Incazelo ngeSivumelwano

ISivumelwano

Nina abakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo, uMashikizela ashiye iMpi yakhe, iNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe !! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo . *Le Nduku eniyibonayo kuthiwa yiSivumelwano iggama layo . Le Nduku iyiSikhafulo esinzima kanti ibuye ingene kakhulu kwezeDlozi …

Ibuye yenzeni le Nduku?

Nina beSilo kuye kusebenze kakhulu  impande kule Nduku…  Le Nduku yinhle ekugezeni iDlozi , iyangena eNdukwini yokugeza iDlozi uma  liphenduliwe …..  Iyangena futhi le Nduku naseGobongweni elimhlophe. Kahle-hle le Nduku iwuBulawu beDlozi. Le Nduku iyangena kwezoBusoka, iyiSikhafulo esinzima , futhi ibuye ingene eNdukwini yamaSoka yokuphalaza . Le Nduku yiNduku yokuxhumanisa . Iyangena le Nduku kwiSibambelelo esisemthethweni okuyimithi edliwa ngaBashadikazi uma besanda kugcagca. Iyangena futhi le Nduku kwiDliso elikhandelwa ukulungisa indoda, iye ithakwe neminye imithi kanye nensila kaMame osuke edlisa indoda yakhe -kwenziwe iNduku yokudlisa iNdoda ukuze ithambe futhi ithande umfazi wayo. Iyangena futhi le Nduku kwiDliso langezansi , iyangena futhi nakwiDliso lomoya.. Le Nduku iyangena nakwezokuFesa umsebenzi. Impande yayo iye ifakwe nangaphansi koLimi uma umuntu eyofuna umsebenzi njengoba kwenziwa uma kusetsshenziswa uMlomomlandi.


Khumu!!

Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi…

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo