanhlemhlophe

Incazelo ngeNhlanhlemhlophe

Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengeMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo! USingqumba khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya!  Enhla nasezansi ngiyayibingela yonke iNgabade kungu mhla wesihlanu kuNhlangulana , 5 June onyakeni ka 2023 . Ngethemba nisaphila nina beMbube. Cha, sisaphila thina eMantungweni.

INHLANHLEMHLOPHE.

Nina beSILO nanso-ke iNhlanhlamhlophe , umuthi omkhulu wenhlanhla nobulomo lona . INduku yeNhlanhla isuke ingaphelele uma engathikiwe lo mbhemu . Kusebeza zona izinduku lezi enizibonayo. Ziyaphalaza ziphalazele ugazi , inhlanhla , kanti zinhle kakhulu nasekuqonseni , ziyangena eZibungeni zeBhizinisi. INhlanhlemhlophe kahle-hle inguBulawu beDlozi , ingena eGobongweni elimhlophe leDlozi . Yenza iDlozi licace, likhuluma uma bekade lingasekhulumi. INduku enhle lena eGobongweni, igiya kakhulu nomngane wayo iNingizimu , iNingizimu yenza umuntu athandwe yiDlozi limethwale ngeQoma. Ziyathakwa-ke neminye imithi efana noMtholo, uVuma omhlophe , uMadlozana kanye neminye kwakhiwe iGobongo kuphalazwe . INhanhlemhlophe ayisali emithini edliwa uma kugezwa aManzamnyama , kanye nakwezokugeza iDlozi eliphenduliwe. Umuthi weDlozi lona. Uthandwa kakhulu nangamaSoka kwazise wakha obuhle ubulomo kanye nenhlanhla. Lo muthi uyagquma , uyaphalaza kanti uyageza futhi. Ugijima kakhulu nemithi emhlophe yenhlanhla, oVumakubangoma, iNingizimu , uMtholo, uMadloza, uBhubhubhu kanye neminye.

Khumu!


Niphile nina bakaMakhalima akhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela! Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”..

INhlanhlemhlophe

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo