Incazelo ngoMkhoma\Whale..

 

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe. UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgadade , ngethemba basaphila abeSilo. Cha, thina sisaphila eMantungweni kungumhla wamashumi amabili nesishiyagalo lunye enyangeni ka Ephreli{Mbasa}, onyakeni ka 2023..

UMkhoma.

Nina beSilo le silwane enisibona esithombeni isilwane sasemanzini esibizwa ngokuthi uMkhoma. Yisona silwane esikhulu ukwedlula zonke izilwane lezi. UMkhoma uwela emndenini yezilwane ezibizwa ngama-Mamal. Ize abantu baweyamanisa kakhulu neNhlanzi kodwa kuthiwa uhlobene kakhulu neMboma. Umehluko phakathi koMkhoma neNhlanzi wukuthi iNhlanzi uma izozala iqala ngokubeka amaqanda, uMkhoma wona uzala ithole njenkomo. Akuvamisile ukuba uzale amaphahla . Uzizalela ithole elilodwa zwi. UMkhoma uhlala ngaphakathi ekujuleni  koLwandle . Kodwa ngenxa yokuguga, noma ngenxa yesimo sezulu uMkhoma uke uzithole usuphumile oLwandle wangena emfuleni,  waphambana namanzi emifula esuke ingenisa wazithela kweminye yaleyo mifula. Leso simo siba yinhlanhla enkulu kubantu kwazise phela bayawudla uMkhoma, bayowuxebula-ke  amaqatha amakhulu bawathwale baphikelele nawo emakhaya bayodla. Kukhona nenkulumo ethi ‘ukuxebula uMkhoma” okuyinkulumo echaza isimo lapho abantu bezitika khona ngento ethile uma iningi , kungaba ukudla , kungaba imali noma okunye nje. Incazelo yaleyo nkulumo ithi ayifane neyenkulumo ethi ‘zimbiwe yiNsele yazishiya’.

Amafutha oMkhoma.

Amafutha abaluleke kakhulu, kwenziwa ngawo izinto eziningi. Ezinye zalezo zinto amakhandlela okukhanyisa , ayangena ezithakweni zikaOyela ofakwa kakhulu kumaBhawudi naseNjinini yeMoto. Kuthiwa kudala amafutha oMkhoma kwakwenziwa ngawo insipho. Kuthiwa kudala ngabo 1600 kuya ku 1800 uMkhoma wabe uyisilwane esasizingelwa kakhulu , noma esasidotshwa kakhulu emhlabeni wonke jikelele ngenxa yokubaluleka kwamafutha awo. Kuhambe kwahamba kwagcina sekuvaliwe kudotshwa koMkhoma. Enye into ebaluleke kakhulu eMkhomeni amasimba awo . Aligugu kakhulu phecelezi its so valuable. Abiza iziGidi-gidi zamadola aseMelika.Inani lamasimba oMkhoma liphezulu kakhulu . Abizwa ngokuthi iAmbergris, noma iWhale poop. Nokho akukho lula ukuba atholakale amasimba oMkhoma kwazise uMkhoma isilwane esizihlaleni ekujuleni koLwandle. Aye atholakale kuphela uma uMkhoma uphumile oLwandle , weduka waphuma oLwandle wangena emfuleni.  Wase uyawanya. Uma esewuMswane awabizi lutho , kudingeka asebhoshiwe . Bakhona nokho abathi i-Ambergris ayiwona amasimba oMkhoma kepha iyiSidoda soMkhoma.


UMkhoma kwezaMakhathakhatha.

Amafutha oMkhoma yiwona asebenza kakhulu kwezaMakhathakhatha. Amafutha oMkhoma angena kakhulu emithini yemfuyo, ayigcina ikhuluphele, phela uMkhoma awuzaci . Ayangena nakwiziNcweba, ayangena ezinyamazaneni ezishunqiswayo , ayangena futhi nasezinsini sokukhotha . Amafutha oMkhoma ayangena nakwezokuhlonipheka , aye athakwe neminye imithi kukhandwe iNduku yokuhlonishwa. Amafutha oMkhoma mahle eZibungeni zamaBhizinizi , mahle impela ayadonsa , akhonzwe ngisho nango Somabhinizi baseNdiya.Ayangena nakwizithalo zeMpepho abayishisayo.  Mahle nasekubetheleni ikhaya , ukuqinisa imoto njalo njalo . Amafutha oMkhoma mahle nakwezoGazi , ayangena kwezokwakha ukuthandeka . Angena ezindaweni eziningana .

Khumu!!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngaMakhathakhatha.

Baxebula uMkhoma

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo