Nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliZulu eliphezulu kuzo zonke izindawo lapho bekhona kungumhla weshumi nambili kuNhlangulana (12 Juni) onyakeni ka 2023. Cha, thina sisaphila eMantungweni . Nina beSilo lo muthi eniwubonayo akuwona uQeduhlobo noma uMuzi owawulapha wayangaphi? Lo muthi waziwa ngelikaManxiweni .Ize lo muthi ubizwa ngamagama ahlukahlukene kodwa ubizwa kakhulu ngalo elikaManxiweni. Abanye bawubiza ngePholokohlo. Baningi nokho oManxiweni mhlawumbe bengafinyelela kwabane, bafana noVelabahleke , nabo oVelabahleke bathe ukuba baningi. Lo muthi nina beSilo awufuneki eduze nomuzi , uma uthe wamila kudingeka ugawulwe ukhishwe nezimpande . Uyababulala abantu lo muthi umuzi usale usungamanxiwa. Ingakho ubizwa ngoManxiweni.
Wenzani uManxiweni?
UManxiweni nina beSilo kukancane ukuba usale emithini yabathakathi abaphehla ngayo aManzamnyama, ufana neDungamuzi , nalo alisali. Lo muthi nina beSilo abasokoco babuye bathumele ngawo isichitho sephunga elibi , isichitho seququ. Lo muthi nina beSilo uyanuka phu, unephunga elingabekezeleleki. Njengoba ngihlezi ngisho nina beSilo , umuthi ofaka iSichitho , uphinde usikhiphe futhi iSichitho. Ngakho-ke noManxiweni nawo uyasikhipha iSichitho . Izimbali zikaManxiweni esezonyisiwe ziye zibiliswe zibe yiSiphungo esiqeda iSilungulela , noma sehlise isisu esiqumbelene. Amacembe ayabiliswa abe yiSiphungo sesifuba somoya, ayasidambisa , asithena amandla. ISifuba somoya ngisho i-Asthma. Izingxabu zikaManxiweni ziyangena embizeni yezifo zocansi oDilobhu, kanye nasezimbizeni zezifo ezichamisa igazi oSichenene. Amacembe kanye nezingxabu kuyangena embizeni yoMhlume. Izimpande ziyangena embizeni yoMzimba omubi. Zishisa izinduna ebusweni kanye nezilonda esiswini. Lo muthi uma uwuyinakisisa imisebenzi yawo, iyefana neyeDungamuzi . NeXolo le Dungamuzi lihle kakhulu kwezoMzimba omubi, kanye nakwezoMhlume\a.
Ake ngime lapho nina beNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! UGawu bazakuliluma bazakuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi!
Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi”Kholo Khumalo TV” ..
