Nina abakaQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane! INdiha le babayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! UMakhonjwa ngendololwane konje iminwe iyokhomba abanjani? USingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya! #ISilo sakithi eMgungundlovu leso! ISilo uDingane ka Senzangakhona . Ngethemba isaphila yonke iNgabade ENHLA NASE ZANSI , sisaphila thina eMantungweni…. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uGibizisila igama layo , inesigaxa esifana nesikaAnyanisi , ingakho ibizwa ngeClimbing Onion ngesiLungu. OSosayensi bayibiza ngeBowiea volubilis . AmaBhunu ayibiza nge Knolklimop…. Le Nduku ibizwa ngoMagaqana ngesiXhosa..
Yenzani le Nduku?
Nina beSilo le Nduku isetshenziswa kakhulu izinsizwa nezintokazi kwezokukhulelisa kanye nakwezokumumatha. Iye iqhathwe nemithi efana noQonsi, uMdubu , uBangalala , aMasethole , uShisizwe kanye neminye imithi.. Kusebenza kakhulu isigaxa kule Nduku. Kanti isithombo sayo sisonke kuhlanganisa nesigaxa kuye kuphekwe kulungele ukuba yiSiphungo esihlanza iSibeletho sikaMame , sisuse yonke into engcolile ngaphakathi kuhlanganisa nalokhu okubizwa nge Discharge kanye namanzi angcolile anephunga elingelihle. Konke kuphuma ngokushobinga . Lesi Siphungo sibuye silungise nesikhumba sikaMame kuphele izinduna kwazise vele lo muthi muhle kwezokulungisa isikhumba. Le Nduku ibuye ibe yintelezi esusa isinyama , iyangena kwezokhipha isinyama . Iyagquma , iyageza kanti iyaphalaza futhi . Le Nduku yinhle nakwezokhipha iziNtwala zeNgulube , iye igiye nemithi efana noShisizwe , oMvuthuza kanye neminye … Le Nduku ibuye ingene kwezokudla iziNduku kwazise vele kwaseNdulo kwakuchelwa ngayo iMpi kanye nezikhali zayo lapho izophuma iyohlasela …
Khumu!!
Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”