Incazelo Nhlalayenzeka\uTshanibezwe\Dianthus mooiensis

 

 

Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! UZulu lizayo khwezani  abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amagawu abebesi! Nina beSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi, ngethemba nisaphila nina bakaMgengi phez’izitha kusehlobo! Cha, thina sisaphila eMantungweni kungumhla wamashumi amathathu kuMbasa {EPhreli} siyigoqa inyanga ka EPhreli}

INhlalayenzeka\uTshanibezwe

Nina beSilo lobu tshani enibubona esithombeni kuthiwa iNhlalayenzeka ,bunguBulawu beDlozi obungena eziHlanzini ezimhlophe, zokugeza iDlozi. NgeBotanical name bubizwa ngokuthi iDianthus mooiensis . IDianthus wuMndeni wotshani esingabala oNingizimu , oZekani kanye nibunye utshani. INhlalayenzeka yaziwa kakhulu ngoTshanibezwe. UTshanibezwe buyaphalaza , buyagquma buphinde bugeze. Buyangena eGobongweni elimhlophe leDlozi. Buvula amaphupho , buhle kakhulu kakhulu nasekuvuleni iDlozi eSangomeni esivaliwe , esingasashayi emhlolweni. Buye buthakwe neminye imithi efana noMadlozana , uVumakubangoma omhlophe kanye neminye. Buhle kakhulu nasekuvuleni noma ekukhuphuleni iSithunywa. UTshanibezwe buhle nasekugezeni iDlozi ebeseliphenduliwe ngaManzamnyama. Bukhonzwe kakhulu nangamaSoka , abuthaka emithini yawo emhlophe yokuphalaza efana noVelabahleke, uFoshela, uMusa, uNgibonisele, kanye neminye. AmaSoka abuye akhafule ngabo. UTshanibezwe buyangena eZibungeni zeBhizinizi. Buyadonsa , buyabiza bubiza amaKhastama. UTshanbezwe buyashiswa naseMpephweni eMsamo , uma kuthethwa iDlozi . Kuncengwa ngabo iDlozi. Bufana noMphenduli. UTshanibezwe buyangena nakwezokuthandeka. Buhle nasekugezeni amabhadi , buye beqhathwe noMhlambamanzi kanye neminye imithi.

Khumu!!

Niphile nina aboVava lwenkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili! Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi.

INhlayenzeka\uTshanubezwe

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo