Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Dlamuka

Umlando ngesibongo sakwaDlamuka Ngokwezigaba zabaNguni abantu bakwaDlamuka bangabaNguni abangabaNtungwa Nguni.Lokho akubahlobanisi nabakwaKhumalo noma abakwaMabaso . AbaNguni bahlukaniswe izigatshana,kukhona abaNtungwa Nguni,abaNguni baseMbo, aMalala Nguni kanye nezinye izigaba. AbakwaDlamuka bona-ke bawela esigabeni sabaNtungwa Nguni. Laba bantu bakwaDlamuka kusengabantu bakwaQwabe noma ngithi abakwaGumede. UDlamuka okwaqanjwa ngaye isibongo wayengenye yamadodana kaKhuzwayo kaSimamane wakhona kwaQwabe . UQwabe lona wayeyiNkosana yeNkosi uMalandela ka Luzumana.INkosi uMalandela yayakhe ngaphez... qhubeka ufunde »

Biyela

Umlando ngesibongo sakwaBiyela Isibongo sakwaBiyela siphuma kwesakwaZulu. Laba bantu bakwaBiyela basondelene kakhulu nabantu bakwaNtshangase .Empeleni kusengabantu ababodwa.UKhokho wabantu bakwaBiyela nguXhoko owayeyindodana yeSilo uNdaba kaMageba kaZulu.UXhoko wayeyindodana endala yeSilo uNdaba kod... qhubeka ufunde »

Ngidi

Abantu bakwaNgidi bangaManguni angamaLala ngokwezigaba zobunguni. Phela abantu bakwaNgidi baphuma ozalweni lukaVumizitha wazala abakwaNgcobo. Abantwana bakaVumizitha abaziwayo uNgcobo, uMkheshane kanye noNgidi. Akucaci ukuthi balamana kanjani kodwa siyazi ukuthi kungenzeka ukuthi bazalwa omama abahl... qhubeka ufunde »

Ntanzi

Abantu bakwaNtanzi baphuma kubantu bakwaNtombela , lokho kusho ukuthi bangabaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabaNguni njengabo abakwaNtombela. AbakwaNtombela bona baphuma kuNtombela owabe engumnawa wenkosi uMalandela ka Luzumana, enguyise omncane oQwabe noZulu. Laba bantu bakwaNtanzi endulo sibathola ba... qhubeka ufunde »

Shabalala

Umlando ngesibongo sakwaShabalala Abantu bakwaShabalala bangabaNguni baseMbo,imvelaphi yabo iseSwazini.Bahlobene kakhulu nesibongo sakwaDlamini . Ukhokho wabantu bakwaShabalala nguMshengu indodana kaSidwabasiluthuli.UMshengu wazala uMavuso,uNhlabathi noMhlanga.UMavuso wazala uMagudulela,uLudonga noN... qhubeka ufunde »

Mpanza

Abantu bakwaMpanza baphuma kwaMthethwa, bangamaLala Nguni njengoba sazi ukuthi abantu bakwaMthethwa bayiwona. Sithola ukuthi enye yamadodana kaKhayi yanquma ukushiya yalandela abanye abakubo okunga bakwaMasondo, abaya kwelaseBaqulusini eVryheid. Leyo ndodana yahamba nabanye ngoba kwabe sekudlala ind... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNdlabaloyi

Nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela!! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMancengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalalaISilo uShaka leso , iSilo sakithi k... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!