Maphanga

Abantu bakwaMaphanga kusengabantu bakwaQwabe . Bazalwa inkosi u-Phakathwayo kaKhondlo inkosi yabakwaQwabe . OkaMnguni kaYeyeye wayakhe ngaphesheya koMhlathuze kuye kufike oThukela. Umuzi wakhe wawusesiphethwini seMatigulu. Igama lalowo muzi kwakuthiwa kuseMthandeni .Sizokhumbula phela ukuthi ngesikhathi kuxabene amadodana kaMalandela oQwabe noZulu ,uQwabe waqoqa imigodla yakhe waphuma washiya ikhaya wayokwakha umuzi wakhe wawubiza ngokuthi kuseMthandeni ethi abanye abantu bazomthanda ngoba abozalo bengamkhombisanga uthando noma ukumthanda . Kuze kube namuhla izigodlo ezinkulu zamakhosi akwaQwabe zibizwa ngokuthi kuseMthandeni .

Ukuqambeka kwesibongo sakwaMaphanga :


Isibongo sakwaMaphanga savela emva kokunqotshwa kwenkosi u-Phakathwayo inqotshwa yiLembe .Kuthiwa okaQwabe wenqaba ukusiza iLembe ngamabutho ngenkathi lilungiselela okuyolwa nenkosi yabakwaNdwandwe inkosi u-Zwide kaLanga,okaSenzangakhona wase ebona kungcono ukuba ahlaselwe lona okaKhondlo. Kuthiwa wanele wezwa nje u-Phakathwayo ukuthi amabutho akhe achithwe kalula wehluleka ukuzibamba. Wakhuluma, icala elibeka ezinduneni zakhe. Wayethi yizona ezimenze ukuba ayihlomise .Ngalobo busuku okaQwabe walala ekhathazeke kakhulu kangangokuba kwema inhliziyo wakhothama . Emva kokukhothama kwakhe abantu bakhe bahlakazeka bagcwala izwe ,futhi baphenduka umtshingo ubethwa ngubani .Babengasenalutho ngoba phela yonke imfuyo isidliwe yiLembe

Ngelinye ilanga inkosi u-Shaka yathumela owabe engesinye sezikhulu kulabo bantu bakwaQwabe. Esefikile iLembe lathi kuye,’Ngiyabona ukuthi nina bantu bakwaQwabe anisenalutho, anisafuyile,ngakho-ke ngizonisiza ukuze nifuye futhi nibe nezinkomo ”

Esekushilo lokho wayala leso sikhulu ukuba size nezinsizwa zakhona kwaQwabe ukuze abanike elinye lamabutho akhe kuhanjwe kuyohlaselwa kwenye indawo eyabe inabantu ababefuye izinkomo ,ziningi . Ngempela kwaba njalo kwahanjwa kwayohlaselwa ,zadliwa izinkomo. Seyizikhethile ezayo inkosi u-Shaka yayala leso sikhulu sakwaQwabe ukuba siqhube lezo zinkomo ezazisele siziyise kwabanye bakubo ,sifike sizabele abanye ukuze bonke bafuye ngokufanayo. Ngesikhathi sizaba isikhulu leso asizabanga ngokulinganayo.Sazigodlela isibalo esikhulu salezo zinkomo.Iningi labantu lathola isibalo esincane kakhulu . Labo abanganeliswanga yindlela leso sikhulu esabe sizabe ngayo lezozinkomo,bahamba baya kuShaka bayombikela ngesenzo esingalungile sokwabiwa kwalezo zinkomo . Inkosi u-Shaka yabaphendula ngokuthi kwabe kungekho lutho eyayingabasiza ngakho ngoba yibona ababesindwe izinyawo . Ukuze bahlalisane ngokuthula iLembe labahlukanisa.Lasisusa leso sikhulu kuleyo ndawo lasinika enye indawo nabalandeli baso ukuze bakhe khona,kungabi khona ukuxabana.Ngesizathu sokuthi leso sikhulu saphangela abakubo izinkomo,inkosi u-Shaka yathi sesinguMaphanga,asiseyena u-Qwabe .Ngokuphangela abakubo izinkomo ,lowo Mnumzane wazithola eseqanjwa isibongo sakwaMaphanga.Ngokunjalo nabalandeli baleso sikhulu babizwa ngokuthi sebengabantu bakwaMaphanga . Nenzalo yabo yaziwa ngaleso sibongo sakwaMaphanga kusukela ngaleso sikhathi kuze kube namuhla .

Sebakhile kuleyo ndawo lapho u-Shaka ayebabeke khona,leso sikhulu asizange sisazihlupha ngokuyokhotha ibandla enkosini u-Shaka. Leso senzo sikaMaphanga samthukuthelisa kakhulu okaNdaba. Wabiza enye yezinduna zakhe zempi wayitshela ukuthi mayizimisele ukuyohlasela abakwaMaphanga ekutshwaseni kwenyanga elandelayo. Njengoba abantu bengayi nganxanye bengemanzi , kwasuka enye yezinceku zikaShaka yayoluma u-Maphanga indlebe ngohlaselo olwaluhlelwe yiLembe . Leyo nceku yeLembe yamyala u-Maphanga ukuba abaleke abaleke nabantu bakhe abheke entshonalanga . Esekuzwile lokhu u-Maphanga wasuka nabantu bakhe babaleka ,balibhekisa eNtshonalanga. Bazithola sebemise phansi kwezintaba zoKhahlamba ,eMpumalanga,eSwazini ,eZimbabwe kwaBulawayo naseLesotho . Yingalesi sizathu abantu bakwaMaphanga betholakala e-Bulwer,IMpendle nasezifundeni zaseMgungundlovana noMgungundlovu .Ukufika kwabo esifundeni saseMgungundlovu,nokwakha kwabo endaweni ephakathi kwaseTaylors ne-Elandskop kungenxa yesizathu sokuthi babecelwe,babizwa ngabantu bakwaMadlala,abantu bakaSandindi ,ukuba bazobasiza ngokubabulalela izindlovu ezabe zibahlupha emasimini ,zidla ababekutshalile .Banikwa indawo ngabantu bakwaMadlala ,bakha ,bahlala bazinza.

Niqaphele bakwethu ngoba isibongo sakwaMaphanga sihlukene kabili .Kukhona u-Maphanga wakwaQwabe [lona ebesikhuluma ngaye] besekuba khona u-Maphanga wakwaMaseko ,oNgcamane baseSwazini .

Izibongo ezihlobene nesakwaMaphanga:

-Qwabe
-Khuzwayo
-Zulu
-Ntombela
-Myeza
-Mbatha
-Gumede
-Mnguni
-Mngadi
-Nene
-Gcabhashe
-Makhanya
-Khwela
-kanye nezinye ,ziningi bakwethu

Izithakazelo zakwa-Maphanga:

Mnguni,
Qwabe, Gumede,
Mnguni kaYeyeye,
Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi “dluya kubeyethwe”,
Kanti bahlinza imbuzi,
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
Sidikida lolodaba,
Phakathwayo!
Wena kaMalandela,
Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo