Incazelo ngoMdlebe omncane (iSidletshane \iBunga \ Euphorbia cupularis )

ISidletshane\uMdlebe omncane

Nina abeNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! UVezi kofa abantu kosala izibongo , yizona eziyosala zibadabula, yizona eziyosala zibalilela emanxiweni! #ISilo sakithi eMgungundlovu leso , iSilo uDingane ka Senzangakhona. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMdlebe omncane igama layo, ibuye yaziwe ngeleSidletshane . Le Nduku uma uyigenca noma ukha amacembe ayo iphuma ubisi oluyingozi kakhulu emehlweni , lungawavala impela amehlo umuntu abe yiMpumputhe. *Lo muthi owaziwa ngesiLungu ngokuthi yi-Dragon tree awuwona uMdlebe nina beSilo .

Yenzani le Nduku ?

Nina beSilo le Nduku yinhle kakhulu kwiMibhulelo . Amacembe kanye nezimpande zawo kuyangena ezinsizini zeMibhulelo , kuye kuthakwe nemithi efana noMakhanda ka Nsele  (ISinhlenhle) kanye nezinye iziNduku. Impande yale Nduku yinhle kwezezinsizwa , ezokuqinisa uBhoko lweSisu . Iye ithakwe eziMbizeni zoMvusankunzi , ivula yonke imithambo evalekile , ivuselele nemizwa yoCansi , iqinise noBhoko lwensizwa . Impuphu yempande yale Nduku yinhle kakhulu ezilondeni kanye nasemanxebeni , iye inanyekwe emanxebeni noma ezilondeni . Le mpuphu ibulala amagciwane , yenze isilonda sisheshe ukoma . Isithombo sonke sale Nduku kuye kushiswe oDengezini kwenziwe insizi emnyama ekhothwa uma ngabe umndeni uhlaselwe umkhuhlane ophelekezelwa wuQhuqho oluthena nomzimba,  luwuqede amandla . Impande yale Nduku iyangena kwezeSikhundla , uma ufuna ukuhlala eSikhundleni unomphela ungasuswa muntu .

Khumu!!

Niphile nina beSilo .Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo