Incazelo ngokuphupha iMvu emhlophe .

Incazelo ngokuphupha iMvu emhlophe .

Nina beSilo sakithi kwaNodwengu kwaNodwengu uSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu. Ngiyababingela bonke abeMbube eshoba liyisilikithi , ngethemba basaphila abeNkosi. Nina beSilo le silwane enisibona esithombeni kuthiwa yiMvu ngesiZulu , ngesiNgisi sibizwa ngeSheep. Isilwane esisaziyo sonke kwazise siyafuywa ekhaya. Lesi isilwane ongekungekho lula ukuba umuntu asiphuphe  ngisho noma engaba wuMelusi wazo iziMvu  , ngisho noma engachitha usuku lonke ebuke iFilimu le ziMvu ngeke aze asiphuphe lesi silwane . Ukuphupha iMvu  ikakhulukazi emhlophe kubika enkulu inhlanhla , kubika ukuvuleka kwezindlela . Uma bekukade kukhona okuthile okuzamayo noma okwenzayo , wayiphupha nje iMvu leyonto osuke uyenza noma uyizama isuke isizophumelela . Lesi isilwane  esingaphushwa yinoma ubani  . Kuye kube kuhle kakhulu uma uphupha uqhuba iMvu noma umhlambi weziMvu lingaphazamiseki lelo phupho, kufanele uze uphaphame usaziqhuba, noma uphaphame usufikile nasekhaya wazingenisa esibayeni. Kuba kubi-ke uma kufike isilwane esithile kulelo phupho sazihlakaza iziMvu zabaleka , noma kufike nje into thizeni engesona isilwane izophazamisa. Uma uphupha uphethe izinyane kufuneka uze uphaphame usaliphethe. Uma kufika umuntu akwephuce lelo zinyane kusuke kusho ukuthi lowo muntu ukwephuca izinhlanhla noma impumelelo yakho.

Niphile nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila!

Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

IMvu

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo