Incazelo ngoNhliziyonkulu(iLukuluku, Dombeya rotundilia)

 

Nina abakaNkomo zabantu zineNkelenkele zikhungela iziNgobe eMashobeni! USongobese wamakhanda inkomo yanganene izothengana nayiphi na eNenekazi izothengana noMbangambi woVuma eMashobeni! UNdlukula zamaNtungwa zimukile! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo kungumhla weShumi nambili kuNhlangulana (12 Juni)onyakeni ka 2023. Sisaphila thina kwaSokhumalo. Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa uNhliziyonkulu igama lawo lesiZulu, ubuye ubizwe ngeLukuluku. Umuthi okhulayo impela lona ongafinyelela kumaMitha angamaShumi amabili nomangaphezulu. Lo muthi uthandwa kakhulu ngamaCimbi, ikakhulukazi le nhlobo yamaCimbi eyaziwa ngokuthi o”Sithebe”. Kulo muthi kusebenza ixolo, izimpande kanye  namacembe . Lo muthi ubizwa ngeDombeya rotundifolia ngolimi lwesiSayensi.  NgesiLungu kuthiwa yiWild pear. NgesiBhunu ubizwa ngeDrolpeer. Ka se Pedi bare ke Mohlabaphala. Ka se Tswana ke Motubane. Lena kwaSoshangane bawubiza ngeNsihaphukuma.

Wenzani uNhliziyonkulu?

Lo muthi ungena ezindaweni eziningana nina beSilo , ngizothinta nje  ezimbalwa. Lo muthi uyasebenza njengePhakama . Upha amandla eminye imithi , uyiphakamise. Ngakho-ke uma lingekho iPhakama, ungasivala isikhala salo eNdukwini yakho ngalo muthi . AmaPhakama yilezi zihlahlana ezimila phezu kwezihlahla ezinkulu. Umsebenzi wazo omkhulu ngowokuphakamisa, kungaba ukuphamisa amandla eminye imithi , ukuphakamisa iDlozi njalo njalo . UNhliziyonkulu uyangena nakwiSibambelelo , wenza umlingani athambe , angabi nalulaka. Uthakwa neminye imithi nokho. Le Nduku iyangena naseMabhandeni okulwa, iyangena futhi nakuMabutho athunywa ukuyolwa. Le Nduku iyangena futhi nakwezokuthandeka, ayayisebenzisa amaSoka. Le Nduku iyangena kwezezitha, kwezokuxabanisa izitha , iye iqhathwe kakhulu noChithibhunga kanye nezinye iziNduku. Iyangena futhi nasemithini egezela iphinde igqumele inhlanhla. Iyangena nakwezesithunzi. Iyangena naseZikhafulweni. Kulokhu okungenhla kusetshenziswa ixolo. Impande yaleNduku iyaphekwa ibe yiSiphungo eziphuzelwa isisu esihlezi sibuthaka. Lesi Siphungo kubuye kuchathwe  futhi , kuchathelwe inkinga efanayo. Lesi Siphungo sihle kakhulu nakokweSifazane osekhulelwe kwaze kwedlula isikhathi sakhe sokubeletha. Sihle futhi nasekuvikeleni ingane esiswini. ISiphungo sezimpande zale Nduku sihle ekuphunguleni i-Acid emzimbeni womuntu, i-Acid edalwa uphuzo olwande kakhulu i-Acid . Amacembe aye agxotshwe afakwe emanzini antukuntuku aphuzelwe ukushisa izilonda esiswini.  Mahle kakhulu nasekuegezeni inxeba. Ixolo liyaphekwa libe yiSiphungo esiphuzwa umuntu onenkinga yokungasenzi kahle kwenhliziyo.  Kuningi okwenziwa yile Nduku, ixolo layo linguMbemiso wekhanda elinkenkethayo.


Philani nina abakaKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni! IGodlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba! Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi”Kholo Khumalo TV” .

Khumu!!

UNhliziyonkulu,iLukuluku

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo