Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

 

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngamafutha eMvubu

  Nina abakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya , uMkhwamude wangisika isilevu uSungulo olude lwangithunga impumulo! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kungumhla wokuqala kuNhlaka {uMeyi} onyakeni ka 2023 . Ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, thina sisaphila eMantungweni. IMvubu\iMboma Nina beSilo le silwane enisibona esithombeni sibizwa ngeMvubu ngesiZulu, sibuye saziwe ngeMboma ngaso isiZulu. NgesiLungu kuthiwa yiHippopotamus.Kuthiwa iMvubu ihlobene kakhulu noMkhoma.  Lesi silwane sinesikhumba esiqinile kakhulu kangangikuthi ngisho nezinyo likaMtim... qhubeka ufunde »

Incazelo Nhlalayenzeka\uTshanibezwe\Dianthus mooiensis

    Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! UZulu lizayo khwezani  abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amagawu abebesi! Nina beSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi, ngethemba nisaphila... qhubeka ufunde »

UMnukelambiba \Clausenia anisate \Horsewood\Munukha-vhaloi

  Nina abeNgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi , uMudli weNguyazana eyedwa kwaNolele! UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose! UNgalo zimqingo ngoba ziyakwazi ukuphatha iSibhamu zinjengezabeSuthu bakoFebane! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungu... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMkhoma\Whale..

  Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe. UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgadade , ngethemba basaphila abeSi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNqe\IZwangomoya\IDlanga\Vulture .

Nina abakaSihlangu simagqabha sinamanxeba , uVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili! INtulo ebande ngodongva kwaBhekuzulu , uNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana !! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kungumhla wamashumi amabili nesishiyagalo mb... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMaguqu \Maesa lanceolata

  Nina abeNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu uZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! UVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili ! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kungumhla weshumi nesishiya galo lu... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoZekani ,iSiqomiso :

  Nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! UNomakhwelo iNgonyama , uHlanya olusemehlweni amadoda! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! Nina beSilo ngiyanibingelela nonke enhla nasezansi. Ngethemba basaphila bonke abeZulu eliphezulu kungumhla weshumi nezi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoBulawu iNingizimu.

  Nina abaka Klebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala!UNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe. UHlanya olusemehlweni amadoda, uNomakhwelo iNgonyama! Enhla nasezansi ngiy... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNgibonisele\Acalypha glandulifolia::::

  Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbul’amaGawu abebesi! UZulu lizayo khwezan’abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ! IGwija likaMdlaka ligwe... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMnqandane\Bluebush\Monkey-plum\Monkga-nku:::

  Nina baka Singquma kakhulumi akanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza! uQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane!! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abakaJininindi ka Ndaba omnyama. Cha, thi... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!