Izithakazelo ngomlando wakwaKunene
Abantu bakwaKunene bangabaNguni baseMbo ngokwezigaba zabeNguni,imvelaphi yabo isenhla nezwe njengazo zonke izibongo zabeNguni.Bahlobene kakhulu nesibongo sakwaNkosi-Dlamini nokuyisibongo esibusa izwe laseSwazini.Isibongo sakwaKunene saqambeka ngoKunene kaGebase kaSidwabasiluthuli ongukhokho wabo bonke abeSwazi -owayephila kudala kakhulu bengakabusi oDlamini wokuqala noNgwane okuqala.UKunene wazala uMmande[uMtimande] owazala uMadlabane,kwenye indlu uMmande wazala uMcusi owazala abakwaShongwe.Ngaphambilini isibongo sendlunkulu yabeSwazi bekungesakwaKunene.Lokho kufakazelwa ukuthi nanamuhla amakhosi abeSwazi akhulekelwa ngokuthi ‘Wena weKunene’.Ukusetshenziswa kukaDlamini njengesibongo sendlunkulu yabeSwazi kuqale eminyakeni yama1800 kuqalwa iSilo uSobhuza esabiza isizwe saso ngoNkosi-Dlamini sisetha ngamakhosi ayebuse kamuva kungakafikwa ezweni laseSwazini kuqhanyukwa enhla nezwe.Umnewabo weSilo uSobhuza ogama lakhe kwakunguSigweje yena wasigcina lesi sibongo sakwaKunene.USigweje neSilo uSobhuza kwabe kungamadodana eSilo uNdungunye ka Ngwane wesithathu.Empeleni uSigweje kwakumele kube uyena inkosana ezothatha isihlalo sobuNgonyama kepha wachithwa yisiko labeSwazi elithi u-Mntwana ozothatha ubukhosi kumele kube yilowo ozalwe eyedwa kundlunkulu omzalayo ,kumele angibinabafowabo abangambangisa.Manje-ke uSgweje wayenabo abafowabo esingabala kubo uMbabane [okwaqanjwa ngaye idolobha laseMbabane],uMnkonkoni,uMajumba nabanye.ISilo uSobhuza sona-ke sasinguZinyobulala kuNdlunkulu uSojamluse Simelane.Uthe uma esethatha ubukhosi u-Sobhuza waguqula isibongo isibongo seNdlunkulu yabeSwazi sangabe sisaba uKunene kodwa saba uDlamini . ISilo u-Sobhuza sathi uma sithatha ubukhosi sakha umuzi waso waseShiselweni ,salandela ngowakwaLobamba.USigweje yena wakha owasoBhadeni ngenhla noPhongolo,kwathi ngezansi kwalo wakha owaseMbizeni.Izwe likaSigweje belisuka kwaMahamba ngaseMkhondlo[Piet Ritief] lize lifike eMbizeni.ISilo u-Sobhuza sakhothama ngo 1836,ekuthameni kwaso ubukhosi babanjwa yindodana yaso u-Malambule owabe ebambele iWundlu uMswazi wesibili elalisakhula.Kwathi ngo1840 washenxa uMalambule esihlalweni sobukhosi,wadedela iWundlu uMswazi ll.Kodwa ekushenxeni kwakhe wagodla ezinye zezinkomo zasebukhosini wazifihla enabafowabo oNdlela,uFokothi,uSidubelo,uThekwane noMgidla.Ngeshswa labo-ke iSilo uMswazi sagcina siyizwile indaba yokufihlwa kwezinkomo .Kuthe uma ezwa uMalambule ukuthi iSilo uMswazi ll sesiyazi ngendaba yokufihlwa kwezinkomo wase eqoqa abafowabo babalekela enkosini uSigweje eyabe izibusela kahle abantu bakhe bakwaKunene.ISilo uMswazi saphaka ibutho laso leZinyathi ukuba liyohlasela abafowabo eBhadeni .Ngempela wahlaselwa umuzi wasoBhadeni maqede washiswa ushiswa yibutho leZinyathi . Lezi zelamani zabalekela emishini [mission station] yomlungu uRev James Allison[uMneli] webandla lamaWesili kwaMahamba.Ibutho leZinyathi labalandela khona kuleyo mishini lafike labahlasela kanye noMneli , yashiswa imishini kwafa ingxenye ethile yamaNtimande.Ukushiswa komuzi wenkosi u-Sgweje kanye nemishini kaMneli kwatholisa iSilo uMswazi izihasho ezithi ‘uMshisela qhu!oshisele izikole ezimbili ,esakwaNdlela nesakwaMneli’.UMalambule waphikelela kwaZulu wayokhonza eSilweni uMpande.Kwathi inkosi uSigweje nabantu bayo bakwaKunene kanye noMfundisi uMneli bona baphikelela eMalizibheki bakha eduze nomfula uMsunduzi.Indawo yabo yagcina yaziwa ngokuthi kuseMaswazini.Inkosi uSigweje yakhothamela khona eMsunduzi futhi yatshalwa khona ,ubukhosi babe sebuthathwa inkosana yayo uLubelo owalandelwa inkosi uDidumndeni kaLubelo .Inkosi uDidumndeni yakhothama ngoMandulo ka 1970 nokwathi ngemuva kokuthama kwayo ubukhosi babanjwa ngamabamba izikhathi ezimbili ebambele inkosana yayo uMalusi kaDidumndeni.Kwaqala kwabamba uMalamulela kwabuye kwabamba uMbizoyamaswazi.Inkosi uMalusi yiyona ephethe manje
Izithakazelo zakwaKunene
Mtimande
Bhambolunye
Zingaba mbili zifuze ekhakonina
Maswazi amahle
Madonsela
Sgweje
Izibongo ezihlobene nesakwaKunene
Shongwe
Madonsela
Ngwenya
Mgoza
Hlela
Thela
Seyama
Kulobe UKholo Khumalo
