Incazelo ngoGibizisila   (uMagaqana \Bowiea volubilis \Climbing Onion)

UGibizisila\uMagaqana

Nina abakaQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane! INdiha le babayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! UMakhonjwa ngendololwane konje iminwe iyokhomba abanjani? USingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya! #ISilo sakithi eMgungundlovu leso! ISilo uDingane ka Senzangakhona . Ngethemba isaphila yonke iNgabade ENHLA NASE ZANSI , sisaphila thina eMantungweni…. Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uGibizisila igama layo , inesigaxa esifana nesikaAnyanisi , ingakho ibizwa ngeClimbing Onion ngesiLungu. OSosayensi bayibiza ngeBowiea volubilis . AmaBhunu ayibiza nge Knolklimop…. Le Nduku ibizwa ngoMagaqana ngesiXhosa..

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo le Nduku isetshenziswa kakhulu izinsizwa nezintokazi kwezokukhulelisa kanye nakwezokumumatha. Iye iqhathwe nemithi efana noQonsi, uMdubu , uBangalala , aMasethole , uShisizwe kanye neminye imithi.. Kusebenza kakhulu isigaxa kule Nduku. Kanti isithombo sayo sisonke kuhlanganisa nesigaxa kuye kuphekwe kulungele ukuba yiSiphungo esihlanza iSibeletho sikaMame , sisuse yonke into engcolile ngaphakathi kuhlanganisa nalokhu okubizwa nge Discharge kanye namanzi angcolile anephunga elingelihle. Konke kuphuma ngokushobinga . Lesi Siphungo sibuye silungise nesikhumba sikaMame kuphele izinduna kwazise vele lo muthi muhle kwezokulungisa isikhumba. Le Nduku ibuye ibe yintelezi esusa isinyama , iyangena kwezokhipha isinyama . Iyagquma , iyageza kanti iyaphalaza futhi . Le Nduku yinhle nakwezokhipha iziNtwala zeNgulube , iye igiye nemithi efana noShisizwe , oMvuthuza kanye neminye … Le Nduku ibuye ingene kwezokudla iziNduku kwazise vele kwaseNdulo kwakuchelwa ngayo iMpi kanye nezikhali zayo lapho izophuma iyohlasela …

Khumu!!

Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo