Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo Nhlalayenzeka\uTshanibezwe\Dianthus mooiensis

    Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! UZulu lizayo khwezani  abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amagawu abebesi! Nina beSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi, ngethemba nisaphila nina bakaMgengi phez’izitha kusehlobo! Cha, thina sisaphila eMantungweni kungumhla wamashumi amathathu kuMbasa {EPhreli} siyigoqa inyanga ka EPhreli} INhlalayenzeka\uTshanibezwe Nina beSilo lobu tshani enibubona esithombeni kuthiwa iNhlalayenzeka ,bunguBulawu beDlozi obungena eziHlanzini ezimhlop... qhubeka ufunde »

UMnukelambiba (Clausenia anisate,Horsewood,Munukha-vhaloi)

  Incazelo ngoMnukelambiba Nina abeNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi,uMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele.UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose.UNgalo zimqingo ngoba ziyakwazi ukuphatha iSibhamu zinjengezabeSuthu bakoFebane.Enhla nasezansi ngiyazibingelela ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMkhoma\Whale..

  Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe. UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgadade , ngethemba basaphila abeSi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNqe (iZwangomoya\IDlanga\Vulture )

Nina abakaSihlangu simagqabha sinamanxeba , uVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili! INtulo ebande ngodongva kwaBhekuzulu , uNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana !! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kungumhla wamashumi amabili nesishiyagalo mb... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMaguqu (Maesa lanceolata)

  Incazelo ngoMaguqu  Nina abeNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu uZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu.UVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili.UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana.Enhla nasezansi ngethemba zisaphila iziNgabade.Le nduku eniy... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoBulawu iNingizimu.

  Nina abaka Klebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala!UNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe. UHlanya olusemehlweni amadoda, uNomakhwelo iNgonyama! Enhla nasezansi ngiy... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNgibonisele

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbul’amaGawu abebesi! UZulu lizayo khwezan’abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ! IGwija likaMdlaka ligwegwe lij... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMnqandane\Bluebush\Monkey-plum\Monkga-nku:::

  Nina baka Singquma kakhulumi akanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza! uQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane!! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abakaJininindi ka Ndaba omnyama. Cha, thi... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uTshanibezwe ka Mnyamana Buthelezi:

  Inkosi uTshanibezwe yayizalwa inkosi uMnyamana ka Ngqengelele Buthelezi . Inkosi uMnyamana yagqama kakhulu ngezikhathi zokubusa kweziNgonyama oCetshwayo kanye noDinuzulu. Ngesikhathi sokubusa kweSilo uCetshwayo inkosi uMnyamana yabe inguNdunankulu ka Zulu. Ngesikhathi sokubusa kweSilo uMpande... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMzongwana \Euphorbia esula::

  Nina abakaKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixexelegu! UHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe uMantshonga benoGqelebana ! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo!! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo . Cha thin... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!