Incazelo ngeNgwe  (Leopard)

IDuna leNgwe

 

Nina abeSilo sakithi KwaDukuza uHlabahlungu bazoshumayezana abasezitheni nabasemakhaya!UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi!! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijeyeze abasinini bengoma! Inkomo eyakhala eMthonjaneni iZizwe zonke zayizwa ukulila!! #ISilo uShaka leso , iSilo sakithi KwaDukuza ..

INgwe .


Nina beSilo ake ngiphose itshe eSivivaneni ngeNgwe . INgwe iyisilwane esihle futhi esithandekayo nina beSilo ngenxa yobuhle baso , kanti futhi ijule kakhulu iNgwe . Kuthiwa iNgwe kayilibali futhi ingesinye sezilwane ezibamba amagqubu. Kuthiwa uma kwenzekile wayibona eNdle wabe sewuphikelela ekhaya ukuyobiza abanye ukuze phela izobulawa, kuthiwa uma seniyibulala wena osuke ubize abantu akufanele usondele nhlobo , kuthiwa wasondela nje iyovele igxumele phezu kwakho uma isihlaselwa . Singasho impela ukuthi iNgwe iyisilwane esanikwa umqondo okhaliphile. **Okunye futhi ngeNgwe kuthiwa uma ihlaselwa yiziMbube (izinkunzi zamaBhubesi) uma kulezo ziMbube kukhona namaBhubesi esifazane (izinsikazi\Lioness) kuthiwa amaBhubesi esifazane  ayayelekelela iNgwe , ajikele iziMbube , kuhlaselwe iziMbube kangangokuthi iziMbube zigcina ziyiyekile ngempela iNgwe .. *Kuyileso sizathu-ke amafutha eNgwe engena ezigqabweni zokuthandeka\kwezogazi  kanye naseziNdukwini zokuqonywa . Kanti amafutha abuye abe  mahle kabi kwezokudla umhlanganiso ecaleni , enza iMantshi ivele ithande umsolwa. Amafutha eNgwe mahle futhi kakhulu kwezoBusoka.. Izidladla zeNgwe kanye namafutha kuhle kakhulu eziBambelelweni . Kuhle futhi nakwezokuqina . Kuhle futhi nakwezokubethela. Kuhle futhi naseMabuthweni athunywa ukuyolanda.. Amathambo eNgwe kanye nezinzwani kuhloba izinyanga nezangoma ukuze ziqine zingahlaselwa kalula ngezinye , futhi zithandeke. Amasimba eNgwe abakhunkuli bakhanda ngawo isichitho ezinzima kabi . Abelaphi beNdabuko bona basebenzisa amasimba eNgwe ukwelapha sona leso sichitho .Basuke sebewathake noMsuzwana , iMpila kanye nezinye iziNduku. Ake ngime lapho nina beSilo ngingabala kushone ilanga ngalo Mbhemu. KuneZisho kanye neZaga ezithinta iNgwe ezifana nesithi “iNgwe idlala ngamabala” , esichaza ukuthi umuntu uduma ngezenzo zakhe ezinhle . Sikhona nesithi ‘INgwe iyawafihla amazipho ayo “ okusho ukuthi umuntu uyawafihla amandla akhe . Ziningi nina beSilo , uma kulwa abantu abanamandla bobabili kuye kuthiwe “Kuhlangene\kubambene iNgwe neNgonyama” , iNgonyama kushiwo iBhubesi. INgwe iyisilwane esincane impela uma usiqhathanisa neBhubesi kodwa inamandla amangazayo. Ibuye ibizwe ngeSilo . Namakhosi amakhulu afana namakhosi amaBandla wonke nawo abizwa ngayo iNgwe , kuthiwe ayiZilo , noma ayiziNgonyama . Kukhona namaBhayi ezangoma anomfanekiso wakhe lo Mbhemu okusho khona ukuthi unamandla amakhulu.

Khumu!!

Niphile nina beSilo . Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo