Isibongo sakwaThwala singesinye sezibongo ezidume kakhulu eSwazini futhi umlando wabo unothile .Abantu babamba elikhulu iqhaza ngeskhathi sokwakhiwa kombuso wenkosi uSobhuza wokuqala. Ingwenyama ebusa manje eSwazini uMakhosetive(Mswati 3), izalwa ngumaThwala uNtombifuthi. Ubukhosi bakwaThwala eSwazini buseBhadzeni yikho lapho indlovukazi ezalwa khona. AbakwaThwala bathola isibongo sabo ngenxa yemisebenzi ababeyenza ebukhosini bakwaDlamini. Kuthiwa abakwaThwala babethwala izinto zakwaDlamini uma ngabe inkosi ithutha kumbe kufanele iye endaweni ethize. AbakwaThwala kusengabantu bakwaMotha, ngabeSotho ngokwendabuko, batholwa eSwazini ngeskhathi kufika abakwaDlamini yingakho sithi ngabeSwati abamakhandambili, Amakhandambili yizizwe zonke ezatholwa ngabakwaDlamini(kanye nezinye izizwe ezafika nabo) eSwazini. AbakwaThwala abayidli inyama yenkomo engenampondo. Ubudlelwano phakathi kweMbube uMswati 2(1840-1868) nabakwaThwala baqiniswa yizimpi ezalwiwa ngamaSwazi phela abakwaThwala ngamaqhawe amakhulu kwezokulwa, bebalwa kuphuke imikhono. Yibona abelekelela abakwaDlamini ngeskhathi uNdlunkulu kaMswati wesibili, u-Thandile Ndwandwe ethola umendo eSwazini.
Izithakazelo zabo :
[e-Swazini]
Tfwala,
Motha,
Lukhambule,
Mnyamandze
Mkhonto lodvuma njengelitulu,
Mafuyankabi,
Nshivakati Nkhomo katingeni edamu tiyacabelana,
Shiva longenatimphondvo, lenetimphondvo tatitsatsa ekhabonina matalankosi nina enatala uMswati wesitsatsu ::
Izithakazelo zabo jikelele:
Mnyamande
Swazi
Mkhonto oduma njengezulu
Inzimakazi engenampondo ingaba nezimpondo iyahlaba
Siwela
Thwala loMzimkhulu
Bhijela wamaMbane
Malindisa
Abanye bathakazela kanje :-
Ncamane,
Skhandisa samakhosi,
Thwala lomzimkhulu,
Mnyamande,
Mkhont’oduma njengezulu,
Ithala lomkhonto lisemaNyamandeni,
Nhlangothi zimanxebanxeba,
Wena kaMlamulankunzi ungaziyeki zibulalane,
Wena kaSiwela owawela umfula ngesilulu,
Mnyango kawuvalwa, uvalwa ngamakhand’amadoda,
Ntshivakazi engenampondo,
Bhijela wamaMbane,
Sakade kaGemane,
Gemane kaSiwela,
Nzilagazi!