Incazelo ngoMkhanyakude (Vachellia xanthophloea)

UMkhanyakude \UMhlosinga\Vachellia xanthophloea\ Koorsboom\Mooka -kwena\Nkelenga\Munzhelenga.

Nina abakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya . Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade . Nawo-ke uMkhanyakude nina beSilo . Lona wumuthi othandwa kakhulu uMphezulu nina beMbube , ngakho akufanele ube seduze nemizi. Lo muthi muhle kakhulu kakhulu kwezokudonsa , kungaba ukudonsa inhlanhla, amaKhastama , ukudonsa intombi,ukudonsa uGazi kanye nokunye. Kusebenza kakhulu ixolo kulo muthi , liyaphalaza , liyageza , liyagquma , liyakhafula liyangena futhi nasezinsizini. UMkhanyakude wande kakhulu lena koNgwavuma namaphethelo , noMaspala wakhona ubizwa ngegama lalesi Sihlahla ngenxa yokuthi chithi saka kwaso kuleya ndawo . Lesi Sihlahla kuthiwa uMkhanyakude ngenxa yombala waso ogqamile, umuntu usibona esekude lesi Sihlahla soMkhanyakude ngesizathu sokuthi sivele sigqame nje phakathi kwezinye izihlahla. Ngaleso sizathu abantu abansundu nabo bakholelwa ekutheni uma besebenzise lo muthi nabo bayogqama ezindaweni eziningi , esingabala kuzo ngaseMsebenzini eNkosaneni yoMlungu, ekwesheleni intombi iyovele ithande bona, eMabhizinisini {ayogqama nawo} , eMphakathini bayothandeka babe nogazi . Yebo uyasebenza impela lo muthi kulezo ndawo kodwa baye bathi abeLaphi udinga ukuqashelwa , bathi awubhubhudlelwa kakhulu uma uthakwa ngoba wawubhubhudlela ugcina ubangela izinto eziphambene nenhloso yokuthakwa kwawo eNdukwini. Kuthiwa awusetshenziswa ngesikhathi sokuduma kweZulu. UMkhanyakude uthandwa kakhulu izinsizwa ezingamaSoka, ziwuthaka eNdukwini yazo eMhlophe ebandakanya uBhubhubhu , uFoshela. uMusa , uVumakubangoma omhlophe , uVelabahleke , uNgibonisele kanye nezinye . Engingakusho ngoMkhanyakude wukuthi ungumuthi wamaSoka kanye nabantu bamaShishini.

Ake ngime laho nina abakaKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi ngeyawo Dambuza ka Ntombela!! Noma ungene kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu ngamakhambi .

UMkhanyakude ubuye waziwe ngoMhlosinga ngesiNguni. NgesiLungu kuthiwa I Vachellia xanthophloea. NgesiBhunu bawubiza ngeKoorsboom. Ka se Pedi bare ke Mooka-kwena. NgesiTsonga bawubiza ngeNkelenga. Lena eVenda bawubiza ngoMunzhelenga.


Khumu!!!!!

UMkhanyakude

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo