Umlando ngenkosi uTshanibezwe ka Mnyamana Buthelezi:

 

Inkosi uTshanibezwe yayizalwa inkosi uMnyamana ka Ngqengelele Buthelezi . Inkosi uMnyamana yagqama kakhulu ngezikhathi zokubusa kweziNgonyama oCetshwayo kanye noDinuzulu. Ngesikhathi sokubusa kweSilo uCetshwayo inkosi uMnyamana yabe inguNdunankulu ka Zulu. Ngesikhathi sokubusa kweSilo uMpande uNdunankulu ka Zulu kwabe kungu Masiphula ka Mamba wakwaNtshangase , inkosi uMnyamana yona yabe iyisekela likaMasiphula . UTshanibezwe waqala ukugqama inkosi uMnyamana isaphila , simbona engomunye wabaholi bempi yaseTshaneni ngoNhlangulana onyaka ka 1884 , mhla zinhlanu. Impi yaseTshaneni yabe iphakathi koSuthu noMntwana uZibhebhu kanye nabalandei bakhe. Abanye abaholi bempi yaseTshaneni aBantwana oNdubuko , uDabulamanzi ,noShingana, uHuqeni noMankulumana kaSomaphunga Ndwandwe, uMkhandumba ka Mnyamana Buthelezi kanye neSilo sasoSuthu. Ngowe 1888 kwaba khona ukwehlukana kwemibono phakathi kwenkosi uMnyamana neSilo uDinuzulu mayelana nokuphakwa kwezimpi ezimbili, okuyimpi yakwaCeza eyabe iphakathi koSuthu neDlanzana lamaNgisi elalelekelelwa ngamaMbuka, kanye nempi yakwaNdunu okuyimpi eyabe iphakathi koSuthu noMntwana uZibhebhu. Zombili lezi zimpi zalwa ngokulandelana , ngawo uNhlangulana 1888. Kuthiwa inkosi uMnyamana yayiphambene nokuphakwa kwalezi zimpi,  eyakwaCeza kanye neyakwaNdunu. ISilo uDinuzulu sasingene ehlathini lakwaCeza kulandela ukubulawa kwabalandeli boSothu abangama 5000 bebulawa yimpi yoMntwana uZibhebhu eyayilinganiselwa kuma 700 , okuthiwa yayihlome ngezibhamu ihlonyiswa ngamaNgisi. Kuthiwa inkosi uMnyamana yathumela amabutho angama 400 ayeholwa nguTshanibezwe kwaCeza. Inkosi uMangomusuthu ithi lawo mabutho ayengachemile namaNgisi kodwa inkosi uMnyamana yayiwathumele ukuyobheka okwakwenzeka eHlathini kwaCeza . Uthi kwathi uma uTshanibezwe ebona ukuthi kwakuliwa waphindela emuva , eKushumayeleni eSigodlweni senkosi uMnyamana wayobikela inkosi uMnyamana ngokwakwenzeka eHlathini kwaCeza.  Inkosi uMnyamana yagcina idunguzelile yakhothama ngo 1892 . Kuthiwa inkosi uMnyamana yakhothama isinobudlelwano ubuhle kakhulu namaNgisi, Kuthiwa kusukela ngempi yakwaCeza uMbuso wamaNgisi wathatha inkosi uMnyamana njengenkosi yakwaButhelezi esemthethweni , wamholela imali engoPondo abayi 120 ngonyaka. AmaNgisi athi lemali kwakunguMholo wenkosi uMnyamana wokulahlekelwa kwayo ngamalungelo okuba uNdunankulu kaZulu , okuyisikhundla esasephethwe nguMankulamana ka Somaphunga Ndwandwe , uMbonambi. Kuthiwa amaNgisi agcizelela ukuthi inkosi yamaShenge eyayolandela inkosi uMnyamana yona yayihola uhhafu wale mali. Ngakho-ke inkosi uTshanibezwe ka Mnyamana yahola oPondo abayi 60 ngonyaka.

Ukubekwa kwenkosi uTshanibezwe ngo 1894:::

Kuthiwa ukubekwa kwenkosi uTshanibezwe  akuzange kube nezinxushunxushu ngoba inkosi uMnyamana yashiya iyikhombile inkosana yayo eyabe izoyilandela esihlalweni sobukhosi uma yona isikhotheme. Leyo nkosana kwabe kunguTshanibezwe. Kuthiwa inkosi uMnyamana yayimethulile uTshanibezwe kuMalimade {Melmoth Osborn } njengenkosana yayo , kwazise ngalezo zikhathi amaNgisi ayesefaka lonke ikhala lawo uma kubekwa inkosi yesizwe esithile. UMalimade kwaqabjwa ngaye idolobha laseMelmoth, wabe eyiSikhulu samaNgisi esibona ngezokuhlaliswa kwabantu , Resident Commissioner. Umsebenzi wokugcoba inkosi uTshanibezwe kuthiwa wahamba kahle kakhulu, umndeni wakwaButhelezi wawuholwa nguMfowabo wenkosi uMnyamana , uSantinga ka Ngqengelele owabe eyiNduna enkulu yeButho uMashayinduku. Ekubuseni kwayo inkosi uTshanibezwe zonke izinqumo eyayizithatha yayizithanda ngemuva kokuxoxisana noMnawayo , inkosi uMkhundumba ka Mnyamana, iNgobamakhosi . Inkosi uMkhandumbu yayibusa amaShenge aseNgoje. Kuthiwa la makhosi womabili ayezwana kakhulu, zonke izinqumo ayezithatha ayezithatha ngokuqala abhunge ngazo. Kuthiwa inkosi uTshanibezwe yayizimukile , iqatha, kuyileso sizathu ibongwa ngokuthi ‘iyiMbux’esindwa lishoba’.Kuthiwa yaganwa ngamakhosikazi ayishumi. Ngeshwa ayizange iyithole inzalo , kuthiwa yacela uMnawayo inkosi uMkhandumba ukuba amuphe  umfana owayezoyelusela amathole . Lokhu yakwenza ngempela inkosi uMkhandumba , igama lalawo mfana kwathiwa nguMathole , nguyena owathatha isikhundla sobukhosi ngemuva kokukhothama koYise . Inkosi uMathole yaganwa nguMntwana uMagogo ka Dinuzulu, kwazalwa uMntwana wakwaPhindangene , inkosi uMangosuthu Buthelezi. Sisazobuye sixoxe ngayo inkosi uMathole, kanjalo nenkosi uMkhandumba.


Izibongo zenkosi uTshanibezwe ka Mnyamana.

UMshaba womaniki!

Izihlandla zendl’embi!

Imbux’esindwa lishoba

USisaka singumnyakanyaka

UMacash’egcekeni njengenayithi!

Iceb’eliseNkonjeni,

Liphuzwa umaMbili , ezalwa nguZibula,

Liphuzwa uMhlome,ezalwa nguDlambula.

Inyang’abath’ifile,

Yethwasa phezu kukaManyane

Ezalwa kwaMazibuko

Yethwasa kuMchinso, ezalwa eMambatheni

Umvundl’ophamb’izinja

Zakub’ekuBhazeni

UMxheshule,

OnjengeMbava yakwaSondaba

Ulibinda nkosi!

 

 

UMntwana wakwaPhindangene

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo