Imizi yamakhosi akwaKhumalo

Imizi yamakhosi akwaKhumalo:


Imizi yenkosi uMashobana kwakuseNsingweni, eNyandeni kanye naseNdinaneni
Yonke le mizi yayakhelwe eMkhuze. Omakhalelwane benkosi uMashobana kwakungabakwaNxumalo ababakhe ngasentatshaneni iTshaneni. ENdinaneni kwakukwabo Mzilikazi . Inkosi uMashobana yayizele kakhulu amadodakazi , esingabala kuwo oNtanase ;Ngiyalila,Nozipholo,Nozinhlwathi nabanye. Yebo nezinsizwa zazikhona kodwa kwalwande kakhulu izintombi. ENsingweni kwakukwabo Mdleleni owagcina engukhokho wabakwaNyawose. Inkosi uMashobana yayizalwa inkosi uZikode kaMkhatshwa. Yona-ke yazala uMzilikazi owawugqamisa kakhulu umlando waMantungwa .

 
Umuzi wenkosi uBheje kwakuseTsheni likaBheje. Lo muzi wawakhe endaweni yaseNgome. Inkosi uBheje yayizalwa inkosi uMagawozi kaZikode umfowabo Mashobana kaZikode. Inkosana yenkosi uZikode kwakunguGasa kaZikode owazala uMagugu , uDonda noSiwela. USiwela ungukhokho waMantungwa akwaNdlangamandla. 

Umuzi wenkosi uDonda kwakuseZizibeni. Lo muzi wakwakhe ngaphezu komfula iSikhwebezi . Kusuke kushiwo wona lo muzi uma kuthiwa kumuntu wakwaKhumalo ‘Donda weZiziba’. UDonda wayazalwa nguGasa njengoba besengishilo. Yena wazala uMaqandela. Umuntu owawwugqamisa kakhulu umlando waMantungwa kulendlu kaDonda nguMahlangeni kaGawozi Khumalo owabe eyimbongi yeSilo uCetshwayo kaMpande. UMahlangeni wasala empini yaseMsebe ngowe 1883 empini eyabe iphakathi koSuthu noMandlakazi . UMahlangeni wayegqishe ngasoSuthwini. 

Imizi yeSilo sikaMthwakazi uMzilikazi uMzilikazi

ENtmbane

Lona kwabe kungumuzi weSilo uMzilikazi esawakha sisazinze kwaZulu ,singakabi yiSilo , siseyinduna yeLembe. Lo muzi wawakhe lapho sekukwaNgenetsheni khona.  Kwathi ngemuva kokugqabuka kwegoda phakathi kwenkosi uShaka nenkosi uMzilikazi iLembe leya ndawo layinika UMntwana uHhamu kaMpande.
ENtubeni
Nawo lona kwabe kungeminye yemizi yenkosi uMzilikazi . Amanxiwa aseNtubeni aseNgome. Liyavela igama lalomuzi ezibongweni zenkosi uMzilikazi uma kuthiwa ‘ uNakane lwamnamathela emhlane lwamnakashela, lwaze lwayogqebhuza ngophondo iNtubeni’
EKuphumuleni
Lona umuzi wokuqala weSilo uMzilikazi esawakha sesisukile kwaZulu. Lo muzi wawakhelwe lapho sekuyidolobha laseErmelo khona . Kukhona nelokishi iPhumula elaqanjwa ngawo lo muzi. Liyavela futhi igama lo muzi waseKuphumuleni ezibongweni zeSilo uMzilikazi uma kuthiwa ” uKhali zaBeNtungwa zacwalwa zakhwezwa ethala kithi eKuphumuleni kunini zimoklamokla inhloko zamadoda ‘
EMkhwahla
EKuphumuleni iSilo sasifike ngowe 1825 kwathi ngowe 1827 safuduka eKuphumuleni sayokwakha lapho sekuseMosega khona namuhla. IMosega kulapho sekwakhiwe khona amadolobha iZeerust ,Tswenyane ne Ottoshop eNorth West . Kuleya ndawo iSilo safika sakha umuzi waseMkhwahla, induna yawo kwakunguMkhaliphi kaDlekezela Khumalo .
EMncwazini
Umuzi wesibili iSilo esawakha eMosega wabizwa ngokuthi kuseMncwazini ,induna kwakunguMtotobi kaNkumba Mabaso . Le mizi yomibili uMkhwahla nnoMncwazi yagcina ishiswe  ngamabhunu kaHendrick Poitigitier ngowe 1837 nokuyilapho iSilo safuduka khona sayokwakha lapho sekuyiZimbabwe khona.
EGabeni
Lona umuzi wesithathu owakhiwa yiSilo sakithi eMosega kodwa wagcina usundlodlobele kangangokuthi yonke imizi eyakhiwa kule ndawo yagcina iwele ngaphansi komuzi waseGabeni . Ngisho noMkhwahla noMncwazi nayo yagcina iwele ngaphansi kweGaba  . Amabhunu ayewubiza ngokuthi kuseKapeni . Induna yalo muzi kwakunguMagqekeni kaMagogo Sithole . UMagqekeni wazala uGampu Sithole naye owaqhubeka ngokuba yinduna yaseGabeni.
OJingeni
Lo muzi welama iGaba. Wona wawakhe lapho sekuyindawo ebizwa ngokuthi kuseSesifikile namuhla. ISesifikile isentsonalanga yedolobha laseRustenburg.  Kuthiwa iSilo sasikade sihamba namabutho aso sifuna indawo lapho sasingamisa khona umuzi . Kuthiwa sona namabutho aso sathi uma sifika kuleya ndawo lapho sekuyiSesifikile namuhla sayithanda kakhulu leya ndawo ngenxa yobuhle bayo. Sasesithi ‘ nakho-ke zinsizwa sesifikile’. Ngesizathu sokwanda kwezinsiwa zabaTswana ezazingasazi kahle isiZulu izinsizwa zazitshela ukuthi iSilo sasithi igama lendawo yi’Sesifikile’ . Kuze kube namuhla leya ndawo ibizwa ngokuthi iseSesifikile.
ENdinaneni

