Izithakazelo ezifanayo \Amagama afanayo

Izithakazelo ezifanayo\Amagama afanayo

Ukufana kwamagama abantu akuyona into eqala manje , kuyinto ekade yaqala , eyaqala endulo . Abantu abaningi bayadideka olibweni lakwabo ngenxa yokufana kwamagama. Umuntu ugcina esezihlobanise nesibongo angahlobene nhlobo naso . Kubalulekile ukwazi  amagama oKhokho bethu , kubalulekile futhi nokwazi ukuthi babephila ngasiphi isikhathi , noma ngesikhathi sokubusa kwayiphi iNgonyama. Ukwazi ngesikhathi kusisiza kakhulu ekutheni singagcini sizifaka ezibongweni esingahlobene nazo . Amagama ayande kakhulu endulo ilawa alandelayo. Zikode, Donda, Gasa , Mntungwa , Mmusi , Jobe kanye namanye. Iningi lamagama oKhokho bethu namuhla siwasebenzisa njengezithakazelo. Kodwa amanye awo agcina ngokuba amagama nje, awazange abe yizithakazelo

Ake sibheke oGamafana basendulo
(UMNTUNGWA)
Kwakukhona uMntungwa indodana kaMbulazi onguKhokho waMantungwa . Uma sikhuluma ngaMantungwa sisuke sikhuluma ngezibongo ezifana nesakwaMabaso, Khumalo ,Ndlangamandla, Khulu, Nyawose , Nyandeni , Ntshembeni, Phukwana kanye neziningi. UMntungwa waseMantungweni wayezalwa uMbulazi .Yena-ke uMntungwa wazala uMabaso noKhumalo . UMabaso wazala abakwaMabaso , uKhumalo wazala abakwaKhumalo.
Kwakukhona futhi omunye uMntungwa ongahlangene nowaseMantungweni. Lowo Mntungwa wayeyindodana kaMkhalangana kaNdebele .UNdebele wayeyindodana encane kaMnguni okuthiwa nguyena onguKhokho wabo bonke abaNguni. Lo Ndebele akahlangani noNdebele waseMantshalini owazala abakwaNdebele besibongo . UNdebele kaMnguni kwaqanjwa ngaye isizwe samaNdebele esitholakala esifundazweni saseMpumalanga . UMntungwa kaMkhalangana unguKhokho wabakwaMabhena, Nzuza/Ndzudza, Sikhosana, Manala ,Kekana kanye nezinye izibongo .  UMntungwa kaMkhalangana wazala uJonono ozele uNanasi . Idlinza likaJonono liseMnambithi endaweni eyaqanjwa ngaye iJononoskop . UMntungwa wayekhona nakwaSimelane.
(UMKHATSHWA)
UMkhatshwa wayekhona kwaKhumalo , wayeyindodana kaKhumalo uqobo .UMkhatshwa kaKhumalo yena uzele uZikode owazala uGasa , uMashobana kanye noMagawozi . Omunye uMkhatshwa wayengowakwaNxumalo , yena-ke wazala uMalusi owazala uSothondose noMawewe . Lowo Mkhatshwa wayenguMkhatshwa wesibili ozalweni lwaMaNdwandwe kahle-hle . Wayekhona omunye uMkhatshwa ngaphambi kwakhe .
(UZIKODE)
Babebaningi-ke oZikode kodwa sizothinta owakwaKhumalo kanye nowakwaNxumalo . UZikode wakwaKhumalo njengoba besengishilo ngenhla wayezalwa uMkhatshwa ka Khumalo .Yena-ke wazala iNkosana yakhe uGasa , uMashobana kanye noMagawozi .
UZikode wakwaNxumalo wayezalwa uGasa(akazange azale uGasa) , yena-ke wazala uSoshongana iQhawe lakwaNxumalo elinguM’bumbi wesizwe sikaGasa esibuye saziwe ngokuthi yisizwe saMaShangane . UGasa wakwaNxumalo yena wayezalwa uManukuza owayebuye aziwe ngelikaNxumalo.
Ezinye izibongo ezisebenzisa uZikode njengesithakazelo , esakwaMaphumulo, Nkwanyana  , Wela , kanye nezinye
(UGASA)
UGasa wakwaKhumalo wayezalwa uZikode njengoba besengishilo .OwakwaNxumalo wayezalwa uManukuza. Wayekhona futhi omunye uGasa nakwaMsomi , asinaso isiqiniseko sokuthi wayezalwa ubani , kodwa yena wayekhona futhi nguyena ozala abakwaGasa besibongo.
(UMUSI)
UMusi wayekhona kwaKhumalo , yena uzele uNdabezitha owazala uMbulazi owazala uMntungwa .
NakwaMathenjwa wayekhona uMusi , yena -ke wayezalwa uLubhoko. UMusi kaLubhoko wazala uSibothi
Besekuba uMusi wakwaHadebe owayezalwa uMhlanga ka Ndlovu ka Mhunu ka Hlubi kaHadebe . Abafowabo bakaMusi kwakungoMbongwa noXaba .UMusi wazala uMthimkhulu wokuqala owazala uHadebe wesibili owazala uDlomo ozele uMashiya ozele uNsele ozele uBhungane .
UMusi wesine wayengowesizwe  sakwaMabhoko nokusizwe esibandakanya izibongo zakwaMabhena, Manala, Sikhosana, Kekana kanye nezinye . Nabuya ubukhosi esifundazweni saseMpumalanga ngaphansi kweNgwenyama uMabhoko wesithathu . Lesi sizwe saziwa kakhulu ngokuthi siyizwe saMaNdebele , kodwa angahlangani ndawo noNdebele uMazankosi . UMusi waMaNdebele naye uyise kwakunguMhlanga kodwa hhayi uMhlanga wakwaHadebe. Okwenzeka lana wukuthi kwafana igama lendodana , kwafana nelikaYise wayo . UMhlanga waMaNdebele wayezalwa uMafana ka Nanasi ka Jonono ka Mntungwa ka Mkhalangana kaNdebele kaMnguni . UNdebele uyena okwaqanjwa ngaye isizwe saMaNdebele. Laba bantu bakwaMabhoko abahlobene nhlobo nabakwaHadebe ngona abakwaHadebe baphuma kuDlamini waseSwazini. Kanti laba abakwaMabhoko baphuma kuNdebele indodana kaMnguni kaNtu . UMusi kaMhlanga wakwaMabhoko wazala amadodana amaningi esingabala kuwo oManala, Ndzundza, Sibase ,Mthombeni (Kekana/Gegana) kanye nabanye

(UMABASO)


UMabaso owagcina eseyisibongo wayengowaseMantungweni, wayezalwa uMntungwa ka Mbulazi .Yena uzele uMangethe.
UMabaso wesibili wayengowakwaMyeni. Yena wayezalwa uMlambo .UMabaso ka Mlambo Myeni uzele uNgwenya . Lowo Ngwenya akuyena owagcina eseyisibongo, uNgwenya owagcina eseyisibongo wayengokwaKunene
(UKHUMALO)
UKhumalo wesibongo wayengowakwaMntungwa , wayezalwa uMntungwa indodana kaMbulazi . UKhumalo wayenguMnawakhe kaMabaso . UKhumalo wazala uMkhatshwa , uLanga , uYengwayo kanye nabanye .
UKhumalo wesibili wayengowaseMaWoyisaneni (kwaNzama) . Uyise wakhe kwakungu Manjanja ka Nzama . UKhumalo wakwaNzama wazala uMvakela owazala uMashiza. Lo Khumalo wakwaNzama wagcina ngokuba yigama , akazange abe yisibongo
(NKOMO)
ONkomo babebaningi kodwa babili kuphela abagcina sebeyizibongo . OwakwaKhumalo kanye nowakwaKunene . OwakwaKhumalo wayezalwa uNgubeni . UKhokho wabantu wabantu bakwaNkomo Ngubeni uYengwayo indodana ka Khumalo kaMntungwa . ONkomo bakwaKhumalo bathakazela ngokuthi Yengwayo , Golela , Mahlabezulu, Mntungwa njalo njalo
ONkomo wesibili naye owagcina eseyisibongo wayengowakwaKunene , wayezalwa uLanga kaSikhulumayo . Yena wazala uKhabako ozele uNkosi wokuqala ozele uNgwane wokuqala ozele Cebisa. UCebisa uzele abakwaHlatshwayo . ONkomo bakwaKunene bathakazela bathi Kunene, Malandela, Langa njalo njalo
UNkomo wesithathu wayengowaseMaMbatheni , wayezalwa iNkosi uShandu . Amanye amadodana eNkosi uShandu kwakungoKhali ozele uMangcengeza , uMandlovu, uMashibha , uMbudlele kanye nabanye. UNkomo waseMaMbatheni wagcina ngokuba yigama . Yena uzele uMatshana owazala uHlakanyana
UNkomo wesine wayengowakwaLuthuli , wayezalwa uMadlanduna ka Luthuli kaMavela . Yena wazala uMavela wesibili
(UMASHOBANA)
UMashobana odume kakhulu ezinsukwini zamanje wayengowakwaKhumalo . Wayeyindodana kaZikode . Yena-ke wazala uMzilikazi .
Omunye uMashobana wayengowaseBaThenjini , wayezalwa uSojabha kaJama kaMnisi . UMashobana kaSojabha uzele uFunwayo. INkosi uJama kaMnisi yayiphila ngesikhathi seNkosi yaBaThethwa iNkosi uDingiswayo . Liyavela igama le Nkosi uJama ezibongweni zeNkosi uDingiswayo uma kuthiwa ” uZulu laduma eNhlangwini kuBaThembu aBaThembu bakhweza baya ngoJama kaMnisi”
(UJOBE)
UJobe wokuqala wayengowaseBaThethweni(kwaMthethwa)yena wayezalwa uKhayi kaXaba . Nguyena ozele iNkosi uDingiswayo . INkosi uDingiswayo yiyona eyakhulisa iLembe , yalifundisa yonke imininingwame yezezimpi ngaphansi kwehlo likaNgomane kaMqomboli wakwaMdletshe. UJobe kaKhayi akazange abe yisithakazelo
UJobe wesibili wayengowakwaSithole .Yena wayezalwa uMaphitha ka Nzece ka Mnyanda . UJobe wakwaSithole wayeyiwele noMmongo .INkosana kaMaphitha kwakunguMbulungeni okwahamba kwahamba waxabana nabafowabo oJobe newele lakhe uMmpongo bemhlanganyele. UJobe waphila ngesikhathi seSilo uShaka futhi wayenobudlelwano ubuhla naso .
(UNDLELA)
Babebaningi oNdlela kodwa sizothinta owakwaNtuli kanye noNdlela kaBayeni owagcina eseyisibongo . Abantu bakwaNdlela basuka eSwazini kuthiwa uKhokho wabo kwakunguMsamanzi wakhona eSwazini. Ngakho-ke uNdlela wesibongo akayena owakwaNtuli.
UNdlela wakwaNtuli ngokwazi kwami uyisithakazelo noma ngithi uiyisithopho sakwaNtuli . Yena wazalwa uSompisi kaGuqa . UNdlela kaSompisi Ntuli kuthiwa wayebuthelwe ebuthweni leNtontela . WayeyiQhawe elikhulu leziNgonyama oShaka noDingane . Ngiesikhathi seSilo uDingane nguyena owabe enguNdunankulu wakwaZulu(Prime Minister)

(UMANGETHE)

