Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Thwala

Kubhala u-Mthabisi Mtha Ncube : Isibongo sakwaThwala singesinye sezibongo ezidume kakhulu eSwazini futhi umlando wabo unothile .Abantu babamba elikhulu iqhaza  ngeskhathi sokwakhiwa kombuso wenkosi  uSobhuza wokuqala. Ingwenyama ebusa manje eSwazini uMakhosetive(Mswati 3), izalwa ngumaThwala uNtombifuthi. Ubukhosi bakwaThwala eSwazini buseBhadzeni yikho lapho indlovukazi ezalwa khona. AbakwaThwala bathola isibongo sabo ngenxa yemisebenzi ababeyenza ebukhosini bakwaDlamini. Kuthiwa abakwaThwala babethwala izinto zakwaDlamini uma ngabe inkosi ithutha kumbe kufanele iye endaweni ethize.... qhubeka ufunde »

Gumbi

Abantu bakwaGumbi kusengabantu bakwaJele , lokho kuchaza ukuthi bangabaMbo Nguni ngokwezigaba zabeNguni .Ngesikhathi elakwaZulu liphethwe inkosi u-Senzangakhona kaJama umuntu owayebusa abantu bakwaJele nguZwangendaba kaZiguda , owayebuye abe ngumholi noma ngithi induna yebutho lenkosi uZwide elalazi... qhubeka ufunde »

Maphanga

Abantu bakwaMaphanga kusengabantu bakwaQwabe . Bazalwa inkosi u-Phakathwayo kaKhondlo inkosi yabakwaQwabe . OkaMnguni kaYeyeye wayakhe ngaphesheya koMhlathuze kuye kufike oThukela. Umuzi wakhe wawusesiphethwini seMatigulu. Igama lalowo muzi kwakuthiwa kuseMthandeni .Sizokhumbula phela ukuthi ngesikh... qhubeka ufunde »

Magubane

Abantu bakwaMagubane ngabeSuthu,badabuka e-Freestate.Kunentaba ebizwa ngokuthi yiMakubane ,ngasenyakatho-Mpumalanga yeNtabazwe [Harrismith]. Akwaziwa-ke noma lentaba yaqanjwa ngoMagubane noma yena waqanjwa ngayo intaba. Kungenzeka-ke ukuthi isibongo sakwaMagubane sisuselwa kuyo lentaba i-Makubane.Ku... qhubeka ufunde »

Mndaba

Abantu bakwaMndaba baphuma kubantu bakwaMthethwa,okusho ukuthi bangamaLala-Nguni ngokwezigaba zabeNguni njengabo abakwaMthethwa . KwaMthethwa baphuma endlini yenkosi u-Dingiswayo kaJobe. Indodakazi yenkosi u-Dingiswayo ogama layo kwabe kunguSomamase yakhuleliswa ngumnewabo okwabe kunguNdlovu kaDingi... qhubeka ufunde »

 

error: Akuvumelekile lokho !!