Incazelo ngoMaguqu
Nina abeNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu uZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu.UVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili.UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana.Enhla nasezansi ngethemba zisaphila iziNgabade.Le nduku eniyibonayo ibizwa ngokuthi uMaguqu igama layo.Njengoba kuthiwa uMaguqu nje yingoma iguqula isimo esibi isiyise kwesihle.Ibuye yaziwe ngeSidende.
Wenzani uMaguqu
Le nduku iNkunzimalanga kwezokuguqula isimo isisusa kwesibi isisa kwesihle.Le nduku ingakwenzela izimanga uyiqhathe neNgwavuma nje kuphela,wazipheka,waziphehla,waziphalaza.Le nduku iphehlwa ngothi lwePhahla kwazise phela iwuBulawu bedlozi.Kuyakhulunywa nayo kuncengwe idlozi ukuba liguqule isimo, lilethe inhlanhla livule izindlela.Iyangena nakwezokundonsa umsebenzi,iyangena nakwezamaBhizinisi.Iyakhafula,iyachela,iyaphalaza iyagquma.Iye ithakwe nezinye izinduku.UMaguqu uyangena nakwezokugeza idlozi uma bekade liphehlelwe aManzamnyama.UMaguqu uyangena naseGobongweni lokuhlambulula idlozi.Kahle-hle unguBulawu bedlozi.UMaguqu uyangena nakwezokuthandeka,kwezokwakha uGazi.Uyangena nakwezamaSoka,amaSoka ayawuthaka eNdukwini yawo emhlophe yokuphalaza.UMaguqu uyangena eZikhafulweni zokulanda izithandwa.Uyangena naseMabuthweni okulanda insizwa uma ibhungukile. Ungena ezindaweni eziningi.Uyangena nakwezokuphindisa.Uyangena nakwezokuFesa umsebenzi.Impuphu yezithelo ezincanyana zikaMaguqu ingumuthi omkhulu wezilo esiswini,ibuye yelaphe nesisu esithumayo.Iye ikhothwe,noma ithelwe emanzini abandayo,ebese kuphuza umuntu okhathwazwa yizilo,noma isisu.
Khumu!
Niphile nina bakaThswala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazana.Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo KhumaloTV” uthole ulwazi oluthe thuthu ngeNgxabu.