OMangethe abakhumbuleka kakhulu owakwaZwane kanye nowaseMantungweni . OwaseMantungweni wayezalwa uMabaso indodana kaMntungwa
OwakwaZwane wayezalwa uMafu kaNsele , yena uzele uNtshosho . UMangethe wakwaZwane wayephila ngesikhathi seLembe ize wayemdala ngokweminyaka kulo. Umuzi wakhe kwakuseMpolombeni
(UDONDA)
Babebaningi oDonda kodwa sizothinta owakwaKhumalo kanye nowakwaXulu. OwakwaKhumalo wayezalwa uGasa kaZikode kaKhumalo. Yena uzele uMaqandela . Umuzi wakhe kwakuseZizibeni.
UDonda wakwaXulu yena wayezalwa uPhuhlaphansi .Yena uzele uXabashe ozele uTshana . Umuzi kaDonda wakwaXulu kwakuseNkweleni
Omunye uDonda owakwaMbokazi , yena uzele uNzimanse ozele uMabhango unina weNkosi uDingiswayo yaBathethwa. Wayekhona uDonda nakwaManqele
(UDUBANDLELA)
UDubandlela wayengowakwaCele , wayezalwa uMkhokheli . UDubandlela Cele uzele uVico owazala uMagaye noMande ababephila ngesikhathi seziNgonyama oShaka noDingane
UDubandlela wesibili wayengowakwaMaphumulo , yena wayezalwa uLubheleni ka Masiyana . UDubandlela Maphumulo uzele uMthimkhulu ( hhayi owakwaHadebe)
Okunye esingakuphawula ngoDubandlela wukuthi aMaNtungwa akwaKhumalo azinze eMpumalanga Koloni ayamfaka uDubandlela ezithakazelweni zawo . Akucaci kahle noma lowo Dubandlela  kwakuyigama lomuntu, noma isigameko. Lawo MaNtungwa engikhuluma ngawo awakwaMacozoma, Phukwana , Tshangana, Sjemlana kanye nabanye.
( UZULU)
UZULU esimaziyo sonje yilona oseyisibongo , wayeyindodana yeNkosi uMalandela , enguMnawakhe kaQwabe.
Wayekhona futhi uZulu nakwaMaphumulo  Yena -ke wayezalwa uZukuzela .UZulu wakwaMaphumulo uzele uLusibalukhulu ( hhayi owakwaDlamini)

(UMKHATHINI)

UMkhathini uyisithakazelo zakwaKhoza esisuselwa egameni likaKhokho wabo uMkhathini indodana kaGumede kaMangena . Lo Gumede akuyena owakwaQwabe.  UMkhathini wazala uMalindi ozele uMbiwa
UMkhathini wesibili owakwaJiyane owazala iMbongi enkulu yakwaZulu uMagolwana Jiyane. Abantu bakwaJiyane babekade bengabakwaMtshali , noma ngithi babeyingxenye yaMantshali . UMagolwana wayeyiMbongi enkulu yeziNgoyama oDingane noMpande
(UNDLOVU)
UNdlovu wesibongo wayengowaseBaSuthwini ababizwa ngokuthi bangabaTlou . Babekhona abanye oNdlovu ababengaxhumene noNdlovu wesibongo
Kwakukhona uNdlovu waseMantungweni onguKhokho wabantu bakwaNdlangamandla. Lowo Ndlovu wayezalwa uMlotsha wasoLuthulini. UNdlovu wakha umuzi  wakhe awubiza ngokuthi kuseMandlovini nokuyigama alasusela egameni lakhe .
Omunye uNdlovu wayengoMpungose . Yena-ke wayeyindodana kaKhuba, enguMnawakhe kaTetemane. UNdlovu kaKhuba uzele uSilwane owazala uGawozi
(UMAVOVO)
UMavovo uyisithakazelo sakwaMkhize . UMavovo Mkhize wayeyindodana kaGubhela . Yena-ke uzele uKhabazela noMbangi . UKhabazela uzele uGcwabe no Shabase
Omunye uMavovo wayengowakwaShezi  eMachubeni. Laba oMavovo baphila ngesikhathi esifanayo .  UMavovo wakwaShezi wayezalwa uSoshukulase. Yena-ke uzele uDlaba
(UMAGEBA)
UMageba uyisithakazelo sakwaZulu .  UMageba wakwaZulu wayeyindodana ka Zulu kaMalandela. WayeyinguMfowabo kaPhunga . Yena uzele uNdaba ozele uJama ozele uSenzangakhona
Omunye uMageba wayengowakwaButhelezi ezalwa uShenge.Yena-ke wazala uQwangubana owazala uPhungashe, uMevana noCole
UJama
UJama uyisithakazelo sakwaMthembu esisuselwa kuKhokho wabo aBaThembu uJama kaMnisi . UJama uzele uSojabha ozele Mashobana
NakwaZulu wayekhona uJama owazala Inkosi uSenzangakhona , yona yazala iLembe
(UMONDISE)
UMondise uyisithakazelo sakwaSithole  esisuselwa egameni leNkosi uMondise kaJobe kaMaphitha . INkosi uMondise yazala iNkosi uMatshana eyalwa eSandlwana ngowe 1879.
Omunye uMondise wayengowakwaMthethwa eyindodana yeNkosi uDingiswayo
(UNYATHI)
UNYATHI wayekhona kwaMabaso . UNina wayengowakwaMajozi ezalwa uLudaba wakwaMajozi
Bese kuba uNyathi wakwaButhelezi owayenguMfowabo kaQwangubana . Babezalwa babezalwa uMageba kaShenge . UNyathi Buthelezi uzele uMlambo owazala uMvulana
Iyaqhubeka

(UZINGELWAYO)

UZingelwayo uyisithakazelo sakwaNdlovu esakheka ngoZingelwayo indodana kaLamula kaGatsheni wakhona kwaNdlovu . UZingelwayo Ndlovu uzele uMpongo ozele uNgema (hhayi owaseMaNgadini)

NakwaHadebe wayekhona uZingelwayo . Yena -ke wayengenye yamadodana eNkosi uBhungane . INkosi uBhungane iphile ngezinkathi zamakhosi afana nawawo Dingiswayo nawawoPhungashe. UZingelwayo Hadebe uzele uMaphaphu kanye noNdodndo ozele abakwaNdondo abatholakala koMpumalanga Koloni kanye nakwaBulawayo eZimbabwe.

(UGUMEDE)

UGumede unguKhokho wabantu bakwaQwabe, Sibiya, Mbatha, Zulu, Ntombela , Mahaye, Dlamuka kanye nabanye . Lowo Gumede kuthiwa wayezalwa uQwabe wokuqala . Yena uzele uMnguni wesibili ozele uLuzumana ozele iNkosi uMalandela uyise woQwabe wesibili kanye nomnawakhe uZulu ….

UGumede wesibili wayengowakwaKhoza . Yena wayezalwa uMangena . UGumede Khoza uzele uMkhathini ozele uMalindi ozele uMbiwa

NaseButhonga wayekhona futhi uGumede

(USHANDU)

UShandu uyisithakazelo saseMambatheni esakheka ngeNkosi uShandu kaNdaba. INkosi uShandu izele uKhali , uNkomo, uMngunyana kanye nabanye.

Wayekhona omunye uShandu nakwaNzuza . Yena -ke wayezalwa uNomhlangana ka Nondumo . UShandu Nzuza uzele uMajiya. ONondumo noMqalane bakaMgidi kwakuzinyanga zeLembe . Yibona ababethela izikhonkwane kwaNdwandwe ngenkathi iLembe lizolwa neNkosi uZwide . Bafika kwaNdwandwe bazenza abantu ababexoshwe yiLembe kwaZulu.

(UMAGADLELA)

UMagadlela oseyisibongo wayengowakwaKhumalo . Nguyena owazala uNandi owaba ngabanye boNdlunkulu beSilo uMswazi wesibili.

Omunye uMagadlela wayengowakwaGamede .

Owesithathu wayengowakwaMseleku . Yena wayezalwa uZiyeka . UMagadlela wakwaMseleku wazala uJele.

(UJELE)

UJele wesibongo kuthiwa wayengowaseMadakaneni . Iqhawe lakwaJele uZwangendaba Jele owabe eyiNduna yebutho laMaphela nokwabe kuyibutho leNkosi uZwide. UZwangendaba wabaleka kwaZulu ngemuva kokwehlulwa kweNkosi uZwide yehlulwa yiLembe

UJele wayekhona nakwaKhumalo .Yena-ke uzele uZiqu owabe eyiNduna yebutho iHlangabeza lakwaMaseko .

Kanti nakwaMseleku wayekhona uJele. Ubaba wakhe kwakuMagadlela. UJele Mseleku uzele uMangcuku ozele oNdelu noNovanywa.

(UMATSHANA)

UMatshana uyisithakazelo sakwaSithole esakheka ngegama leNkosi uMatshana kaMondise ka Jobe kaMaphitha yabakwaSithole. INkosi uMatshana Sithole yalwa ngobuqhawe obukhulu eSandlwana ngowe 1879 ngoMasingana mhla zingama 22.

Omunye uMatshana wayengowaseMambatheni . Wayezalwa uNkomo kaShandu . UMatshana yena uzele uHlakanyana ozele uDikane iqhawe laSilo uDingane.

(UNGWENYA)

UNgwenya wesibongo wayengowakwaKunene. Wayengenye yamadoda kaMtimande kaKunene kaGebase. Yena uzele uMabuya.

Omunye uNgwenya wayengowaseMaMbatheni. Wayezalwa uMashibha kaShandu ka Ndaba kaSontshikazi .

(UKHALI)

Kwakhona owaseMambatheni owayeyiNkosana yeNkosi uShandu .Yena wazala uMangcengeza ovela kakhulu ezibongweni zeLembe.

Omunye uKhali wayengowakwaMthethwa kodwa ngesizathu sokuthi aBaThethwa babethefuya owabo uKhali wayenguKhayi . Yena -ke wazala INkosi uJobe eyezala iNkosi uDingiswayo. UKhayi wayezalwa uXaba (hhayi owaseMahlatshini)

(USIWELA)

USiwela wesibongo wayengenye yamadodana eNkosi uPhuthini yakwaMazibuko . Wagcina exabene noyise wase eyaxoshwa ekhaya.

Omunye uSiwela wayengowakwaKhumalo . Wayezalwa uGasa , engumfowabo omncane woDonda noMagugu. Yena uzele uMlotsha, uVongoye kanye nabanye. Ungukhokho waMaNtungwa akwaNdlangamandla.

(UMANZINI)

UManzini uyisithakazelo sakwaZungu /Ncwane. Wayephila ngesikhathi seSilo uShaka. Wayeyindodana kaMkhonto kaTshana .

NakwaKhumalo wayekhona uManzini ize kungathakazelwa ngaye. Yena -ke wayezalwa uMmbiyana ka Maqandela kaDonda

(UMATOMELA)

Babili oMatomela engibakhumbulayo emlandwini futhi bobabili bayizithakazelo. Owokuqala wayengowakwaZuma . Yena wayezalwa uShisa ka Mgebhe. UMatomela Zuma uzele uMsholozi , uSiguqa kanye noLugaju

Bese kuba uMatomela wakwaNgubane. Yena-ke wayezalwa uuNdlovu ka Nyonebomvu ka Mbomvu kaNomaphikela kaNgubane

(YENGWAYO)

UYengwayo uyisithakazelo sakwaMagwaza kanye nesakwaNkomo Ngubeni. UYengwayo wakwaNkomo wayezalwa kwaKhumalo ezalwa uKhumalo uqobo . Ungukhokho wabakwaNkomo, abwaNgubeni, abakwaMaquba, abakwaNsaluba, abakwaBanginyama kanye nabanye

UYengwayo wakwaMagwaza uzalwa uMabhulu kaMavundla. UYengwayo Magwaza yena uzele uMadondo owayebuye aziwe ngelikaMazwana.

(GODIDE)

UGodide owagcina eseyisithakazelo wayengowakwaNtuli . Lowo Godide wayezalwa uNdlela kaSompisi . Amanye amadodana kaNdlela kaSompisi kwakungoMavumengwana, Mphumela, Zinti kanye nabanye . UGodide wasala enkundleni mhla uMntwana uZibhebhu ecoboshisa esigodlweni sasoNdini . Inkosana yakhe kwakunguMaqhubandaba

UGodide wesibili wayengowakwaQwabe .Wayengenye yamadodana eNkosi uKhondlo wayengumfowabo weNkosi uPhakathwayo kaKhondlo. Amanye amadodana eNkosi uKhondlo kwakungoSophane, Nqetho, Nomo, Vubukulwana kanye nabanye.

( MALINDI)

Kwakukhona uMalindi wakwaHadebe owazala uSithiya owagana uMayekisa Khumalo kwazalwa iNkosi uMudliwamafa Shembe. Akucaci kahle ukuthi kwakungubani uBaba kaMalindi kodwa kungenzeka ukuthi wayezalwa yiNkosi uMthimkhulu kaBhungane .

Omunye uMalindi wayengowakwaKhoza . Yena wayezalwa uMkhathini kaGumede. UMalindi Khoza uzele uMbiwa ozele oMagigana noMaqwebelende.

(UKHUZWAYO)

UKhuzwayo wesibongo wayeyindodana kaSimamane Qwabe .

Wayekhona uKhuzwayo nakwaMthethwa owayezalwa yiNkosi uDingiswayo kaJobe. UKhuzwayo Mthethwa wafa ebulawa yiSilo uMpande.

(XABA)

UXaba oseyisibongo wayengowakwaHadebe ezalwa uMhlanga kaNdlovu ka Mhunu kaHlubi. UXaba wayengumfowabo woMusi noMbongwa .

UXaba wesibili wayengowakwaMthethwa . Wazalwa uMadango ka Ndlovu. UXaba Mthethwa yena uzele iNkosi uKhayi ezele iNkosi uJobe uyise weNkosi uDingiswayo.

(MBOPHA)

UMbopha wokuqala wayengowakwaZulu isibongo. Wayeyindodana kaSithayi owayengenye yamandodana yeNkosi uNdaba . UMntwana uMbopha wayeyiNceku yeNkosi uShaka . Ungomunye waBantwana abathinteka ekwakheni uzungu okwaholela ekukhothameni kweSilo uShaka.

Omunye uMbopha wayengowakwaHlabisa . UBaba wakhe kwakunguWolizibi . UMpopha kaWolizibi Hlabisa wasala enkundleni nhla uMntwana uZibhebhu ehlasela iSilo uCetshwayo oNdini.

(MKHOSANA)

UMkhosana wayeyiNkosi yakwaBiyela . Walwa ngokuzikhandla empini yaseSandlwana , kodwa ngeshwa wasala enkundleni khona eSandlwana

UMkhosana wesibili wayengowakwaZungu. Naye walwa eSandlwana.

UMkhosana wesithathu wayengowakwaMbonambi . UMkhosana Mbonambi wayezalwa uSigotha kaNgiba. Yena uzele uSilomo.

(GWABINI)

UGwabini uyisithakazelo sakwaZungu esisuselwa egameni likaKhokho wabakwaZungu uGwabini. Elinye igama likaGwabini kwakunguBaphephezeni . Yena uzele uNyamakayishi ozele uSengwayo ozele Mhlehlo.

UGwabini wesibili wayengowakwaDube . UGwabini Dube wayezalwa uSodumo . Yena uzele uKhushwayo owazala uNzwakele

(NSELE)

UNsele usetshenziswa izibongo ezingana njengesithakazelo . Kulezibongo singabala esakwaHadebe, abaseMangweni,esakwaHlongwane, esakwaMtshali kanye nezinye.

UNsele wakwaHadebe wayezalwa uMashiya kaDlomo wokuqala. UNsele kaMashiya uzele iNkosi uBhungane.

UNsele waseMangweni wayezalwa uThinta kaCengesi kaNtshosho . Yena uNsele uzele uMandlana ozele uWome

UNsele wakwaHlongwane wayezalwa uNdungunya kaMafu . UNsele Hlongwane uzele Tshanibezwe yena ozele uMasumpa owazala iNkosi uMatiwane.

(DLOMO)

UDlomo wayekhona kwaHadebe ezalwa uHadebe wesibili ka Mthimkhulu wokuqala . Kanti uDlomo wayengowokuqala , owesibili kuthiwa wayephila ngesikhathi seSilo uDingane. Kuthiwa waphelela koKapa . UDlomo wokuqala uzele uMashiya ozele iNkosin Bhungane

UDlomo wesibili wayengowakwaMhlongo . Wayebuye aziwe ngelika Nqeshe . UBaba wakhe kwakunguSoyengwase . UNqeshe uzele uBhebhe ozele iNdlovukazi uNdandi

UDlomo wesithathu yilona owesibongo. Yena uzele uDinangwe ozele uMkhabela

(UBHEBHE)

UBhebhe uyisithakazelo sakwaMhlongo esavela ngoBhebhe kaNqeshe uYise weNdlovukazi uNandi.

UBhebhe wesibili wayengowakwaHlabisa ezalwa uMaguya kaZonga .

 

(ULOKOTHWAYO)

 

Kwakukhona uLokothwayo waSimelane ozele uMqhewu.

 

ULokothwayo wesibili wayengowakwaMthembu ezalwa uMmangaliso kaMahawana .

Bese kuba khona uLokothwayo kaSomfula wakaHlabisa ozele uSithonzi noMthekelez

 

(UGASELA)
UGasela uyisithakazelo zakwaMhlanga , cishe wayengenye yamadodana ka Mhlanga kaKhabako
Wayekhona uGasela nakwaNgcobo owayeyindodana ka Dingile kaNgcobo.Nguyena ozala abakwaNgongoma. UGasela uzele uNombika ozele uNdaba
(UZIBHEBHU)
Babili oZibhebhu abakhumbulekayo . Owokuqala uMntwana uZibhebhu ka Maphitha kaSojiyisa kaJama Zulu .
Owesibili uZibhebhu wayengowakwaMabaso . Wayeyindodana kaThulwana kaLanga . Engumfowabo kaGqikaz
(NYANDENI)
UNyandeni wesibongo kusengumuntu oyedwa noNgonyama indodana kaMashobana wakwaKhumalo .
Owesibili uNyandeni wayengowaseBathenjini. Yena uzele uMvelase ozele uGazi ozele uMkhubukeli ozele uNgoza owayephila ngesikhathi seSilo uShaka.
(UMLABA)
UMlaba uyisithakazelo sakwaXimba . Wayeyindodana yakhe uXimba. UMlaba ka Ximba yena uzele uDikane.
UMlaba wesibili wayengowakwaMpungose. UMlaba wayeyindodana yakhe uqobo uMpungose kaPhahla. UMlaba kaMpungose yena uzele uSokhongwase ozele uKhuba ozele uTetemane noNdlovu
(UJAMA)
UJama wokuqala wayengowakwaZulu ezalwa , nguyena ozele iNkosi uSenzangakhona . Yena wayezalwa iNkosi uNdaba
UJama wesibili wayengowakwaMthembu. Wayeyindodana kaMnisi , engumnewabo kaNdina. OJama kanye noNdina kaMnisi baphila ngesikhathi seNkosi uDingiswayo.
(USILWANE)
USilwane wayengowakwaMchunu . Wayeyindodana kaGabangaye kaPhakade
USilwane wesibili wayengowakwaNgcobo. Wayeyindodana ka Njila ka Ngothoma . USilwane yena uzele uDube ozele uLangalibalele.
(USIHAYO)
USihayo owagqama kakhulu emlandwini wakwaZulu yiNkosi uSihayo kaXhongo yabakwaNgobese . INkosi uSihayo izele iqhawe laseSandlwana uMehlokazulu owayeyiNgobamakhosi
Omunye uSihayo wayengowakwaNgcobo , eyindodana yeNkosi uMapholoba kaMbhele. Kwake kwaqubuka umbango phakathi kwamadodana eNkosi uMapholoba oSihayo noMgabi . Lowo mbango kuthiwa waze walunyulwa yiNkosi uShaka

Iyaqhubeka

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo