Incazelo ngoMthombothi (Spirostachys africana )

UMthombothi

Nina abakaSingquma kakhulumi kanamlomo kanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza! Owamemez”amaNtungwa akwaSokhumalo kwasabela uMdleleni kwasabal”uMakhatha! UMalunguz’izindonga kad’ukuwela, Ogez”izandla zazomel”eBandla, ngokuba nhlinziyonhle emadodeni!! #ISilo uDingane leso!! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungumhla wamashumi nesishayagalombili kuNtulikazi(28 Julayi) onyakeni ka 2023. Ngethemba nisaphila nina beSilo. Cha, sisaphila thina eMantungweni. Nina beMvayiza emashoba lo muthi eniwubonayo kuthiwa uMthombothi igama lawo, akuwona uMthombo, yomili le mithi uMthombothi noMthombo iyangena ezimbizeni ezihambisayo zokuhlanza isusu.UMthombothi udume ngobisi lwawo oluyingozi uma luke lwangena umuntu emehlweni. UMthombothi kusukela eNdulo selokhu waba muhle ekwenzeni iMpahla yokhuni efana neziGxobo zokubiyela isibaya, iziGqiki, kanye nokunye. Kuthiwa nomongo(umnkatsha) woMthombothi nawo unobuthi , ngakho-ke ngalo muthi kwakungalokothwa kwakhiwe impahla yokudlela efana neZitsha, iziNgqoko , iziNkezo kanye nokunye . Akucaci kahle -hle ukuthi lisukaphi igama lalo muthi , akucaci ukuthi ngabe  lingelesiZulu noma lingelesiLungu. Ngoba amaBhunu awubiza ngeTambotie, amaNgisi wona awubiza ngeTamboti. Akucaci kahle ukuthi ngubani kahle-hle owathatha igama lomunye lapha. NgesiSwati ubizwa uMthombotsi. Ka se Tswana bare ke Morukuru. NgesiVenda ubizwa ngoMuonze. Ka se Pedi bare ke Modiba. Lena kwaSoshangane ubizwa ngeNdzopfori , kuthiwa bawukhonze kabi , bakha ngawo iFenesha kwazise isiqu sawo sikhulu futhi ukhula ube mude. Lo muthi uthela izithelo ezithandwa yizinyoni nezilwane , amaJuba, iziNdlulamithi, oNkonka kanye nokunye. Lo muthi unamakha amnandi, ixolo , izimpande namacembe awo kunuka kamnandi.

Yenzani le Nduku ?

Nina bakaMgengi kulo muthi kusebenza ixolo kanye nezimpande , akujulwa kakhulu uma uxebula ixolo . Ngoba ekujuleni kwesiqu kukhona ubuthi. Kuthiwa futhi uma uwusaha lapho wenza ngawo  iFenesha kufuneka  ufake izibuko ezivala amehlo , ufake nento yokuvala umlomo namakhala kuze ungangenwa yile mpushana equbuka uma usaha, phecelezi sawdust. Bathi yakungena emehlweni valekiyane amehlo, kanti uma ingene emlonyeni ibulala amaphaphu iwagulise. *Le silima sowesifazane esintshontsha umsebenzi wami siyowufaka kuTikTok kasikuyeke lokho! “. Izimpande kanye namaxolo oMthombothi kuyaphekwa kwenziwe iMbiza ehambisayo , ekhipha konke ukungcola esiswini. Le Mbiza iye igijime nayo yonke  imithambo yegazi, kanye nasezinsweni , nasemithanjeni yenzalo . Le Mbiza igeza izinso, iqede ukucinana kwezinso , ivuselele yonke imizwa, inikeze igazi amandla.

Khumu!


Niphile nina abeNkomo eyakhal”eMthonjaneni izizwe zonke zayizw”ukulila! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi.

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo