Incazelo ngoMzongwana \Euphorbia esula::

 

Nina abakaKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixexelegu! UHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe uMantshonga benoGqelebana ! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo!!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo . Cha thina sisaphila eMantungweni , kungumhla weshumi nane kuMbasa\Ephreli onyakeni ka 2023 .

UMzongwane womuthi woMnotho:

Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni ubizwa ngoMzongwana ngeSintu . Lona ngumuthi okhula wedlule iMitha , kuya eMitheni nesigamu. Yonke nje ingxenye noma ngithi amalunga awo aphuma ubisi kuhlanganisa nezimpande zawo . UMzongwana muhle kakhulu ekudonseni uMnotho nina beSilo , futhi uyakwazi ukusebenza uwodwa vo. Kusebenza impande yawo eseyonyisiwe , yagaywa yaba yimpuphu. Leyo mpuphu isetshenziswa kakhulu ngabantu abanamaBhizinisi , baye bayishise ekuseni uma bevula amaBhizinisi abo. Bayishisela ukuletha abantu . UMzongwana uyadonsa , udonsa ngendlela eyisimanga. Indlela elula yokuyisebenzisa le Nduku wukuthatha impushana yayo esigayiwe , uyifake eThinini ebelikade linoPholishi weZicathulo, uyoyishisela  ngaphakathi eBhizinisini lakho , ukhulume konke osuke ufisa kwenzeke ngalolo suku noma ngaleyo viki. Uma usuqedile uphinde uvale iThini lakho ulibeke kahle nomlotha weNduku , kube sengathi uPholishi weZicathulo zakho.Uzoyibona into ezokwenzeka kulelo sonto oshise ngalo le Nduku. Wonke umuthi  odonsayo ubuye uxoshe futhi , ngakho-ke lo muthi uMzongwana ubuye uxoshe nayo yonke imimoya emibi eBhizinisini. Uyathakwa emithini yeziPhephetho , iZikhafulo , aMabutho athunywayo njalo njalo . Muhle kakhulu lo muthi ekudonseni . Usebenza ngendlela efanayo neyoMbambangwe.

Niphile nina bakaMakhalima akhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela! Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” ufunde ngezinye iziNduku>>>>> ….

UMzongwana

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo