Nina abakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya , uMkhwamude wangisika isilevu uSungulo olude lwangithunga impumulo! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kungumhla wokuqala kuNhlaka {uMeyi} onyakeni ka 2023 . Ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, thina sisaphila eMantungweni.
IMvubu\iMboma
Nina beSilo le silwane enisibona esithombeni sibizwa ngeMvubu ngesiZulu, sibuye saziwe ngeMboma ngaso isiZulu. NgesiLungu kuthiwa yiHippopotamus.Kuthiwa iMvubu ihlobene kakhulu noMkhoma. Lesi silwane sinesikhumba esiqinile kakhulu kangangikuthi ngisho nezinyo likaMtimande {leNgwenya} kalingeni kusona. Kuthiwa kudala isikhumba seMvubu sasishukwa, bese kwenziwa isiSwebhu okwakushaywa ngaso izigangi . IMvubu ibuye yaziwe ngeMboma , okubuye kube yisithakazelo sakwaSikhakhane esisuselwa eDlozini lakhona , uMboma indodana ka Mqhele okuthiwa wayekhe ngaseNkandla. *Kulesi silwane iMvubu amafutha aso asebenza kakhulu , esetshenziswa aboHlanga. Ekuwasebenziseni kwabo baye bawasebenzise ngoBulili. AweMvubu yensikazi asebenza okuthile, kanti nawe duna noma awenkunzi nawo anezindawo zawo lapho engena khona. Amafutha eMvubu yensikazi mahle kakhulu kwiSibambelelo , asetshenziswa ngabesifazane ukubamba aBayeni babo , ukuba banamathele kubo bengabashiyi baye kwabanye oMame. Ayangena futhi nasemithini yokuthandeka esetshenziswa abasifazane kanye nabesilisa. Amafutha eMvubu yensikazi kanye neyesilisa ayangena eNdukwini uma kuleyo Nduku kukhona umuthi onamandla ongahle ukhathaze izingane ezincane zishone ukhakhayi, ikakhulukazi amafutha eBhubesi noma ikhanda leMamba kanye nokunye nje okumandla kakhulu.Angena njengomuthi ozonciphisa amandla kulowo muthi onamandla. Amafutha eMvubu yesifazane ayangena emithini eshunqiswa ekhaya, eshunqiselwa ukuletha ukuthula nokuzwana kulelo khaya. Amafutha eMvubu yensikazi ayangena naseNdukwini yamaSoka yokudonsa izintombi, athakwa noDumbasibumbu, oZeneke kanye neminye imithi badonse ngawo izintombi. Ayangena nakwezokudonsa imali ema Bhizinisini. Ayangena eZibungeni. Bobubili uBulili buyangena. Kubalulekile ukuba uma uyothenga amafutha eMvumu ufike usho ukuthi ufuna awabuphi uBulili ukuze akusebenzele kahle. Bobubili uBulili buthi abenze imisebenzi efanayo kodwa kwehluka nje kancane. Amafutha eMvubu yesilisa angena kakhulu kwezokugomela isibhamu. Ayangena nakwezokuziqinisa . Ayangena nasemaBhandeni okulwa. Avamise ukuba ungena ezinsizini ezikhothwayo. Ayangena nakwezokuhlonipheka , bawathaka noMhlonshwa , uMathunzentaba kanye neminye imithi. Nawo ayangena kwezokundosa . eMabhizinisini. Mahle kakhulu kwezemisebenzi, ekufeseni , kuma-interview. Bawathaka noMlomomnandi kanye neminye imithi. IMvubu nayo ihlala emanzini njengaye uMtimande . UMtimande noMboma izilwane ezihlala ndawonye emanzini kodwa ezingezwani kahle. Kuba yimpi enkulu uma omunye woMtimande edle ithole likaSikhakhane. Kukhina nesisho esithi “Akukho zinyane le Mvubu ladliwa ziNgwenya kwacweba iziziba”
Khumu!!