Mndaba

Abantu bakwaMndaba baphuma kubantu bakwaMthethwa,okusho ukuthi bangamaLala-Nguni ngokwezigaba zabeNguni njengabo abakwaMthethwa . KwaMthethwa baphuma endlini yenkosi u-Dingiswayo kaJobe. Indodakazi yenkosi u-Dingiswayo ogama layo kwabe kunguSomamase yakhuleliswa ngumnewabo okwabe kunguNdlovu kaDingiswayo, babe sebejeziswa bobabili ngokuthi bachithwe[kumbe baxoshwe]ekhaya. Baxoshwa phela ngoba benze indaba enkulu.Ekuphumeni kwaOyengweni kwaMthethwa babe sebeyokwakha umuzi wabo bawuqamba igama elithi kuseSinqiyeni. Lowo muzi wawakhe eduze komfuladlana uPhaca,ongenela emfuleni iNseleni ngakoNongidi. Ngakho-ke ukuchithwa kwabo ekhaya ngesenzo sabo isibongo sabo sabe sesiyashintsha bangabe besasisebenzisa esakwaMthethwa,babe sebeba ngabakwaMndaba ngoba benza indaba enkulu yokulalana bengabandawonye bezalwa muntu munye . Namanje laba bantu bayatholakala laphaya kwesakwaMthethwa.Uma befunga bathi :-”Sinqiya sikaSomamase”.

UMndaba wazala khona uGwayiza,uNdekwana ,noYangana . Uzalo lukaNdekwana luyatholakala laphaya Obizo kwesakwaCebekhulu,kwaMadlebe[kwaZungu] nakwaDlangezwa[kwesakwaMkhwanazi] .UGwayiza wazala uXamu[Imboza ibutho lakhe elalwa eSandlwana] yena wazala uNongcengce[Indlu yengwe ibutho lakhe] owakha umuzi waseNsalangimangele ,owaganwa nguMntwana u-Khenela kaSokwetshatha kaMyandeya kaMbiya wakwaMthethwa.

Kwelamana kwabakwaMndaba:


UMndaba wazala uGwayiza,uNdekwana noYangana

UGwayiza yena wazala  uXamu

UXamu wazala uNongcengce

Izithakazelo zakwaMndaba :

Sobahle,
Makhunga kaNdunakazi
UPhongwana,umntwana wenkosi,
UMadanga uhlamvana lubhula umlilio.

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo