Incazelo ngoMabululwana (IMpundu, Gasteria croucheri)

 

Nina bakaThambekeka wena owaliwayo Thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi! UGuqabadele iNhlambasoka! USinakanaka sezincwadi ebezibhalwa nguMalimade kwabamhlophe abeLungu! Nina beSilo ngethemba kusaphileka kuzo zonke izindawo lapho ninkanise khona. Cha , thina sisaphila kwaSokhumalo . Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa uMabululwana igama lawo , ubuye waziwe kakhulu ngeleMpundu. Le Nduku iseMndenini owodwa namaCena(Aloe), iziNhlaba , oMathithibala njalo njalo . Le Nduku isondelene kakhulu noMathithibala , zicishe zifane. Sizokhumbula futhi ukuthi  uMathithibala ubuye waziwe ngoMabululwana omkhulu. Kanti nemisebenzi yazo lezi ziNduku zombili ithi ayifane. Zombili ziyatshalwa ekhaya zivikele ikhaya emimoyeni emibi, ziyaliphebeza iZulu, ziyangena eMabuthweni alwayo . Izintelezi ezinkulu lezo . Le Nduku ngesiBhunu ibizwa ngokuthi yiBosaalwee, noma Oukossie, noma Natal beestong. NgesiNgisi kuthiwa yi Forest gasteria , noma yiForest Ox tongue. Lena kwaXhosa yaziwa kakhulu ngeQhomololo , noma ngeMpundu. NgokoLimi lo Sosayensi le Nduku ibizwa ngeGasteria croucheri.

Wenzani uMabululwana?

NjengoMathithibala nina beSilo, le Ntelezi iyaphanyekwa phezu kweNdlu noma endaweni ephakeme, ivikele umuzi kuMphezulu nasemimoyeni emibi. Iyangena kwezamacala , igeza iphinde igqume ngomuntu ozoyobonana neMantshi, isuke ithakwe neminye imithi. Yinhle kakhulu nakwezokulahla isilwane. Yinhle futhi nakwezokukhipha iSichitho. Iyawabolisa futhi amadliso , njengeMboziso. Iyangena naseMabuthweni athunywa ukuyolwa, iyangena futhi nakwezokuphindisa , iye igiye nabo oMpindamshaye kanye nezinye iziNduku. Ingena ezindaweni eziningi nina beSilo , iyangena kwezokucupha ikhaya,ithithibalisa abathakathi. Iyangena kwezokuchela ikhaya. Iyangena kwezokugeza amabhadi. Kanti iyangena futhi nasesiswini ayinankinga. Kule Nduku kusebenza wona amakhasi lawa. Uma uhlushwa isisu esibuhlungu esinezilonda, thatha ikhasi ulifake emanzini antukuntuku bese uyaphuza. Uma uhlushwa umzimba omubi ogcwele amathumba, yenza into efanayo, thatha ikhasi ulifake emanzini antukuntuku bese uyaphuza , uphinde uzihlikihle ngekhasi eligxotshiwe kuwo wonke umzimba. Ayophela wonke amathumba namashashazi . Le Nduku ibuye ibe yinhle eziNdukwini zezitha, iziNduku zokuzifihla , iye ithakwe kakhulu neNyengelezi . Le Ntelezi iyangena kweziphalazela ukuqinisa umzimba obuthakathaka, ozwakala sengathi uzongenwa ukugula. Amakhasi ale Nduku ayewehlisa noHhayihhayi kanye noShukela neAsidi .

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande.

UMabululwana \IMpundu

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo