Incazelo ngoMnqandane\Bluebush\Monkey-plum\Monkga-nku:::

 

Nina baka Singquma kakhulumi akanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza! uQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane!! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abakaJininindi ka Ndaba omnyama. Cha, thina sisaphila eMantungweni kungumhla weshumi nasithupha kuEphreli{Mbasa} onyakeni ka 2023.

Nina neMbube eshoba liyisilikithi nawo-ke uMnqandane . Umuthi obaluleke kakhulu lona , uwumuthi olwayo , uyangena eMabuthweni athunywa ukuyolwa. Lo muthi ungeminye yemithi engashaywa nhlobo uMphezulu. Kusebenza impande kulo muthi . Ingena emithini edliwa uma kugezwa aManzamnyama. Ungeminye yemithi edlelwa ehlathini uma kugezwa aManzamanyama. Uyancindwa , uyagquma , uyaphalaza uyageza futhi. Uqhathwa nemithi efana noQeduhlobo\UMuzowawulapha wayangaphi, uMviyo , uMantingwe{uManzanyama} kanye neminye imithi. Uma kugezwa aManzamnyama kugeza wonke uMndeni , ugezela ehlathini , esidulini . Udla yona le mithi engiyibalile. Umndeni usuke uhamba neNyanga okuyiyona esuke ikhipha yonke imiyalelo. Uma isidliwe -ke le mithi kube sekuphindelwa ekhaya kuyodliwa imithi eMhlophe -ke manje , imithi yeDlozi. Idliwa okweViki lonke. Kuhlatshwa iMbuzi emhlophe qwaba. Imithi edliwayo uVumakubangoma omhophe, uMadlozana , iNingizimu, iMpendulo , uMtholo kanye niminye. Idliwa isonto lonke , 7 days . Uma sekuphelile -ke zizoqala -ke manje zikhale kuMphehli waManzamnyama kanye nawo wonke uMndeni wakhe kwazise kusuke kudliwe noQedunhlobo iNkunzimalanga kwezokuphindisa .. Impande yoMnqandane yelapha nezinyo elibuhlungu, eNdulo kwakuxujwa ngayo nje ngeSixubho phecelezi Toothbrush. UMqandane uyangena kwezokubethela izulu. UMnqandane kuthiwa iBluebush ngesiNgisi, noma Star -apple, noma Monkey -plum. NgesiBhunu kuthiwa iBloubos. NgesiTswana uMnqandane ubizwa ngeLethanyu. NgesiPedi kuthiwa iMonkga-nku. NgesiVenda ubuzwa ngeMuthala.

Khumu!!!


Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olwazi oluthe thuthu ngamakhambi

UMnqandane

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo