Incazelo ngoMgqwabagqwaba    (Erythrina latissima \uMkhakhasi\uMnqwane)

UMgqwabagqwaba

Nina abeSela lintongande lawo Baleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni!! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!!#ISilo sakithi eMgungundlovu leso, iSilo uDingane kaSenzangakhona….. Nina beSilo lo muthi eniwubonayo ubizwa ngoMgqwabagqwaba igama lawo , ubuye waziwe ngeloMkhakhasi, noma ngoMnqwane… Akuwona uMsinsi lona nina beSilo , uMsinsi ubizwa nge Erythrina lysistemon , ubuye ubizwe ngeLuckybean tree. Lezi zihlahla ezimbili zisemndenini owodwa , ingakho ziye zibadide kakhulu abantu. Kanti iziMbewu zazo ziyefana, futhi zisondele kakhulu kwezoMkhokha, umehluko wukuthi ezoMkhokha zona zinebala elimnyama. Abantu bakholelwa ekutheni iziMbewu zalezi zihlahla zontathu zidonsa inhlanhla, abanye baze bazifake nakoWalethi ngenkolelo yokuthi zizodonsa imali.. IziMbezu zoMgqwabagqwaba kudala kwakwenziwa ngazo umgexo wezingane owawufakwa entanyeni yengane noma okhalweni , kwakukholelwa ekutheni lowo mgexo uzovikela ingane kwimimoya emibi….

Yenzani le Nduku?

Nina beSilo ixolo lale Nduku lihle emithini yeDlozi , eMagobongweni amhlophe . Lisondeza iDlozi , lilenze licace nasemaphusheni. Liyangena nasemithini yokugeza iDlozi eliphenduliwe. Liyangena futhi nasemithini emhlophe yokugeza aManzamnyama. Liyangena futhi nakwezeNhlanhla. *Ixolo lale Nduku lihle nasezilondeni ezingapholi. Liye ligaywe ebese lishiswa libe yinsizi emnyama enanyekwa ezilondeni nasemanxebeni. Amanxeba omuntu  noma awesilwane , imfuyo .Le nsizi kuye kugcotshwe ngayo ingane enezilonda ekhanda, kuye kuqalwe ngokuyiphuca ikhanda kususwe izinwele..  Leli xolo lihle futhi nakwezeMfuyo. Liye libiliswe lenziwe iMbiza ephuziswa iMfuyo ukuze ikhuluphale futhi isheshe ikhwelane .Le Mbiza ibuye iconsiselwe endlebeni yomuntu egulayo .  Ixolo lale Nduku liyangena nasentelezini okugezwa ngayo ingane uma iphuze ukuhamba . Liyangena futhi naseMbizeni yezikelemu.


Khumu!!

Niphile nina beSilo. Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo