Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Ngubane

Abantu bakwaNgubane bangabaNguni bohlobo lwaMathonga Nguni ngokwezigaba zabaNguni. Lesi sibongo sakwaNgubane siphuma kwesakwaMkhize ,inkosi uSibiside eyadabula abantu abakwaNgubane. AbakwaMkhize bona bangabaNguni bohlobo lwabaMbo Nguni ,noma ngithi abaNguni baseMbo. Isibongo sakwaNgubane singesinye sezibongo ezaqambeka ngegama lomuntu . UNgubane lona oqanjwa ngaye isibongo wayeyindodana ka Ngogozabafo ka Myaluza ka Ngcukumane ka Ngwane kaNomafu. NguNomafu -ke owabe eyindodana yenkosi uSibide. UNomafu wayengumfowabo Shange owazala abakaShange.  Enye indodana yenkosi uSibiside kwakunguNjanya ow... qhubeka ufunde »

Myeni

Abantu bakwaMyeni bangaMaNtungwa Nguni . Isizinda sabo silaphaya eBabanango eduze nomfula uMhlathuze. Lapho okwakuxhumeke khona uMabaso noMchunu. Ngesikhathi belaphaya eBabanango kwakungashiwo ukuthi ngabakwaMyeni, kodwa kwakuthiwa ngabakwaMyeki. Umuntu owayeyikhanda lalaba bantu kwakunguMlambo noma... qhubeka ufunde »

Mashabane

Abantu bakwaMashabane bangabantu baseBuThonga .Bakanye nabantu bakwaGumede kaManukuza [hhayi owakwaQwabe]kanye nabakwaTembe . Kuthiwa ngabantu baseBuThonga nje ngoba bezalwa yindoda eyayiziwa ngokuthi nguMthonga kaNkalane kaSidlondlo . UMthonga lona ubuye abe ngukhokho wabantu bakwaTembe .Igama lika... qhubeka ufunde »

Mthembu

Umlando ngesibongo sakwaMthembu Abantu baseBathenjini badatshulwa nguMthembu indodana ka Ntongakazi ,bangabaNguni bohlobo lwaNtungwa Nguni. Zimbili izindlu zaBathembu kleli laseNingizimu Afrika ,kukhona indlu enkulu yaBathembu nokuyindlu esebenzisa kakhulu uMthembu njengesibongo ,bese kuba khona ind... qhubeka ufunde »

Ntombela

Abantu bakwaNtombela baxhumene kakhulu nabakwaZulu kanye nabakwaQwabe. Ukhokho wabo nguNtombela kaLuzumana owabe engumfowabo omncane wenkosi uMalandela ,uMalandela uyise woQwabe noZulu. NguNtombela owasala ebheke amadodana enkosi uMalandela ngemuba kokukhothama kwayo .  Elinye igama likaNtombela kw... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!