Lo muzi wawakhe lapho sekuyisibhedlela iSelby . Umuzi waseNdinaneni wawusuka khona eSelby eGoli uhambe njalo uze uyoma ngaseBoyzens. Lo muzi iSilo sawakha sivusa umuzi kayise iNdindaneni yaseMkhuze lapho sasikhulele khona . Induna yaseNdinaneni kwakunguMbhulungwana wakwaMashazi . Ngemuva kwakhe kwathatha indodana yakhe uMfangilele Mashazi.

Yayimningi kakhulu imizi yeSilo uMzilikazi endaweni yaseNtilasifali singabala iPhelandaba,uMhlahlandlela, iNkungwini neminye

Amabutho akithi ngaphansi kweSilo sakithi uMawela:
1.AMagogo kwakunguMagqekeni Sithole awu sukanini madoda iJobe elihle wena waseGubazi
2 . AMatshetshe induna uSifo Masuku
3.IBabambeni kwakunguDakamela Ncube awu sukanini madoda uKhambule omkhulu
4. IDibinhlangu kwakunguMletshe Thebe
5.UJinga kwakunguMletshe Ndiweni
6. UGodlwayo kwakunguDambisamahubo Mafu
7.INdinana kwakunguMfangilele Mashazi . Abantu bakwaMashazi bangabaseMantshalini.
8.INduba kwakunguLotshe Mtshali awu sukanini madoda le nsizwa yiyona eyahola ithimba elaphikelela eLondon kuKhwini lithunywe yiSilo uLobhengula ukuyokwakha ubuhlobo .
9. INgwengwe kwakunguMkhanyeli Masuku awu sukanini madoda uNdwandwe omkhulu Khasakhasa lukaNtombazi
10. INhlamba/eNhlambeni kwakunguThambo Ndiweni
11. INqama induna kwakunguSomhlolo kaMathema Mkhwanazi . Leli butho lingelinye lamabutho ayekanye neSilo uMawela ngenkathi sedukeli . Ibutho leNqaba iningi lalo lafa libulawa izibawu zohlobo lukaNakane khona enhla nezwe. Kusuke kubhekiswe kulo leli butho ezibongweni zeSilo uMawela uma kuthiwa ‘Uze ugawule ubuye nganeno wena kaSokhumalo ,uNakane udla umunyu emifundeni yeZambezi’ . UZambezi umfula ohlukanisa izwe laseZimbabwe nelaseZambiya.
12. INqobo induna kwakunguMazwi Gumede awu sukanini madoda wena waseMthandeni Malandela
13.iNsinda induna kwakunguTshuwe Gwebu . AbakwaGwebu kusengabantu bakwaShabangu . Bahingxenye yaMabhele.
14. INsingo induna kwakunguSomabhulane Dlodlo  . Le nsizwa yaba ngenye yezinduna ezakhinjilwa eNyabazinduna ngecala lokubeka uMntwana uNkulumana iSilo sisaphila.
15.INtemba induna kwakunguNjojo Mlotshwa uyise kaXukuthwayo . Kwathi ngemuva kokushona kwalhe izintambo zathathwa indodana yakhe uXukuthwayo. AbakwaMlotshwa baseZimbabwe bangabakwaMazibuko. Ababona oNtumbeza ,futhi ababona oKhambule.
16. INtunta induna kwakunguMhabahaba Mkhwanazi awu sukanini madoda uNkwaliyenkosi uMayanda omkhulu. Ngemuva kokushona kukaMhabahaba noma ngithi ngemuva kokubaleka kwakhe ebalekela ulaka lweSilo saseMhlahlandlela izintambo zathathwa yindodana yakhe uDliso. Yena wasala empini yaseGadade ngesikhathi sikaMakhobolondo.
16. INxazonke induna kwakunguNtshumane Khanyi awu sukanini madoda uMwelase omkhulu. UNtshumane waba ngomunye wezinduna ezabeka uMntwana uNkulumana . Liyavela igama lakhe ezibongweni zeSilo uMawela uma kuthiwa ” Indaba yenziwe nguNtshumane kwabakwaKhanyi ,wasikaza iWundlu ngophaphe lweNdlondlo ,iNdlondlo isabhula amaphiko’
17. INyathi induna kwakungu Ntabeni Gwebu
18. INzwananzi induna kwakunguMphiliwa Magutshwa awu sukanini uSimelane ,Lokothwayo omkhulu.
19. ISiphezi induna kwakunguMaqundela Sigola. AbakwaSigola bangabakwaLanga ,oSothole ,oShiyabantu . Awu sukanini madoda.

20. AMabhukudwane induna kwakunguMayeke Mthethwa awu sukanini madoda iNdlovu yakoDelwase abayihlabe ngenjongolo bayibangela amanxeba okuluphala.

21. AMahlokohloko induna kwakunguMbambelele Mtshali awu sukanini madoda uMagalela agase njengeNgonyama! UMahlaba ahlikize ! UMantshinga angacoshi kuze kucoshe abafokazana! Awu sukanini madoda uKhondlo omkhulu.
22. AMagoloza /IZigoloza induna kwakunguMankanyana Thebe
23. UMbuyazwe induna kwakunguMhliphi Ndiweni
24. UMhlahlandlela induna kwakunguGwabalanda Mathe. Awu sukanini madoda uNcanana omkhulu. Le nsizwa yiyona eyendlalela iSilo uMzilikazi  ngenkathi sitshalwa eMathopho ngowe 1868. Awu sukanini madoda .
25 . UMzinyathi induna kwakunguMajijili Gwebu
26. INyamayendlovu induna kwakunguMkhokhi Masuku.
27. UYengo/oYengweni induna kwakunguMlotha Khumalo awu sukanini madoda Mntungwa wena wasenhla nezwe! Wena owehla ngomzungulu owomile abanye behla ngezilulu!

28. ISizinda induna kwakunguMaphisa Fuyane.AbakwaFuyane kusengabantu bakwaShabalala ,oMshengu aMaSwazi amahle

29. EZimnyama induna kwakunguMtshamayi Ndiweni   . AbakwaNdiweni kusengabantu bakwaZwane . OMangethe ,oNtshosho oNsele kaLiindamkhonto
30. UZwangendaba induna kwakunguMbiko Masuku awu sukanini madoda uNdwandwe omkhulu wena waseGudunkomo. Le nsizwa yahlabana kakhulu empini yokugcina uMthwakazi ayilwa namabhunu kaHendrick Potigietier . Zabambana ngezihluthu endaweni yaseMangwe Pass buqamama nedolobha lakwaBulawayo. Yadla umhlanganiso ekaMawela . UMbiko waklonyeliswa ngomhlambi wezinkomo ,wagiselwa nendodakazi yeSilo uMawela uZinkabi owayelanywa uNkulumana
*Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi “”Kholo Khumalo TV”

uBerita Khumalo , uMculi

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo