Nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili , iNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana , uQasa lukaWasa inkomo esengwa yiViyo!! #ISilo sakithi eNaleni leso , iSilo uMdloko... qhubeka ufunde »
Nina abeNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! UVezi kofa abantu kosala izibongo , yizona eziyosala zibadabula, yizona eziyosala zibalilela emanxiweni! #ISilo sakithi eMgungundlovu leso , iSilo uDingane ka S... qhubeka ufunde »