Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Ngcobo

AbakwaNgcobo  Abantu bakwaNgcobo bangaMalala avela eNyakatho nezwe.Abantu bakwaNgcobo sibathola beneNdlunkulu,iQadi kanye neKhohlwa kuze kufike nakwisizinda. Ukuze uchazeke kahle umlando wakwaNgcobo kumele uchazwe ngezindlu Ukudabuka kabantu bakwaNgcobo Kuthiwa umuntu wokuqala owaba yinzalabantu, simthola akhe umuzi wakhe eduze komfula uThukela,ezansi nalo.Igama lakhe kuthiwa nguVumezitha.UVumezitha wazala amadodana amaningi,kodwa engizowabalula lapha ayezalwa ngunina oyedwa kwaba nguNgcobo kanye noMkheshana. Izibongo ezithinte oNgcobo zivela kulaba bantu ababili, abangamadodana kaVumezitha.U... qhubeka ufunde »

Kunene

Izithakazelo ngomlando wakwaKunene Abantu bakwaKunene bangabaNguni baseMbo ngokwezigaba zabeNguni,imvelaphi yabo isenhla nezwe njengazo zonke izibongo zabeNguni.Bahlobene kakhulu nesibongo sakwaNkosi-Dlamini nokuyisibongo esibusa izwe laseSwazini.Isibongo sakwaKunene saqambeka ngoKunene kaGebase kaS... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNdunankulu uNdlela ka Sompisi Ntuli(iNtontela)

Umlando ngoNdunankulu uNdlela ka Sompisi Ntuli(iNtontela) U-Ndlela ka Sompisi Ntuli wabe eyiqhawe elikhulu leziNgonyama oShaka noDingane, wayebuthelwe eButhweni leNtontela ebuthwa yiNkosi uSenzangakhona ka Jama.Uyise ka Ndlela uSompisi wabe eyiNsila yeNkosi uSenzangakhona,wayenekhono lokuganzinga iz... qhubeka ufunde »

Post

Umlando  ngeNdlovukazi uNomvimbi Mzimela (Unina weSilo uDinuzulu)

Umlando  ngeNdlovukazi uNomvimbi Mzimela INdlovukazi uNomvimbi Mzimela ingomunye wabantu besifazane ababamba elikhulu iqhaza ekuvikeleni umbuso wakwaZulu ekucekelweni phansi ngabamhlophe,ikakhulukazi amaNgisi. Le Ndlovukazi yiyona ezala iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo ka Mpande.Uyise wayo kwakunguMswe... qhubeka ufunde »

Mazibuko

Umlando ngesibongo sakwaMazibuko AbakwaMazibuko bangaBaMbo Nguni,bayinzalo kaNtsele njengabantu bakwaZwane.Bazibiza ngenkosi yabo uMungwe,yingakho baziwa ngokuthi bangaMangwe noma abaseMangweni.Umlando uveza ukuthi abakwaMazibuko bahlobene eduze nabakwaZwane futhi kufanele ngabe abaganiselani ngoba ... qhubeka ufunde »

Post

Umlando ngenkosi uSigonyela Molefe  (Kgosi Sekonyela)

  Umlando ngenkosi uSigonyela ka Mokotjo yabaTlokwa Inkosi uSigonyela yayibusa abaTlokwa bakwaMolefe endaweni yaseNtabazwe {Harismith},yabusa kusukela ngowe 1824 kwaze kwaba u 1852 .Yona yayizalwe ngowe 1804.Isizwe sabaTlokwa sibandakanya izibongo zakwaMolefe, Matsau, Tsotetsi ,Mokotjo,Lebusa,M... qhubeka ufunde »

Chonco

Umlando ngesibongo sakwaChonco Abantu bakwaChonco bawuzalo lweNkosi uSibiside kaSidweba yaseMbo.INkosi uSibiside ibuye ibe nguKhokho wabakwaMkhize ,Shange,Ngubane,Ngezane,Mdima,amaMpondo oNyawuza,Faku ,aMaXesibe nezinye nje izibongo zaseMampondweni.Abantu bakwaChonco baphuma kuNomafu kaSibiside obuy... qhubeka ufunde »

Nzama

Abantu bakwaNzama baphinde baziwe ngokuthi ngabakwaWosiyana. Noma kwesinye isikhathi ngenxa yokwehlukana kwezigodi kuyaye kuthiwe ngabakwaZama, bamyeke uhlamvu-N ekuqaleni. Imvelaphi yabantu bakwaNzama iqhamuka kubantu bakwaNgcobo. Bazalana kakhulu nendlu kaMkheshane(Shangase).Phela uMkheshane ngumn... qhubeka ufunde »

Zikhali

Umlando ngesibongo sakwaZikhali. Abantu bakwaZikhali bangaMaNgwane, ahlobene naMaNgwane kaMatiwane. Empeleni abantu bakwaZikhali baqhamuka eSwazini kwaNgwane. AmaNgwane esiwathola manje oKhahlamba ayazalana nala MaNgwane akwaZikhali. Eduze kwechibi lakwaSibhayi(Lake Sibayi) kunendawo lapho ebizwa ng... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!